KwaMashu

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Kwamashu)

KwaMashu yilokishi eliseduze ne Theku, esifundazweni saKwaZulu-Natali, eNingizimu Afrika. Lelokishi lakhiwa nguhulumeni wobandlulo elakhela abantu abamnyama.

Umlando[hlela | Hlela umthombo]

Leli lokishi lizala abantu abadumile abaningi yize-ke lidume ngobugebengu. Lenzelwa abantu abamnyama nguHulumeni wobandlululo ngeminyaka yalo phela ubandlululo.

Kwathi ngonyaka ka-1994 kwabe sekuvunyelwa nabezinye izinhlanga ukuthi bakwazi ukuhlala kuleli lokishi. Ilokishi leli lakhiwe eduze kwezindawo ezifana ne-Newlands East kanye nePhoenix. Linabantu abalinganiselwa engxenyeni yesigidi (500000) uma lihlanganiswa namalokishi angomakhelwane, okuyiNtuzuma kanye ne-Inanda. Empeleni lawa malokishi uma esehlanganiswa ngokukamasipala nohulumeni abizwa nge-INK okuyigama elimele ukuthi Inanda Ntuzuma and KwaMashu.

Amalokishi Ahlobene[hlela | Hlela umthombo]

Abantu abongosaziwayo[hlela | Hlela umthombo]