Abahlali baseMjondolo

Mayelana Wikipedia
Abahlali Assembly, Foreman Road Settlement


Inhlangano yaBahlali baseMjondolo inhlangano enkulu yabantu abampofu eNingizimu Afrika. Akusiyo inhlangano yezepolitiki. Isebenzisana nabanye Abahlali baseMjondolo okubalwa kubo nabadayisi basemgwaqeni,Inamalungu emijondolo engu 34 eyehlukene. Ikhule ngokuqala kubhikishwe eKennedy Road ngoMashi 2005. Umhlaba abawuthenjiswa ukuthi bazokwakhelwa kuwo bathola ukuthi usudayiselwe abacebile, Lokhu kwabenza bagana unwabu ,baqonda lapho bavimba ukuthi kuqhutshekwe nokwakhiwa. Bamashela ku M19 bashisa amathayi lapho kwaboshwa khona abawu 14. uAlfred Mdletshe ohlala kuKennedy wathi bakhathele ukudlala amakhansela ebadayisa. etshela intatheli u-Fred Kockott emva kwalokho Abahlali abawu1200 kuKennedy bamasha befuna kudedelwe amalungu abo awu 14 kodwa avinjwa ngamaphoyisa ngezinja nesisa esikhalisa unyembezi .Ngalobobusuku uSbu Zikode owayengusihlalo ngalesosikhathi emhlanganweni womphakathi wathi “Sisele Sodwa”.

Amamashi angekho emthethweni alandelwa amanye ayesemthethweni okwakumashelwa amakhansela angasebenzi. Yayinabantu abawu 5000 .kwakungcwatshwa ikhansela (Mock Funeral).bazibophezele ukulwela umhlaba nezindlu,ukususwa ngenkani .Emashini eyasukela ku Foreman Abahlali abawu 45. Sebske bamenywa kwi nkulumo mpikiswano ne Meya ye Theku u Obed Mlaba ku Aikhulume uhlelo olukumabonakude. Ngo Septhemba 11,I GAGASI FM lamema u Sbu Zikode no Philani Zungu kanye no Mnikelo Ndabankulu,ukuthi bachaza kabanzi ngomzabalazo wabahlali.Kodwa ababange besafika ngenxa yamaphoyisa ase Sydenham police station.Babavimba babathuka ngezikibha ezibomvu babashaya,bahamba nabo e police station lapho bafike baqhubeka nokuba xhaphaza ngesibhaxu.U Mnikelo bamdabulela isikibha sakhe esibomvu ngoba bethi asingeni e police station.Bathi bazosenza isikolobho sabo.

Ngakusasa bavela e nkantolo belimele ngenxa yokushaywa kanzima amaphoyisa.Unsumpa wale police station u Glen Nayeger wathwetshulwa amanye amaphoyisa eshaya ngesihluku o Sbu no Philani ebangqubuza ezindongeni nokwa holela ekutheni u Philani aquleke.Nase Motala Heights kwenziwa isihluku esifanayo sokuhlukunyezwa kwabantu amaphoyisa,nakweminye imijondolo eminingi.Lolu dlame olubhekiswe kwabampofu lusho ukuthi Abahlali Base Mjondolo basahlalelwe umsebenzi omkhulu wokususwa nokufudulwa kwabantu ngenkani ezindaweni zabo.Abahlali basebenza kanzima beqoqa bafundise imphakathi ngamalungelo abo. Nokubhekana no Masipala ukuthi uma ebahlukumeza, kumele bamyise kanjani e Nkantolo. Umzabalazo uyaqhubeka.

Abahlali Basemjondolo bayisa uHulumeni Wesifunda enkantolo ngokushaywa komthetho wokudilizwa kwemijondolo

NgoLwesibili safaka isicelo enkantolo ephakeme sicela ukuthi inkantolo iveze ukuthi umthetho wesifundazwe sakwa Zulu Natal wokudilizwa kwemijondolo awuhambisani nomthewtho sisekelo wezwe. Namuhla sizwakalisa ukuthi isikhonzi senkantolo sesiwahambisile amaphepha anezethulo zethu kwizikhulu zikahulumeni wesifunda. Iziphakamiso zethu kanye neze sifunda zisezithebeni ukuze izwe lonke lazi ngazo.

Umthetho wokudilizwa kwemijondolo uwukuhlasela abantu abampofu futhi kuthakaselwa kakhulu izinkampani ezidayisa ngemihlaba nakuba abampofu lokhu kubakhalisa. Kucaca ngokusobala ukuthi lomthetho usibuyisela emuva emithethweni yobandlululo njengo (Slums Act sika 1934) kanye nomthetho ka 1951 owawuphikisana nokuhlala endaweni ngaphandle kwemvume. Namuhla sithi emnyangweni wezezindlu akubekhona ingqungquthela ezothanyelwa izinhlangano ezikhethwe ngentando yeningi ezizoxoxisana nohulumeni ngemithetho nezinhlelo zokwakhiwa kwezindlu. Ngeke sikwamukele ukuthi kulomzabalazo ongaka singaqhubela silawulwe imigomo engasiphumelelisi ndawo.

Sithi uhulumeni wethu akafunde kwamanye amazwe ngemithetho elawula izinhlelo zokwakhi wa kwezindlu. Singaphawula amazwe afana nezwe lase Brazil kanye nelase Thailand. Sidinga imithetho ezoqinisekisa amalungelo abantu abampofu emadolobheni. Sidinga imithetho ezoqin isekisa ukuthi imihlaba esemadolobheni yabiwa ngokwezidingo zabantu hayi nje ngokwezidingo zongxiwankulu. Sidinga imithetho ezovikela abantu abahlala emijondolo ukuthi bangabulawa imililo, izikhukhula njengoba kwenzeka e Ash Road eMgungundlovu, ukungalandwa kwemfucuza kanye nezifo ezibangelwa ukungabiko kwezindlu zangasese. Sidinga imithetho ezovimba omasipala ukuthi bachitha imali eningi kwakhiwa izinkundla zemidlalo nezindawo zokungcebelaka sibe thina nezingane zethu sisha nemililo emjondolo, namagundane edla izingane. Kuyinhlamba kithi ukuthi imali iyamoshwa kodwa abantu bebe bebulawa indlala. Sidinga imithetho ezoqinisekisa ukuthi amadolobha ethu ayindawo ephephile kubantu besimame nezingane, nokuthi amaphoyisa azosebenzela abantu, kube nogesi womuntu wonke, izindlu zangasese eziphephile kanye nezokuthutha ezisezingeni elingcono. Sidinga imithetho ezoqinisekisa ukuthi kunoxhaso olubhekene nezinkulisa ezindaweni esihlala kuzo. Imithetho ezovimba ukuthi izizukulwane ezintathu zinqwabelane endlini engamasikwemitha angu 30 ngoba lokho kuthina kuyingcindezelo akusiyo intuthuko. Sidinga imithetho ezonika izidingo nqangi nezinsiza ezifana nezikhungo zezempilo, imitapo yolwazi, ezokuthutha ezibiza kangcono izinkundla kubantu abaxoshwa ezindaweni bayiswa ezindaweni ezifana ne Parkgate ePhoenix kanye neFrance eMgundundlovu. Sidinga imithetho ezonika abantu abampofu amandla okuthatha izinqumo ngendlela abathanda ukuphila ngayo, kubeyibo ababamba iqhaza elikhulu ekuhleleni ukuthi indawo yabo yakhiwe kanjani ngokubambisana nohulumeni kungabi nje ukuthi bathathwelwa izinqumo uhulumeni nezinhlangano asebenzisana nazo. Ngonhlaka 28 September 2007 sabhikisha ngobuningi bethu silwa nalomthetho, sashaywa abangu 14 phakathi kwethu baboshwa.

Ngomhlaka 21 June 2007 sathumela ithimba lethu ephalamende lesifunda ukuyophikisa lomthetho kodwa saphucwa ilungelo lokhuluma.

Ngomhlaka 4 May 2007 sabuthana ehholo lomphakathi e Kennedy ukuzoveza ngokusobala kuhulumeni ukuthi lomthetho asiwufuni kodwa asizange sinakwe. Siya enkantolo ngoba siyazi ukuthi enkantolo ngeke sishaywe, noma siboshwe, noma siphucwe ilungelo lokukhuluma noma singanakwa.

Ngenkathi lomthetho usavivinywa sawufunda umusho ngomusho sizihlukanise ngamaqembu amancane. Sabe sesenza iziphakamiso saxoxisana namalungu ethu ase Thekwini, Pinetown nase Mgungundlovu, ngezizathu nangamaphuzu enza sigxeke lomthetho. Saphinda sahlaba ikhwela lokuthi bonke abathintekayo nabamele ubulungiswa ababhukule babambe iqhaza emkhankasweni wokuqeda lomthetho. Isikhungo sezomthetho e Goli (i CALS) sasabela ngokukhulu ukuzimisela. Kwabakhona uchungechunge lezingxoxo kuboniswana kwaze kwaba kunohlu olwakhiwayo lwezethulo esilufaka enkantolo ephakeme. Konke lokhu kwenziwa ngokubambisana nethimba lethu lezincitha buchopho ezingabahlali basemjondolo. Lelithimba nalo konke elikwenzayo nelikushoyo likuthatha kumalungu ombutho wabahlali basemjondolo. Abameli abaphuma kwa CALS baya enkantolo hayi nje namathemba abantu basemijondolo kodwa namaphuzu okuhlaziya enziwe yibo kanye abahlali basemjondolo. Siya batusa kakhulu abakwa CALS ngabakwenzile.

Kukho konke ukuboshwa esake sabhekana nako kusikela ngo 2005, akukho nelilodwa ilungu lethu eselake latholakala linecala. Asikaze futhi sihlulwe enkantolo uma siyisa uhulumeni. Sahlula imenenja yeTheku iphikisa imashi yethu ngo 2006, sahlula umasipala echitha imijondolo ngokungemthetho ngo 2006 ngokubambisana nabameli bakwa LRC. Nabo futhi sibatusa kakhulu.

Namuhla usuku olukhulu kithina bahlali basemjondolo ngoba siyabona ukuthi asisodwa.

Sizwakalisa ukweseka kwethu bonke abahlali basemjondolo abalwisana nokuchithwa kwemizi yabo egameni lokuqedwa kwemijondolo, ikakhulukazi ozakwethu baseKapa abaphikisana nokuxoshwa ngenkani. Siseka yonke imizamo yabo yokuzicabangela nokuzenzela nokuhola umzabalazo wabo. Siseka nemizabalazo yabantu abathengisa izimpahla ukudla nezithelo emgaqweni. Siseka abahlali basemapulazini abayingxenye yemizabalazo elwa nokudilizwa kwezindlu zabo, ukudliwa kwemfuyo nokuxoshwa emapulazini, ikakhulukazi abahlali base Nkwalini.

Siseka nomzabalazo wabahlali baseZimbabwe abadilizelwa izindlu zabo ngaphansi kohlelo iMurambatswina. Siseka umzabalazo wabahlali baseHaiti abalwa nokucindezelwa ngamazwe ayizikhondlakhondla njengeMelika.

Wonke umuntu ubalulekile ngakho udinga ukuvikeleka kanye nokuhlonishwa kwesithunzi sakhe. Asikwamukeli ukuthi abantu abampofu baphila emijondolo abanye bahlala ezindlini ezingekho esimweni esamukelekile. Kumele siqhubeke nokwakha izikhungo zethu zokuhlaziya amacebo okunqoba kulomzabalazo. Asilwe nokuxoshwa ngenkani, siqhubezele phambili umzabalazo womhlaba nezindlu kuwo wonke amadolobha.

Izindawo esihlala kuzo zingamakhaya kithi akusiyo nje imijondolo yokudilizwa.

Phansi nomthetho ogunyaza ukudilizwa kwemijondolo, iSlums Act.



Abahlali baseMjondolo