AmaZulu

Mayelana Wikipedia
AmaZulu
labantu Isamba
10,659,309 (Ukubala kuka-2001)[1]
Izifunda ezinabantu abaningi
INingizimu Afrika
KwaZulu-Natal 7.6 izigidi[1]
IGauteng 2.9 izigidi[1]
Mpumalanga 1.9 izigidi[1]
IFleyistata 4 izigidi[1]
Izilimi
IsiZulu
(abaningi bekhuluma IsiNgisi, IsiPutukezi, IsiBhunu, IsiXhosa)
Inkolo
ubuKristu, Izinkolo zendabuko
Ahlobene bezinhlanga
AmaNguni, AmaXhosa,AmaSwazi, AmaNdebele

Amakhosi akwaZulu[hlela | Hlela umthombo]

AmaZulu yibona abantu abaningi kakhulu lapha eNingizimu, abeqhawe baningi nje, ingenxa yomlando wesizwe sakwaZulu omude futhi ojulile. AmaZulu angamaNguni futhi ohlobene kakhulu namaSwati, AmaXhosa kanye namaNdebele. AmaZulu atholakala eMozambique, eMalawi, eAngola, eZimbabwe, naseTanzania. AmaZulu akhula kakhulu ngenkathi kubusa inkosi uShaka kaSenzangakhona, okunguyena owahlanganisa izinhlanga ezahlukene ukuze kube isizwe esisodwa. Amagama esiZulu aseze angena nasolwini lwesingisi futhi uZulu udume umhlaba wonke. AmaZulu yibona abantu abadume kakhulu eAfrika ngenxa yeqhaza amakhosi namaqhawe akwaZulu alidlala ngenkathi belwa nabelumbi belwela umhlaba wabo. UZulu wanqoba amaNgisi kabili ezimpini ezahlukene, into ebingakaze yenzeke, kwazise phela isibhamu sasingakaze sihlule umkhonto nesihlangu. AmaZulu aqhamuka phesheya neAfrika phecelezi, North Africa, lapho aye yingxenye yesizwe samaNguni, okwakuyibona abantu baseGibhithe bebalekela isomiso sogwadule iSahara. Lapha eNingizimu badibana namaKhoi-San, okuyibona abantu bakuleli bokuqala. IsiZulu sikhulunywa yiningi labantu baseSouth Africa. Sitholakala eMndenini wezilimi obizwa ngokuthi amaBantu Languages.

Igalari[hlela | Hlela umthombo]

okunye okuthinta loku[hlela | Hlela umthombo]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 1.2 1.3 1.4 International Marketing Council of South Africa (9 July 2003). "South Africa grows to 44.8 izigidi". southafrica.info. Archived from the original on 22 May 2005. Kulandwe ngomhlaka 4 March 2005. External link in |publisher= (help)

Imithombo yangaphandle[hlela | Hlela umthombo]