Jump to content

2009 Ukhetho Lukazwelonke lwaseNingizimu Afrika

Kubuya ku Wikipedia
Iphepha lokukhetha lowezi-2009.

Ukhetho oluvamile olwaluseNingizimu Afrika mhla zingama-22 ku-April ngowezi-2009 ukuze kukhethwe amalungu esiShayamthetho sikaZwelonke saseNingizimu Africa kanye nezishayamthetho zezifundazwe. Lolu kwakulukhetho jikelele lwesine selokhu kwaphela inkathi yobandlululo eNingizimu Afrika.[1]

Mhla ziyisiphohlongo kuFebruwari wezi-2009, Inkundla Yamacala Yasenyakatho neGoli yanquma ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezihlala phesheya kufanele zivunyelwe ukuba nengxenye okhethweni.[2] Lesi sinqumo saqinsekiswa Inkundla Yomthethosisekelo waseNingizimu Afrika mhla zili-12 kuMashi wezi-2009, lapho igweba ukuthi abakhethi abaphesheya nababhalisele ukukhetha kufanele baqhubeke nokukhetha.[3] Abakhethi ababhalisile kodwa abakude nezindawo abakhetha kuzo ngosuku lokhetho nabo banikwa imvume yokukhetha ephepheni likazwelonke kunoma yisiphi isigculo sokukhetha eNingizimu Afrika.

Imiphumela yokhetho kwaba ukunqoba kweqembu likaKhongolose, elazitholela izihlalo ezingama-264 esiShayamthetho sikaZwelonke, eznciphe ngeziyishumi nanhlanu uma ziqhathaniswa nezatholwa ngokhetho lowezi-2004 futhi lalahlekelwa ubuningi obuyisibili sesithathu. Umholi kakhongolose Jacob Zuma waba umongameli wezwe.

Uhlelo lokhetho

[hlela | Hlela umthombo]

Amalungu angama-400 esiShayamthetho sikazwelonke akhethwa ngohlu lohlelo lwezilinganiso; amalungu angama-200 akhethwa ezinhlwini zikazwelonke zamaqembu bese amalungu angama-200 asele wona akhethwe izinhlwini zezifundazwe zamaqembu ngokwesifundazwe ngasinye kwezilithoba. UMongameli waseNingizimu Afrika ukhethwa isiShayamthetho sikazwelonke emva kokhetho; ngowezi-2009, umongameli wakhethwa mhla ziyisithupha kuMeyi wezi-2009. ONdunankulu bezifundazwe bona bakhethwa iqembu elinqobe isishayamthetho sesifundazwe ngasinye.

Inani lemiphakathi ethile, izinhlangano, imiutho yezenhlalo kanye nabathile abadumile ezweni basonfela ngokuthi ngeke babe nengxenye okhethweni lowezi-2009.[4] Usaziwayo odume kakhulu kwakunguMbhishobhi Omkhulu uDesmond Tutu owathi ngeke akhethe kodwa kamuva wagwebuka.[5] Umfelandawonye Wabantu Abahlwempu waseNingizimu Afrika (Poor People's Alliance), Isidlangala Esimelene Nokuthengiswa kwempahla Yezwe (Anti-Privatisation Forum), inhlangano ebizwa NOPE, nobumbano oluzimele lwabasebenzi basemapulazini olubizwa Sikhula Sonke nazo zanquma ngokuduba ukhetho gaphansi kwesiqubulo esithi 'Asikhethi ngaphandle Komhlaba' (No Land! No House! No Vote!).[6]

Imiphumela

[hlela | Hlela umthombo]
Most popular party in each ward, depicted as a map (top), and as a cartogram in which size is proportional to the number of votes cast (bottom). The darker shade indicates a majority, while the lighter shade indicates a non-majority plurality.

Ukhongolose, owangena emandleni kusuka ngowe-1994, wathola amavoti angamaphesenti angama-65.9 kuzwelonke, okwanciphisa amandla akhe okuguqula umthethosisekele. Iqembu le-DA lona lalala isibili kwaba iqembu eliphikisayo futhi lanqoba ukhetho esifundazweni saseNtshonalanga Kapa.

Abantu ababebhalisele ukhetho babeyizigidi ezingama-23 ngowezi-2009, ababebaningi ngezigidi ezi-2.5 ukwedlula ukhetho lowezi-2004. Bangamaphesenti angama-77.3 abaphuma ukuzokhetha kwababhalisile, futhi amavoti amoshiwe aba yiphesenti eli-1.34.[7] Bayizigidi ezili-12 abantu ababe vunyelwa umthetho ukuba bakhethe, kodwa bangabhalisela ukhetho (izigidi ezili-5.4 ).[8] Kulolu khetho, kwakukhona nomkhankaso wokuduba ukhetho kodwa akuzange kukhinyabeze ukukhetha kwabantu.

INhlangano Yezokhetho Ezimele YaseNingizimu Afrika yenza kwaba lula ukuthi ukufinyelela imiphumela yokhetho ngesizindalwebu sayo njengoba yayilokhu ingena ivela ezifundeni zokukhetha, ihlungwa ngokothi ekazwelonke, eyezifundazwe, eyomasipala, eyezigculo zokukhetha.[9]

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Independent Online (2009-02-10). "News - South Africa: Motlanthe sets election date". www.iol.co.za. Archived from the original on 2009-02-13.
  2. "Court backs S Africa expat vote". BBC News. 9 February 2009. Kulandwe ngomhlaka 23 May 2010.
  3. South African registered overseas voters can vote - People's Daily Online
  4. "IEC Election Report 2009". IEC. Kulandwe ngomhlaka 21 April 2014.
  5. "Building a base for a credible opposition". SundayTribune. 3 May 2009.
  6. Independent Electoral Commission