Kwamashu
From Wikipedia
KwaMashu Township ilokishi eliseduze neTheku, eNingizimu Afrika elenzelwa abantu abamnyama.
[hlela] Umlando
Leli lokishi lizala abantu abadumile abaningi yize-ke lidume ngobugebengu. Lenzelwa abantu abamnyama nguHulumeni wobandlululo ngeminyaka yalo phela ubandlululo.
Kwathi ngonyaka ka-1994 kwabe sekuvunyelwa nabezinye izinhlanga ukuthi bakwazi ukuhlala kuleli lokishi. Ilokishi leli lakhiwe eduze kwezindawo ezifana ne-Newlands East kanye nePhoenix. Linabantu abalinganiselwa engxenyeni yesigidi (500000) uma lihlanganiswa namalokishi angomakhelwane, okuyiNtuzuma kanye ne-Inanda. Empeleni lawa malokishi uma esehlanganiswa ngokukamasipala nohulumeni abizwa nge-INK okuyigama elimele ukuthi Inanda Ntuzuma and KwaMashu.
[hlela] Amalokishi Ahlobene
- Inanda (IsiNgisi)
- Ntuzuma
- uMlazi (IsiNgisi)
- Chesterville
- Lamontville