Sol Plaatje

Mayelana Wikipedia
Solomon Tshekisho Plaatje
Ubezalwa 9 ngoMfumfu 1876(1876-10-09)
Doornfontein near Boshof, Orange Free State
Ubefa 19 ngoNhlangula 1932(1932-06-19) (iminyaka ama-55)
Pimville, Soweto
Resting place West End Cemetery, Kimberley
Ubuzwe UmNingizimu Afrika
Occupation Umbhali nosoMbusazwe
Known for elinye lamalungu asungula i-ANC

Solomon Thekisho Plaatje (9 ngoMfumfu 1876 – 19 ngoNhlangulana 1932) wabe eyintatheli, usozilimi, usombusazwe, umhumushi kanye nombhali. UPlaatje wabe engumunye wamalungu abumba iqembu le-South African Native National Congress (SANNC) ngonyaka we-1912. Emva kokubunjwa kwe SANNC waqokwa ukuba nguNobhala Jikelele wokuqala kulo leli qembu, elagcina selaziwa njenge-African National Congress (ANC) ngonyaka we-1923.

Impilo ka-Sol Plaatje[hlela | Hlela umthombo]

OkaPlaatje wazalelwa endaweni yaseDoornfontein ngase Boshof, eOrange Free State eyindodana yesi-6 kamadodana ayi-8. Igama likamkhulu wakhe kwabe kungu Selogilwe Mogodi, kodwa umqashi wakhe wabe emteketisa ngelika-Plaatje emva kwalokho umndeni leli gama njengesibongo sawo. Abazali bahke okwakungu Johannes and Martha babengamlungu esizwe saba-Barolong abakhuluma isiTswana futhi bengamaKrestu besebenzela izithunywa zenkolo kwamamishini eNingizimu Afrika. Ngesikhathi oseneminyaka e-4 abazali bakhe bathuthela kwimishini yamaLuthela yase-Pniel maduzane neKhimbali beyosebenzela isthunywa senkolo uErnst Westphal, kanye nowakwakhe uWilhelmine. Kuyo lendawo okaPlaatje wathola ithuba lemfundo eqondile efundiswa yilo ibandla lamaLuthela. Khona emabangeni aphansi wakhombisa ukukhalipha kobuchopho bakhe, yilapho uNkk. Westphal wamthatha wamfundisa ngasese ngokuthethe xaxa. UNkk. Westphal wamfundisa ukudlala ipiyano kanye ne vayolini waphinde wamfundisa nokucula.

Ngonyaka we-1892 eseneminyaka engama-15 wathola ithuba lokuthi afundise, lesi sikhundla wasibamba iminyaka emibili. Ngesithathi efundisa wabe engayekile naye ukufunda, wayeqhubeka ngoxhaso layo imsihini. Ngonyaka we-1894 waya eKhimbali, okulapho athola khona ithuba lomsebenzi eposini njengomthumeli we-telegraph. Wabe eqhubeka nezifundo zakhe ngasese okulapho agqama khona ngokubashaya bonke emakhanda kwizivinvinyo zabasebenzi bomphakathi zesiBhunu. Ngesikhathi eba neimyaka engama-21 ngonyaka we-1897 wathola ilungelo lokuba akwazi ukuvota, ngebhadi walahlekelwa yilo leli lungelo ngenkathi amangisi ephelelwa ngumbuso. Ngaphambildlana kokuliwa kwempi yamaBhunu nangesikhathi semvimbezelo eMafikeng ngeminyaka yama-1899-1900 wajutshwa ukuba aye eMafikeng ukuba ayoba ngumhumushi enkantolo. Kuso leso sikhathi futhi wayenesikhundla sokuba ngunobhala emnyangweni wezoMdabu eMafikeng. UPlaajie wabe azi izilimi eziyi-8 okubalwa kuzo isiNgisi, isiBhunu, isiJalimane, isiTswana, isiXhosa kanye nezinye izilimi zama-Afrika.