Amalungelo abantu eNingizimu Afrika
Amalungelo eSintu aseNingizimu Afrika awumhlahlandlela wokuvikeleka kubuntu bomuntu. Amalungelo ayasipho sokuqala indalo esipha umuntu ekuzalweni kwakhe. E Mzantsi Afrika uhlu lwamalungelo abantu luyisizinda somthethosisekelo. Umthethosisekelo iwona mthetho omkhulu ezweni, ngisho uhulumeni akanawo amandla ngatphezu kwawo, yingakho uhulumeni engenalo igunya lokushicilela imithetho engqubuzana namalungelo abantu.
Ukubaluleka kwamalungelo ezingane
[hlela | Hlela umthombo]Amalungelo abantu abululekile ngoba.......ENingizimu Afrika mhla zingama-21 kuNdasa wusuku lwaMalungelo eSintu, lapho kusuke kukhunjulwa khona bonke abalahlekelwa izimpilo zabo bemsaha ngonyaka wezi-1961. Ngalolu sauku kusuke kungakhunjulwa kuphela labo abahlekelwa zimpilo zabo ngonyaka wei-1961 kepha kususkue kuqhakambiswa ukubaluleka kokuvikelwa kwamalungelo abantu baseNingizimu Afrika. Akekho noyedwa umuntu ovumelekile ukufiphaza amalungelo omunye umuntu.
Uhlu lwamalungelo
[hlela | Hlela umthombo]Zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika zinala malungelo alandelayo. Lamalungelo angena ngaphansi kwezibaya ezintathu.
Isibaya sokuqala
[hlela | Hlela umthombo]Esokuqala sibhekene nokuvikeleka komuntu ngqo. Ngaphansi kwalesi sibaya kubekwa ukuvikela abantu ekubeni isisulu salabo kumbe kwalowo osesikhundleni. Ngaphansi kwalesi sibaya singabala lemithetho elandelayo:
- Ukulingana: lomthetho uthi akekho umuntu onemvume yokuba acwase noma abandlulule omunye umuntu ngokungemthetho. Uqhubeka uthi akekho ovumelekile ukuphatha abanye umuntu ngendlela engamahloniphi kunabanye abantu ngenxa yobuzwe, ubulili, iminyaka, isonto, amasiko ukukhubazeka kanye nobulili ababo.
- Isithunzi somuntu: isithunzi somuntu kufanele sihlonishwe futhi sinakekelwe.
Hlonipha amalungilo abanye abantu.
- Inkululeko nokuvikeleka: Akuvumelekile ukuba umuntu agcinwe ejele ngaphandle kwesizathu esizwakalayo ngaphandle kwesizathu esizwakalayo noma ngaphandle kokwahlulelwa. Akuvumelekile ukuba umuntu aphathwe ngesihluku, ngendlela enobulwane noma enokubukela phansi. Umuntu uvumelekile ukuba akhlululeke kunoma iyiphi inhlobo yedlakadla noma udlambedu.
- Ilungelo lokubeka umbono wakho, ulalelwe.
Isibaya sesibili
[hlela | Hlela umthombo]Lesi sibaya siqondene nomphakathi kanye nenhlalakahle yawo. Kulesi sisbaya kubhekwa amangxathu athathwa nguhulumeni ekucubunguleni, kanye nasekuhlaziyeni izidingongqangi zabantu. Lapha kuphinde kubhekwe wonke amagxathu athathwa umbuso ekuqinisekeni ukuthi wonke umntwana waseNingizimu Afrika unethuba lokuthola imfundo. Kuphinde kubhekawe yonke imizamo engeziwa umbuso ekiqinisekenei ukuthi bonake abadala baqashiwe futhi bayanakekelwa.
Isibaya sesithathu
[hlela | Hlela umthombo]Lapha kibhekwa ukuvikeleka kwamaqembu athize, okungaba ezenkolo, ezombusazwe, amasiko njalo njalo. Njengoba IiNingizimu Afrika iyizwe elinamasiko amaningi kanye nezinkolo eziningi manje kubalulekile ukuthi kube khona ukuhloniphana pakathi kwazao futhi ziphinde zinikezane indawo kanye nesithunzi esifanele.
Noma ziningi izindlela ezibekiwe ukuvikela amalungelo abantu, kodwa nomuntu ngamunye unomqansa omkhulu wokuqinisekisa ukuthi ilungelo lakhe alithikamezi amalungelo abanye abantu.
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]