Indlu ye Satyagraha

Mayelana Wikipedia

Indlu Ye Satyagraha, eyaziwa njengendlu ka Gandhi, itholakala engxenyeni yase Johannesburg. Lendlu ilapho u Mahatma Gandhi ayehlala khona waphinde wasebenzela khona phakathi kweminyaka yabo 1908 kuya ku 1909. yaziwa njenge ndawo yamagugu nobuciko.lendlu beyinendawo yokudlala umphebezo kanye nesibaya sama Hhashi kodwa uGhandi kanye no Kallenbach babengaphili impilo yezigwili baguqula indlu bayenza indawo ebebazophila impilo elula.

uGhandi wayelala kwindawo ebingasenhla lapho begibela khona ngomzila wendlu , ngenca ka Ghandi impilo ka Kallenbach yaba noshintjo olukhulu, bobabili babengadingi imali eningi ukwanelisa izidingo nqanti zabo .indlu bayishiya ngo 1909 yathengwa abantu abaningi ngaphambi kokuthengwa yinkampani yezokuvakasha yase France ebizwa ngokuthi I Voyaguers du Monde , eyabese iyayiguqula iyenza indawo yamasiko neyokulala kanye neyabavakashi Khona manje lendlu inakekelwa u Lauren Segal , onolwazi olunzulu ekunakekelweni kwezindlo zamasiko kanye nezabavakashi , ukulwa ngaphandle kodlame okunye lendlu emele kona eNingizimu ne Afrika

Umlando[hlela | Hlela umthombo]

Gandhi, Sonia Schlesin (umabhalane kaGhandhi), Hermann Kallenbach

Ngo 1904 u Ghandi wahlangana no makhi wezindlu u Hermann Kallenbach owayeyi Juda laseJalimani, wamakhela lendlu ayenza ayisusela esibayeni sezinkomo, kungakho ibizwa ngokuthi isibaya (kraal).[1]

Ezokuvakasha[hlela | Hlela umthombo]

Lendlu ithola izivakashi eziningi ngonyaka, ezinye zalezo zivakashi yizizukulwane zikaGhandi uEla Ghandhi, noTara Ghandi ngonyaka ka2014.[2]

  1. http://www.satyagrahahouse.com/en/Gandhi-History-Johannesburg
  2. http://www.satyagrahahouse.com/en/actus