Amasi

Amasi (ngesiNdebele IsiXhosa), emasi (ngeseSwati), maas (ngesi-Afrikaans), noma mafi (ngesISesotho), awumkhiqizo wobisi olubilile oluqinile olumuncu ngezinye izikhathi oluqhathaniswa nomqungo noma i-yogurt evamile kodwa olunambitheka kakhulu. Ukudla okuyinhloko ezikhathini zangaphambi kobuqoneli, manje sekuyisidlo esithandwayo eNingizimu Afrika, eZmbabwe naseLesotho.
Ukulungisa isidlo
[hlela | Hlela umthombo]Amasi ayisidlo esilungiswa ngokuqoqonga ubisi lenkomo olucwengiwe okhambeni noma phakathi koselwa noma igula kuze kube yilapho lubhudluzela.[1] Ukhamba luyafuswa, bese ubisi oluphakathi lufakwa eguleni noma esakeni lapho lizobhudluzela khona usuku luze lube nesinambitho esimunyu. [2] Ukubiliswa kobisi kuzoveza isiqa samanzi esibizwa umlaza, ('whey'); okuthi lapho songulwa kusale amasi. Lolu ketshezi olushubile luvame ukuthelwa luhlanganiswe nedokwe noma impuphu.[3] Ngokomdabu amasi aphakwa esitsheni sobumba futhi ayisiphuzo.[1]
Kwzentengiselwano, amasi akhiqizwa kusetshenziswa imiqhiqa yezinungwana I-lactococcus lactis, kanye nezinhlobo ezincane, i-I-lactococcus lactis subsp. . ama-cremoni. Ubisi lususwa kuqala ezintweni ezingcolile ezifana nezinhlayiyana, amangqamuzana egazi amhlophe kanye namangqamuzana ezicubu ze-udder. Amaphesenti ama-3% obisi olunguliwe oluwuqotho kanye nephesenti eliyi-0.5% le-gelatin lifakwa obisini olungaphekiwe ukuze kuthuthukiswe isizima somsoco. Ubisi lube selupholiswa kumazingakushisa angaa-72 °C imizuzwana eli-15; bese lupholiswa kumazingakushisa angma-30 °C ukuze kuvinjelwe ukuqina. I-lactococcus lactis ifakwa ezingeni le-106 cfu/ml bese ifakwa ku-30 °C amahora angu-16 kuya kwangu-24.
Kwezamasiko
[hlela | Hlela umthombo]AmaZulu
[hlela | Hlela umthombo]Ngokwnkambiso, AmaZulu akholelwa ukuthi amasi enza umuntu abe namandla, aphile kahle, futhi afiseleke. Phakathi "nezinkathi zokuzila", njengezikhathi zokuya esikhathini noma lapho umuntu esebenzelana nokufa, umuntu othintekile kufanele azile amasi. Ubisi aluphuzwa lusanda kusengwa noma luselusha, kodwa ngezinye izikhathi lusetshenziselwa ukunciphisa amasi ashube kakhulu ukuba angasetshenziswa.[4]
eNingizimu Afrika
[hlela | Hlela umthombo]UNelson Mandela lapho ekhuluma ngendlela ashiya ngayo ngokucophelela ifulethi lomngane (indawo yakhe yokucasha endaweni "emhlophe" lapho efunwa uhulumeni wobandlululo) ngemuva kokuzwa izisebenzi ezimbili zamaZulu zikhuluma ngokuthi kwakuyinqaba ukubona ubisi esihlalweni sefasitela (lwashiywa ukuba lubile) ngoba abamhlophe babengavamile ukuphuza amasi.[5]
Amasi athandwa futhi ekudleni kwamaNdiya aseNingizimu Afrika lapho isetshenziswa khona ngendlela efanayo ne-i-curd. [Ukucashunwa okudingekayo][citation needed]
IsiXhosa
[hlela | Hlela umthombo]Ngokwesiko lamaXhosa, umtshakazi unikwa amasi necezu lwenyama, olkubizwa uTsiki, njengophawu lokwamukelwa emndenini omusha.[citation needed]
- 1 2 "SA Culture – Ukdula". National Electronic Media Institute of South Africa. Kulandwe ngomhlaka 2007-01-18.[dead link]
- ↑ "AMASI".
- ↑ "Umphokoqo - crumbly mealie pap with amasi | Food & Home Entertaining". www.foodandhome.co.za (in i-English). 14 July 2017. Kulandwe ngomhlaka 2017-09-18.
- ↑ Megan Russell; Tamlin Armstrong; Sarah Dawson. "Diet [of the Zulu people]". Thinkquest. Archived from the original on 2 January 2007. Kulandwe ngomhlaka 2007-01-18.
- ↑ Mandela, Nelson (1994). Long Walk to Freedom. Little, Brown. ISBN 0-316-87496-5.