Amagugu esintu

Amagugu esintu yindikimba yesiko elivezwayo leqembu elithile labantu, isiko noma isiko eliphansi. Lokhu kuhlanganisa nezinkambiso ezilandwayo (oral traditions) ezifana nezilandiso, izaga, izinkondlo namahlaya. Lokhu kuhlanganisa nesiko eliphathekayo, elifana nezinhlobo zokwakha zalelo qembu. Amagugu esintu abuye ahlanganisa nezimfundiso ezingokwesiko, ezivela ezinkolelweni zesintu, kuhlanganisa nenkolo yesintu, kanye nemicikilisho yemigubho eyenziwa ngemikhosi, imishado, imigcagco, imisino yesintu, nemicikilisho yokukhula.[1]
Okunye kwalokho, kukunye noma kuhlangane, kuthathwa njengelondolondo lesiko noma ukuzigqaja ngesiko. Okunye ukuyibgqikithi njengesimo, amagugu esintu ahlanganisa nokudluliswa kwamalondolondo asuka esifundeni esisodwa aya kwesinye noma lapho eshiyelwa izizukulwane ezilandelayo. Amagugu esintu akuyona into engazuzwa umuntu ngojuyifunda ezikoleni noma nokufunda ubuciko bokubatshazwa. Kunalokho, izinkambiso zidluliswa kusuka kumuntu kuya komunye, nokufundiswa wona noma ngokuboniswa wona.[2]
Ucwaningo lakwangqondonkulu olufunda amagugu esintu lubizwa ngokuthi Izifundo zamagugu esintu, futhi zingaphenfululwa kusuka emazingeni obuncunda, emva kobuncunda nobungcithabuchopho.[3]
Imvelaphi nentuthuko yezifundo zamagugu esintu
[hlela | Hlela umthombo]Amagugu esintu aqala ukuvela njengmkhakha ozimele ngenkathi yokuthanda ubuzwe yaseYurophu. Ungqoshishili walokhu kwakunguJohann Gottfried von Herder, izincwadi zakhe zeshuiminyaka lowe-1770 zethula izinkambiso zomlomo njengendlela yomdabu yendawo. Ngemuva kokuthi izifundazwe zeJalimani zihlaselwe iFransi eholwa nguNapoleon, indlela kaHerder yokuchaza yasetshenziswa abaningi eJalimani, abayihlela kahle futhi baqopha izinkambiso zesintu bazisebenzisa emidludlungweni yabo yokwakha isizwe. Lo mdludlungu wamukelwa ngesasasa amanye izizwe ezincane, ezifana neFinland, Estonia, neHungary, nazo ezazifuna ukuzimela kwezobusazwe ziphume ejokeni lomakhelwane bazo.[4]
Amagugu esintu, njengomkhakha wezemfundo, athuthuka ekhulwini le-19 uthuthukiswa ongoti baseYurophu ababeqhathanisa izinkambiso zasendulo nesimanjemanje esisha. Inhlozingo yalomkhakha yayisemagugweni esintu omlomo atholakala ezindaweni zasemakhaya, ezazibhekwa njengezinsalela zezolo ezaziqhubeka nokuba khona emazingeni aphansi omphakathi.[5] Incwadi ethi "Kinder- und Hausmärchen" of the Brothers Grimm (eyashicilelwa ngowe-1812) iyingqoqelelo eyaziwayo yamagugu esintu omlomo aseYurophu yangaleyo nkathi. Le ntshisekelo yokufuda izisho, izindaba, amahubo, nomculo yaqhubeka nasekhulwini le-19 futhi yaklelisa lomkhakha wongoti bamagugu esintu nobucikomazwi nezinganekwane. Ekufikeni kwekhulu lama-20, izifundo zamagugu esintu zase zikhulile. Futhi namuhla kunogoti bamagugu esintu kuwo wonke amazwekazi omhlaba.
Abantu abacwaning amagugu esintu babizwa ongoti amagugu esintu, futhi igama elithi amagugu esintu lagqama lapho lichasiswa futhi lisetshenziswa nguSimon Bronner, see (Bronner 1986, p. xi).}} nalapho kuhlukaniswa phakathi kwezifundo zakwangqondonkulu zenkambiso yesiko nalezo ezimayelana namalondolondo esiko gokwawo. Lapho kugunyazwa uMthetho Wokulondoloza Impilo Yesintu eMelika (Public Law 94-201) ukhongolose waseMelika ngoweJanuary 1976,[6] nakhu okunye okwaphawulwa ongoti.
"…Impilo yesintu iwukuvezwa kwesiko elifanayo lamaqembu ahlukene eMelika: ngokondeni, ngokohlanga, ngokomsebezi, ngokwenkolo, ngokwezifunda; isiko elivezwayo lihlanganisa izinhlobonhlobo zezindlela eziphawula lelo siko ezifana nenkambo, inkolelo, amakhono obuchule, ulimi, ubucikomazwi, izakhiwo, umculo, imidlalo, ukusina, ilingiso, umciilisho, ezobuhle, oemisebenzi yezandla; lezi zimvezo zovame ukufundwa ngomlomo, ngokubukela, noma ngokuqhogoya, futhi zigcinwa ngaphandle kokuthi kwenzuzo yokufundiswa okuhleliwe noma ukuqondiswa yizikhungo."
Kunezincasiselo ezihlukene. Ngokuka William Bascom, "kunemisebenzi emine yamagugu esintu":[7]
- Amagugu esintu avumela abantu basinde ekucindezelweni umphakathi.
- Amagugu esintu afakazela isiko, ahlanguze imicikilisho yalo kwabagcinayo nezikhungo zalo kwabazihloniphayo.
- Amagugu esintu ayisiklamo sendlela-kufundisa esigcizelela isimilo nezizima eyakhela ngazo.
- Amagugu esintu ayindlela yokufaka ingcindezi yezenhlalo nokulawulo lwezenhlalo.
Iminxa yamagugu esintu
[hlela | Hlela umthombo]
Amalondolondo amagugu esintu, avame ukujinjwa phakathi owezinhlobo ezintathu: aphathekayo, awomlomo, nawemhambo. Ingxenye Enkulu yawo iyazichaza, lemijinjo ihlanganisa nezinto eziphathekayo (amagugu esintu aphathekayo), izisho ezivamile, izindaba neamahubo (amagugu esintu omlomo), izinkolelo nezindlela zokwenza (amagugu esintu omhambo). Kukhona nomunxa ongaphansi wesine ochasiswa ngokuthi amagugu esintu ezingane nemidlalo, okuyizingqoqelelo nokuhlakahlwa kwalezi sihloko esisha ikakhulu ezikoleni nasemigwaqeni yamanxuluma.[8] Umjinjo ngamunye nohlobo kwawo olungaphansi ihloselwe ukuhlelemba amagugu esintu nokujinja amalondolondo wamagugu esintu.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Dundes 1965, p. 3.
- ↑ Schlinkert 2007, p. 37.
- ↑ "Folklore Programs in the US and Canada". Center for Folklore Studies. Ohio State University. Archived from the original on 8 November 2018. Kulandwe ngomhlaka 21 August 2020.
- ↑ Noyes 2012, p. 20.
- ↑ Noyes 2012, pp. 15–16.
- ↑ "Public Law 94-201: The Creation of the American Folklife Center". American Folklife Center. Library of Congress. Archived from the original on 28 September 2017. Kulandwe ngomhlaka 8 October 2017. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Bascom 1954.
- ↑ Opie & Opie 1969.