Umuntu

Mayelana Wikipedia
umuntu

""Abantu"" (iZothamlilo) bawuhlobo lwamaGanyaphambili ayinala kakhulu nasabalele, anesici esiNyawombaxa kanye nobuchopho ubukhulu nobuyinkimbinkimbi. Lokhu kube usizo entuthukweni yamathuluzi athe thuthu, isiko, kanye nolimi. Abantu banobungane kakhulu futhi bathambekele ekuhlaleni ezinhlakeni zomphakathi eziyisixhanti ezakhiwa amaqembu amaningi abambisanayo nancintisanayo, kusuka oxhoxhweni lwemindeni nabozalo kufika emibusweni yezombusazwe. Iminano yobungane phakathi kwabantu seyakhe izindlelazokuphila, imikhuba eyamukelwayo, nemidanti eminingi engafani, ezifukula umphakathi wabantu. Ilukuluku nesifiso somuntu sokuqonda nokuthonya imvelo kanye nokuchaza nokuxhaphaza imimangaliso kushukumisele isintu ekuthuthukiseni isayensi, ifilosofi, ezeziNganekwane, inkolo, neminye imikhakha yokufundwa.


Umbuso (Regnum) Izilwane
Uzalo (Phylum) ezobuntambo
Iqembu (Classis) IziNcelisi
Uhlelo (Ordo) ezibuChophokhulu
Uhlelo oluNcane (Subordo) eziLikhalalula
Umndeni (Familia) Hominidae (ezisaMenzo)
Umkhakha (Genus) uMenzo
Uhlobo (Species) H. sapiens (Umuntu)

Abantu ngamadoda, nabafazi, nabafana namantombazane.