Ukubala

Mayelana Wikipedia

Ukubala yinto eyenziwa ngabantu ukuthola ukuba zingaki izinto ezikhona zakunoma yiliphi uhlobo.

Indlela Eyodwa Yokubala[hlela | Hlela umthombo]

Umuntu obala ngesiZulu uvamise ukuqala ngokunye, anikeze leyonombolo kuleyonto yokuqala. Into elandelayo inikezwe inombolo yesibili. Elandelayo inikezwe eyesithathu. Uma kunenye futhi elandelayo, ithola inombolo yesine. Uma emva kwalokho kunenye futhi into, ithola inombolo yesihlanu. Ezinye izinto zithole ezinye izinombolo. Into nento ithola inombolo yayo ngalendlela. Inombolo yokugcina enikwe into yokugcina ebaliwe ilona inani elisho ukuba zingaki izinto ezikhona.

Imizekelo[hlela | Hlela umthombo]

  • Ngokomzekelo, ukuthola inani lezigqoko kweziningi, umuntu ubala izigqoko. Lowo muntu unikeza isiqgoko nesiqgoko inombolo yaso.
UJohn unesigqoko esimunyama, esinsundu kanye nesihlaza okwesibhakabhaka. UMary ubuza uJohn, "Zingaki izigqoko onazo?". UJohn unikeza inombolo yokuqala kwesimunyama. UJohn unikeza inombolo yesibili kwesinsundu. UJohn unikeza inombolo yesithathu kwesihlaza okwesibhakabhaka. Manje uJohn akasenazo ezinye izigqoko. Inombolo enkulu uJohn ayinikile eyesithathu, kanti futhi isiqgoko nesiqgoko sinenombolo yaso. UJohn uphendula uMary, "Nginezigqoko ezintathu". UJohn usezibalile izigqoko.
  • Kunezinhlamvu Zamagama u-A, u-Q, u-L, kanye no-S kwisiqeshana sephepha. Zingaki izinhlamvu zamagama ezikulesi siqeshana sephepha?
UTom unikeza izinombolo kwizinhlamvu zamagama. Uhlamvu u-A uthola inombolo yokuqala. Uhlamvu u-Q uthola inombolo yesibili. Uhlamvu u-L uthola inombolo yesithathu. Uhlamvu u-S uthola inombolo yesine. Azisekho izinhlamvu ezingabalwa. Kunezinhlamvu ezine kulesi siqeshana sephepha.