Izikhothane

Mayelana Wikipedia

Izikhothane (Skothane noma ukuKhothana) yigama lesisZulu elamaqembu abantu abavame ukutholaka emalokishini ase Ningizimu Africa abathanda ukuzibonakalisa ngokomnotho wabo phambi kwabantu. Embuthanweni efana neye mingcwabo, imishado noma emicimbini ethize ehlelwe yizona Izikhothane, la okwenziwa imincintiswano yokubonakalisa iminotho yazo lezo Izikhothane. Iminotho lena kusuke ku ngama cellphone, imali, izimpahla noma ugologo . Isikhothane esingene kulo mncintiswano singathatha izicathulo zaso ezibizayo siziphonsele emlilweni . Leso Sikhothane siyobe sikhombisa ukuthi asinandaba nazo lezo zicathulo ngoba phela sona sinemali singathenga ezinye ezifanayo noma ezibiza okudlula lezi esezishisiwe. Isikhothane singathatha iwashi laso elibizayo kakhulu siliphihlizele phansi. Izikhothane eziphumelela kulomncintiswano yilezo ezine zinto eziningi ezibizayo zokumosha.

Umdabuko[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi izikhothane liqhamuka emagameni amabili esiZulu : ukukhotha nokukhothana. Yigama lase lokishini elichaza umuntu onezimpahla ezibizayo. Igama lokukhotha lisentshenziswa Ngoba umuntu onenqwaba yemali ukhotha umunwe wakhe ukuze ayibale kahle imali yakhe. Emicimbini yezikhothane abanye beza ne “desert custard” (iyabiza) bese bezininda ngayo, bezama ukukhombisa ukuthi bane mali eningi.[1]

Saqala ukuzwa ngezikhothane ekuqaleni kuka 2000 elokishini lase Sowetho nase Diepsloot eNingizimu Africa. kwaphela iminyaka eminingi abantu bengayinaki imicimbi yezikhothane. Izikhothane ziqale ukuduma kakhulu ngonyaka ka 2011 kusiyaphambili. Izenzo Zezikhothane zikhumbuza iningi labantu baseningizimu Africa amaSwenka ayedume kakhulu ngeminyaka yabo 1950’s eGoli. Amaswenka kwakungabantu ababe vela ezindaweni ezihlukahlukene belande ukuzosebenza eGoli. Babethanda ukuqgoka izimpahla ezibizayo, beqgoka kahle impela. Babenokuhlela imincintiswano yokuthi kutholakale ukuthi ngubani owayeqgoka kahle ukudlula abanye.[2] Owaye nqoba kulemincintiswano yokuqgoka kahle waye nikwa imali, izimphahla noma imfuyo. Ayejabula amaswenka ma ewinile Ngoba ayesengakwazi nokuthumela umndeni wakhe imali.

Izenzo zezikhothane[hlela | Hlela umthombo]

Izikhothane zizalwa ebumpofini. Zithanda ukuphila impilo engaphezukwe mali ezinayo. Zithenga izinto ezidulayo ziyiqede yonke imali yazo. Ziqgoka izimpahla ezenziwa ngamaDesigners adumile. Nogologo eziwuphuzayo yilo obiza kakhulu. Kulemicimbi yabo bayaziphula nomabadabule izimpahla zabo ezibizayo ukuze babukeke njengabantu abanothile abanemali. Ngaleyo ndlela bayahlonipheka emphakathini. uKuze ubizwe njenge Sikhothane kufanele ubenezimpahla ezibizayo ezama “brand”. Izikhothane zinokuthenga izimpahla ezifanayo ezibizayo ukuze zizokwazi ukudabula enye yalezompahla ngesikhathi somcimbi. Ziyaye zibuye ziqgoke izicathulo ezinombala ohlukile kunesinye.[3] Lokhu kukhomba ukuthi banayo imali njalo banazo izicathulo ezibizayo eziningi. Mabethenge impahla abayikhiphi i “price tag” ukuze kubonakele ukuthi iyabiza leyo mpahla.

Izimpi ZeziKhothane[hlela | Hlela umthombo]

Injongo[hlela | Hlela umthombo]

Injongo yomcimbi wezikhothane yikuthi kubonakale ukuthi ngubani onomnotho odlula owabanye. Awukho Umvuzo owutholawo ngokungena kulemicimbi. Izikhothane zisuke zenzela ukuthi zibonakale ukuthi zinothile zihlonishwe ngumphakathi nokuthi zithandwe ngabantu abazibukelayo.

Kuphi[hlela | Hlela umthombo]

Izikhothane sezitholakala emalokishini amaningi kiyoyonke iNingizimu Africa jikeleze. Lemicimbi yenziwa ezindaweni ezinabantu abaningi ezifana nama “parks”. Lokhu kwenzelwa ukuthi abantu bakwazi ukubukela amaqembu ezikhothane ebhikisha.

Ngobani[hlela | Hlela umthombo]

Intsha eneminyaka engaba phakathi kwe shumi nambili namashumi amabili nanhlanu yiyona ethanda ukungena amaqenjini ezikhothane. Amantombazane nawo aseyatholakala kulamaqembu. Okubaluleke kakhulu emaqenjini ezikhothane yikuncintisana ekumosheni izinto ezibizayo. Abamosha kakhulu kunabobonke yibona abanqobayo.

Iyenziwa Kanjani lemicimbi[hlela | Hlela umthombo]

Ukuze isikhothane singene emncitiswaneni wezikhothane kumele sithenge izinto ezibizayo ezifana nezimpahla,izicathulo,ugologo nakho konke okangabe kubiza kakhulu. Izimpahla eziqgamile zikhonziwe kule mincintiswano. Oqgoke izimpahla ezibiza kunabo bonke nguye ozonqoba. Uma izikhothane sezifikile emicimbini, labo abancintisanayo babizelwa ngaphambili. Abancintisanayo basuke lapho bajayive bebukisa ngempahla yabo ebiza kakhulu. Ngesikhathi bejayiva bebukisa ngempahla zabo bazikhumula lezompahla bazidabule, badabule nemali abanayo baphule ugologo abaze nabo, nomabageze ngawo izandla zabo. Okunye kungase kushiswe ngaleso sikhathi. Macellphone labiza kakhulu aphonselwa emanzini.[3] Konke lokhu kubonakalisa ukuthi abazinaki impahla ezibizayo ngobaziningi, nemali iningi bangathenga ezinye nomakunini. Ababukeli yibona abazosho ukuthi wubani onqobile.

Imikhuba[hlela | Hlela umthombo]

Kuyacaca ukuthi Intsha ephenduka ibe yizikhothane ayilibheki kakhulu ikusasa labo. Abazimiselanga ukusebenzisa imali ngendlela efanelekile futhi emqoka. Izinto zomhlaba bazithathela phezulu.[2] Bajahe ukuduma nokwaziwa ngamawala amakhulu. Izikhothane zona zibangwa yisifiso sokubalekela indlala ukuqhathwa ngenxayobu mpofu.

Umbukiso[hlela | Hlela umthombo]

Ngamafishane[hlela | Hlela umthombo]

  1. Capron, Alexandre (2013-09-09). "'Izikhothane': South Africa's bizarre money-burning trend". France24. International News 24/7. Archived from the original on 2013-12-03. Kulandwe ngomhlaka 2013-12-07.
  2. 2.0 2.1 Nkosi, Sibongile (2011-10-11). "Burn after wearing -- township kids' hottest fashion statement". Mail & Guardian. M&G Online.
  3. 3.0 3.1 Unknown (2012-07-18). "Burning Bling". The Star Newspaper. Independent Online.

Okunye okuphathelana naloludaba[hlela | Hlela umthombo]

Okufinyelelisa kwezinye izindaba[hlela | Hlela umthombo]