K.E Masinga

Mayelana Wikipedia

King Edward Masinga (1904- 1990) owayebuye aziwe ngokuthi Shobane ka Mangethe abuye azinwe ngokuthi Umfana weKheshi wabe enguthisha owaphenduka owom-Afrika wokuqala ukwethula izinhlelo izinhlelo emsakazweni emlandweni waseNingizimu Afrika. UMasinga ungomunye wabasakazi bokuqala ukusakaza esiteshini sesiZulu asabe saziwa ngokuthi i-Radio Zulu. Ngaphandle kokusakaza wayebuye abe ngumqambi wamaculo ayewabhala ngolimi lwesiZulu.Wayebuye abe ngumbhidisi weqembu lomculo (ikwaya) alabe lisungulwe nguye ukuze licule amaculo ayewaqambile.

Isiqalo sempilo nemfundo[hlela | Hlela umthombo]

U K.E Masinga umethuli womsakazo wokuqala wesiZulu.

UMasinga wazalelwa endaweni yasendaweni yaseMzumbe ngonyaka wezi-1904. Wazalwa ngabazali abangamakholwa, amaKhrestu. Ngenxa yokugejana kwamsiko esiZulu kanye nenkolo yobu Khrestu ubaba wakhe owabe engumakhi wezindelu kwamphoqa ukuba abaleke endweni ayehlala kuyo ukuze abe yisithunywa senkolo. Wazinza eMzumbe lapho ayeshumayela aphinde afundise ngenkolo yobuKhrestu [1].

Kwathi lapho K.E Masinga eseniminyaka eyisi-6 waqala welusa izimbuzi kanye nezinkomo zikayise. Lomsebenzi wabe ewuqala ngehora lesi-5 ekuseni ngovivi njalo. Kwakuthi ngehora lesi-8 adle is isidlo sasekuseni okwakuba ngumdokwe aphinde abuyele ukuyobheka izinkomo nezimbuzi. Kwakuthi njalo ngehora lesithathu ntambama alibangise esikoleni. Kwathi eseneminyaka engama-11 uyise wadlula emhlabeni, lapho umndeni wakhe waphoqeleka ukuba uthuthele endaweni yaseNanda[1].

Umndeni usuthuthele endaweni yaseNanda, uMasinga waqala ukufunda esikoleni esasungulwa ngu Mfu John Dube nowakwakhe uNokutela Dube esibizwa ngokuthi Ohlange Institute. Umama wakhe wayebaba amatoho ukuze akwazi ukuthi akahokhele imfundo yakhe. Umama wakhe owaneminyaka engama-60 wabemaba amatoho okuwasha izingubo abuye athole amatoho owkulima emasimini, yena wadlula emhlabeni eseneminyaka engama-83. UMasinga waqeda Ohlange Institute wabe sedlulela e-Adams College lapho afunda khona umatikuletsheni kanye neziqu zobuthisha .

Umsebenzi[hlela | Hlela umthombo]

Emva kokuthola isitifiketi sakhe sobuthisha waqala ukusebenza njengothuisha, waze wagcina esenguthisha omkhulu. Kwathi ngonyaka we-1941 eseneminyaka engama-37 wabe esefunaka ukushintsha umsebenzi wobuthisha, efuna ukwenza into ehlukile. Kwasekusele izinsuku ezimbili ngaphambi kokuthis kushaye ukhisimusi, lapho Umasinga ezihambela emgwaqeni owabe waziwa ngokuthi u-Aliwal Street edolobheni laseThekwini wadlula ibhilidie elabe libizwa ngokuth ise-African Broadcasting Studios. Ngaphandle kwaleli bhilidi kwabe kukhona onogada abamutshela igama lebhilidi nokuthi izindlu zokusakaza, nabuye bamtshela ukuthi abekho abangama-Afrika abasebenza khona ngaphandela kwabenza itiye naba hlanza ibhilidi [2]. Nebala uMasinga wangena ngaphakithi kwaleli bhilii wafike wakhuluma nomphathi wakhona lapha uHugh Tracy [3][4][1].

UHugh Tracy waqala wangabaza ukumqasha njengoba wabe engum-Afrika ofundile. Emva kokuxoxa isikhashana uHugh wawabona ukutji isikhala som-Afrika ofundile sabe sikhona emsakazweni okuyilapho amqasha khona ukuba azokwethula izinhlelo ngolimi lwesiZulu. Ngalo lolo suku ngehora lesi-7 uMasinga waqopha umlando ngokuthi abe ngu-Afrika wokuqala ukuthi asakaze umbiko wezindaba ngesiZulu emsakazweni abantu babengakukholwa lokhu ababekuzwa[5]. Ngokuhamba kwesikhathi walandelwa ngamanye amavulindela kwezomsakazo okubalwa kuwo oHubert Sishi kanye noGuybon Mpanza-bobathathu bagcina sebaziwa ngokuthi i-"the threesome" [2].


Ngonyaka wezi-1957 uMasinga wamenywa uHulumeni waseMelika ukuba izinyanga ezimbili ukuyofunda ngezikaqedisizungu kanye nokuthi azokhuluma kabanzi ngomculo wesiZu Ngonyaka wezi-153 waphinde wamenywa ukuba azokwethula inkulumo kwi-African Literary Committe. Ngaso lesi sikhathi uMasinga wahumusha imidlalo eayabe ibhalwe ngu-Willian Shakespere, eyabe ibhalwe ngesingisi wayihumshela esiZulwini [4].

Mhla zi-1 kuNhlangulana wangonyaka we-1960 umskakazo wesiZulu wasungulwa, uMasinga waba ngabakuqala ukusakaza kuwo lomsakazo owabe ubizwa ngokuthi i-Radio Bantu. Ngonyaka wezi-1975 igama lalomsakazo laguqulwa labizwa ngokuthi i-Radio Zulu. Ngenxa yemithetho yobandluluo eyabe ikhona ngalesi sikhathi Muasinga nabanye abasakazi uhulumeni wabe ebaqaphe ngeso lokhozi konke ababakusho emsakazweni, ngalokhu kwakumele bawakhethe amagama abo emoyeni okungenjalo umsebenzi wabe uzophela. Washiya phansi umsebenzi esiteshini somphakathi eseneminyaka engama-65 ngonyaka we-1989, kodwa waphinde waqashwa kabusha kwa-SABC lapho aqhubeka nokusakaza waze wadlula emhlabeni[1][3].

Impilo yangasese[hlela | Hlela umthombo]

UMasinga washada izikhathi eziyi-8 kuyo leyomishado wathola amadodakazi amahlanu. Wonke amadodakazi akhe ayehlala na naye, wabe enemithetho eqinile kiwo amadodakazi akhe negankathi esakhula. Kodwa wabe ungubaba onamahlaya, ehlezi eneme futhi ehlezi ewahayela izinkondlo amadodakazi akhe[4].

Ngoba wabe ungumuntu ozikhululekele futhi wabe ekhonzile ukukhuluma, ngalokhu wayehlezi emenywa emicimbini kanye nasemishadweni eminingi ukuzokwethula izinkulumo. Kuyo leyomicimbi wabe engazilungiseleli izinkulumo wayevele ahlale endabeni. Wayekuhkonzile ukucula uma kukhona odlala isigingci[4].UMasinga wabe eyigcokama wayebonaka ngedlela ayagqoka ngayo, wabe e...... Igceke lomuzi wakhe owabe usendaweni yaseLamontville wabe unengadi enhle yezimbali, ngoba ukutshala nokulungisela izimbali kwabe kuyinto ayikhonze kakhulu [1][3].

Ukugula nokudlula emhlabeni[hlela | Hlela umthombo]

Eseneminyaka engama-67 uMasinga waqalwa isifo esamhlasela emehlweni lapho ahlinzwa khona izikhathi eziningi, nokwaholela ekutheni agcine engasaboni. UK.E Masinga wadlula emhlabeni eseneminyaka engama-86 ngonyaka we-1990 [1].

Ukuhlonishwa[hlela | Hlela umthombo]

Umgwaqo wasedolobheni laseThekwini owabe ubizwa ngokuthi u-Old Fort Road waguqulwa wabizwa ngokuthi uK.E Masinga Road, ukuhlonipha leqhawe kwezomsakazo[1]. Ukhozi FM lunezindondo ezibizwa ngokuthi Amaqhawe Okhozi Achiever Awards, kulezindondo, indondo ephezulu kunazo zonke iqanjwe ngaleli qhawe[4].

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]

Ukhozi FM

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 1.2 1.3 1.4 1.5 1.6 "KE Masinga Formerly Old Fort". 1 Ncwaba 2012. Archived from the original on 2018-11-09. Kulandwe ngomhlaka 20 Ntulikazi 2018. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  2. 2.0 2.1 Template:Citeweb
  3. 3.0 3.1 3.2 "K.E Masinga". 2 Ndasa 2006. Kulandwe ngomhlaka 20 Ntulikazi 2018. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)[dead link]
  4. 4.0 4.1 4.2 4.3 4.4 Template:Citeweb
  5. Template:Citeweb