Brenda Fassie
Brenda Fassie | |
---|---|
Igama lokuzalwa | Brenda Nokuzola Fassie |
Ubezalwa |
3 ngoLwezi 1964 kwaLanga,eKapa,eNingizimu Afrika |
Ubefa |
9 ngoNhlaba 2004 eNingizimu Afrika | (iminyaka ama-39)
Izinhlobo | i-Afropop, ikwaito, uMbaqanga |
Abasebenzi | umculi |
Amaqembu | CCP Records |
UBrenda Nokuzola Fassie (3 ngoLwezi 1964 – 9 ngoNhlaba 2004) wayengumculi waseNingizimu Afrika. Iphephandaba laseTime lambiza “The Madonna of the Townships” (UMadonna Wamalokishi). Futhi wayebizwa ngeNdlovukazi yomculo we-Kwaito, isidlaliso sakhe singu-MaBrrr.[1]
UBrenda Fassie uvela kwaLanga eKapa. Ubizwa uBrenda waqanjwa ngoBrenda Lee, ongumculi waseMelika. Umama wakhe wayedlala ipiyano yingakho UBrenda Fassie wawazi umculo esengumtwana.[2]
Eneminyaka engam-16, waya eSoweto eGoli ukuba ngumculi.[2] Wenze ibhendi uBrenda and the Big Dudes. Ngo1983 iculo labo u“Weekend Special” laba lirekhodi lepulatinami[3][4] . UBrenda Fassie washiya i-Big Dudes, washiya umyeni wakhe waqala ukusebenzana nomkhiqizi waculo, uChicco Twala.[4] Ngo1989 benza i-alibhamu “Too Late for Mama,” ngonyaka olandelayo benza i-alibhamu “Black President.” Amaculo akhe abizwa “bubble gum.”[1][5] Ahlanganise uMbaqanga ne-pop. Wacula iculo “Black President” ngoNelson Mandela. Uhulumeni waseNinginzimu Afrika walivala ngeli culo ngoba laligxeka uhulumeni wobandlululo.[4]
UBrenda Fassie waqala ukuba nezinkinga. Wadla noma wabhema izidakamizwa waphuza nezidakisi. Wayengulutha ngoba izidakamizwa zamluthaza . Ngo1995 isithandwa yakhe uPoppie Sihlala washona yithamo eleqileyo[6] . UBrenda Fassie waya kwi-rehab. Ngo1998, wenza i-albhamu uMemeza.[1] Amakophi ale albhamu athengiswa ukudlula onke amanye ama-albhamu ngo1998 eNingizimu Afrika.[7] Amaculo akhe aqukatha iculo u-Vulindlela. I-African National Congress yalisebenzisa iculo uVulindelela ngesikathi souketho[8]. Ama-albhamu amanye aqukhatha uNomakanjani nelithi Amadlozi.[9]
UBrenda Fassie wasiwa esibhedlele ngomuhla we-26 kaMbaso (kaApreli) ngo2004. Wavakashelwa nguNelson Mandela noWinnie Mandela noThabo Mbeki esibhedlele. Kodwa, walala isihlwathi .[10][11] UBrenda Fassie washona nhomuhla we-9 kaMeyi ngo2004.
IFA (i-Legacy)
[hlela | Hlela umthombo]UBrenda Fassie wathegisa amaculo amaningi. Wazuza imiklolmelo emihlanu yaseImiklomelo Yomculo waseNingizimu Afrika (South African Music Awards). Ngo2004 uVulindlela wakhewthwa ukuba liculo leshumi[12]. Futhi, UBrenda Fassie wayeyilembe kumphakathi wezitabani[13].[6] Abalandeli bakhe baqukatha uNelson Mandela noWinnie Mandela[14][5].
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ 1.0 1.1 1.2 Philadelphia, Desa (15 September 2001). "Brenda Fassie. Africa. The Madonna of the Townships". Time. Kulandwe ngomhlaka 28 April 2018.
- ↑ 2.0 2.1 Mazibuko, Thobile (5 May 2017). "Remembering Brenda Fassie – 13 years on". IOL. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 28 April 2018.
- ↑ Mathe, Sam (2 August 2013). "Special team behind the MaBrr magic". Mail & Guardian. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.
- ↑ 4.0 4.1 4.2 Olah, Nathalie (8 December 2013). "Brenda Fassie: The Woman That Begged Mandela To Sing". Noisey. Vice. Kulandwe ngomhlaka 28 April 2018.
- ↑ 5.0 5.1 Mathe, Sam (2014). "Brenda Fassie: a revolution without harmony". Africa is a Country. Kulandwe ngomhlaka 29 April 2018.
- ↑ 6.0 6.1 Krouse, Matthew (17 May 2004). "Brenda the lesbian icon". Mail & Guardian. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 27 April 2018.
- ↑ "Brenda Fassie: A very human hero". BBC News. 10 May 2004. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.
- ↑ McNeil, Donald G. Jr. (17 May 2004). "Brenda Fassie, 39, South African Pop Star, Dies". New York Times. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.
- ↑ Brenda Fassie, Discogs.
- ↑ "Mbeki to visit Brenda Fassie". News24. 5 May 2004. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.[dead link]
- ↑ "Mandela visits Fassie". News24. 10 May 2004. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.[dead link]
- ↑ Haskins, Sylvester; Mashego, Mojalefa (7 May 2004). "Fassie gets Song Of The Decade nomination". IOL. Kulandwe ngomhlaka 29 April 2018.
- ↑ Stein, David (9 May 2014). "BRENDA: THE 2003 MAMBA INTERVIEW". Mamba. Kulandwe ngomhlaka 27 April 2018.
- ↑ Nemakonde, Vhahangwele (3 November 2015). "When Brenda Fassie made Mandela dance". Citizen. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 29 April 2018.