Jump to content

Abashayi bemikhono

Kubuya ku Wikipedia

Ngizokhuluma ngemvelaphi kanye nomlando wegma elithi "sneaker" elisetshenziswa ukubiza izicathulo ezinethezekile nezivame ukusetshenziselwa luhamba, nokuzivocavoca kanye nemidlalo. Amateki ayingxenye ebalulekile yezimpahla ezisetshenziswa nsuku zonke. Igama elithi sneaker lisetshenziswa kakhulu emazweni amaningi, kanti igama elithi sneaker lisetshenziswa ekubhekiseleni izicathulo ezahlukene ezifanayo.

Zadunyiswa yizinkampani ezinjenge-Converse, UNike ne-Spalding maphakathi nekhulu lama-20. Njengezinye izingxenye zemboni yezingubo yomhlaba wonke, ukukhiqizwa kwezicathulo kugxile kakhulu e-Asia ngezicathulo eziyisishiyagalolunye kweziyishumi ezikhiqizwa lapho.Ngokwemibhalo yomlando, igama elithi “sneaker” laqala ukusetshenziswa ngasekupheleni kwekhulu le-19. Kuthiwa leli gama lahlotshaniswa no Henry Nelson McKinney, owayengumeluleki wokukhangisa enkampanini i-N. W. Ayer & Son. Ngo-1917, leli gama laqala ukusetshenziswa kakhulu ukubhekisela ezicathulweni ezinezinyawo zenjoloba.

Isizathu sokuthi lezi zicathulo zibizwe ngokuthi sneakers sihlobene nokuthi injoloba engaphansi kwesicathulo yenza umuntu akwazi ukuhamba ngokuthula, ngaphandle kokwenza umsindo omkhulu. Lokhu kwakuhluke ezicathulweni ezazinezikhumba eziqinile ezazenza umsindo uma umuntu ehamba.Igama elithi “sneakers” lagcina selisetshenziswa kabanzi emazweni afana ne-United States, e-Australia, eNew Zealand nakwezinye izindawo. Namuhla, amateki awasasetshenziselwa ezemidlalo kuphela, kodwa asephinde abe yingxenye yemfashini futhi asetshenziswa abantu abaningi ekuphileni kwansuku zonke.[1]

Sengiphetha, singasho ukuthi amateki anomlando omude futhi igama elithi sneaker lavela ngenxa yendlela lezi zicathulo ezazivumela ngayo umuntu ukuba ahambe ngokuthula. Ngokuhamba kwesikhathi, amateki aguquke aba yizicathulo ezibalulekile kwezemidlalo, kwezokuzijabulisa kanye nasemfashinini.

Izinkomba

  1. ↑ [Footwear, World. "Global Footwear Industry: Positive Dynamics in 2018". Hickey, Walter (5 June 2013). "22 Maps That Show How Americans Speak English Totally Differently From One Another". "Sneakers"] Check |url= value (help). Unknown parameter |url-status= ignored (help); line feed character in |url= at position 73 (help)