ILobolo

Mayelana Wikipedia

iLobolo mandulo kwakulisiko olwabe lwenziwa ukuhlanganisa imindeni emibili eyabe ifuna ukuba zihlobo ngokushadiselana.

Ingqikithi[hlela | Hlela umthombo]

Ilobolo mandulo kwakulisiko olwabe lwenziwa ukuhlanganisa imindeni emibili eyabe ifuna ukuba zihlobo ngokushadiselana. Izinkomo zamaloboloke zimele izipho ezivela kumkhwenyana, lapho ebonga abazali bentombi afuna ukuyithatha ibe ngumfazi. Lapho umkhwenyana esuke ethi, ngiyabonga Mkhwekazi noMkhwe wami ngokungizalela intokazi eyongitholela abantwana, ngikhulise umuzi kababa. Mandulo amalobolo kwabe kuyizipho ezazimelwe zinkomo. Ngesimanjemanje kodwa izinkomo kwesiye isikhathi sezamelwa yimali, kodwake, noma sekuyiyo imali, isamele zona izinkomo ezazikhishwa kusadliwa ngoludala.

Mandulo izinkomo zamalobolo zabe ziyisithupha (6) nje kuphela;inkomo kamama/Ingquthu (inkomo enkulu, nebiza kunazo zonke ezinye), inkomo kababa, inkomo yomqholiso, inkomo yesikhumba, inkomo yesibhoma nenkomo yebeka. Lezinkomo zabezibizwa ngezinkomo zamaBheka[1]. Kodwake ngesikhathi abantu abamyama besacindezelwe kakhulu amabhunu, ukuze abantu basebenzele amabhunu iskhathi eside beqongelela imali eningi. Umlungu owayebizwa ngo Sir Theophilus Shepstone[dead link] owayedume ngelika Somtsewu ka Sonzica owelutha amantu ukuba balobole ngezinye izinkomo ngaphezulu kwalezi eziyisithupha, ngezinkomo eziyisihlanu (5)[2]. Zithi mase ziphelele zonke zibe yishumi nanye (11). Kulezinkomo ezinhlanu okuzo zibaleka kanje;inkomo yemvulamlomo,inkomo yenhlabisamthimba, inkomo yesiwunkulu, inkomo yesiqondo nenkomo yomncamo [3].

Izinkomo zamaBheka

Indlela Yokwenziwa Kwezinto[hlela | Hlela umthombo]

Insizwake mase izimisele ukuthatha intombi, iyaye ibikele uyise ngalezinhlelo zayo. Uyise ebese ebiza abalingani bakhe abayomsiza ukuyoxoxisana nalabo akakwantombazane undodana azimisele ukuyithatha ibe ngumfazi. Abalingani mase bechazeliwe ngohlelo, kwakubeke sebenquma usuku lokuyovela lena ekhaya lentombi abazimisele ukuyilobola. Ngosuku oluhheliwe, abakhongi laba masebefika emzini wendoda lapho intombi abazoyilobola ihlala khona, bagibela emthini bese bekhuleka behaya ngezithakazelo nezibongo zedoda ephethe lelikhaya okuziwe kulo. Bayo haya lendoda ngezibongo zanyo nezithakazelo kuze omele umdeni wakwa ntombi le ezolotsholwa bazobona ukuthi labantu abazobanga umsindo emzini wendoda bezengani. Mebefika esangweni, omele ikhaya uyathula angasholutho baze abakhongi laba bakhiphe lenkomo emizwa “Imvulamlomo”. Sekuyothi mase ikhishiwe lenkomo, omele abomndeni wankwantombi ezolotsholwa bese ebuza ukuthi amadoda lawa ezengani nakhu bebanga umsindo emzini wendoda. Babeke sebechazake udaba abeze ngalo abakhongi. Uma umndeni uzithanda lezindaba abeze ngazo labakhongi, babeke sebemvunyelwa ukungena ngaphakhathi emzini wendoda bezoqedela izingxoxo abezengazo. Umdeni ubeseke ubiza izintombi zomdeni bacele ukuba abakhongi bakhombe intombi abezengayo. Mase beyikhombile, intombi ibeke isibuzwa ukuthi iyabazi yini labantu. Uma ivuma ithi iyabazi, kubeke sekujatsulwa sekuqhutshekwa nodaba losuku. Izinkomo, amagama azo, izindlela eziphuma ngazo, kanye nezizathu zakhona zichaziwe lapha ngenzansi ngokulandelana kwazo [4] [5]:

  1. Imvulamlomo – lenkomo enikezwa ubaba kamkoti ekuqaleni kwezingxoxo zamalobo, ukuba akhulume nabakhongi. Lenkomo ngencane kunazozonke ezinye, kungaba nje yithole lenkomo.
    Imvulamlomo
  2. Inkomo kamama/Inqguthu - lenkomo umkhwenyana ayinikeza umkhwekazi wakhe. lenkomo ikhishwa ngumkhwenyana ebonga umkhekazi ngokukhulisa umakoti kahle otholakale esayintombi nto. Uma ubuntombi sebalahleka lenkomo umkhwenyana akayikhiphi. Lenkomo ingenkulu nebiza kunazozonke izinkomo zelobolo. Ngaphambi komshado, umakungukuthi intombi ubuntombi bayo bese balahleka, lowo owathatha izimbali zentombi uyahlawula ngenkomo okuthiwa Inkomo yohlanga. Lenkomo ayingeni emagcekeni akamakoti, kodwa ihlatshwa ngaphandle kwegcekelakwamakoti kukhishwe inyongo, bese kuchelwa ngayo umuzi wendoda. Izintombi zesigodi zibe seziyogeza ngenyongo yalenkomo emfuleni ohambayo, zikhiphe ichilo elilethwe yilentombi esigodini sendawo.
  3. Inkomo kababa - lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise kamakoti ebonga ngokukhulisa umakoti.
  4. Umqholiso – lenkomo yokungeniswa kukamakot emzini. Lenkomo ikhonjwa innxeba ngumakoti ngosuku lomshado. Umakoti uthelwa ngenyongo yalenkomo, kanti futhi umakoti akayidli inyama yalenkomo.
  5. Isikhumba - lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya.
    Inkomo yesikhumba
  6. Isibhoma – lenkomo yisiphoumkhwenyana asipha umakoti kuthiwa eyesidwaba sikamakoti ayosiqgoka emzini.
  7. Imbeka – lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.
  8. Inhlabisamthimba – lenkomo ehlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.
  9. Isiwunkulu – lenkomo eyohlatshwa emshadweni ihlatshelwe abesifazane.
  10. Isiqondo – lenkomo inikezwa umakoti mhla ephuma ekhaya eya emzini bethi ngayo ekhaya lakhe adle asuthe angalambi.
  11. Inkomo yomncamo – lenkomo kamakoti ayihlaba ekhaya evalelisa ezintombini zangakubo.

Amareferensi/Umsuka wolwazi[hlela | Hlela umthombo]

  1. Nyembezi,S., and Nxumalo, O.E.H., 1982., Inqolobane yesizwe, 3rd Ed. 233Shuter & Shooter., Pietermaritzburg, 314p
  2. "Archive copy". Archived from the original on 2013-10-31. Kulandwe ngomhlaka 2015-06-27.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  3. Qwabe, S., pers. comm. June 2015
  4. Mlaba, N., and Mlaba, M., pers. comm. Jul 2015
  5. http://ulwazi.org/index.php?title=Amagama_ezinkomo_zokulobola