Jump to content

Amazambane

Kubuya ku Wikipedia

Amazambane

Amazambane

Amazambane ayisitshalo esidliwayo esikhuliswa emhlabeni wonke futhi abalulekile ekudleni kwabantu abaningi.Umsuka wawo uvela eNingizimu Melika,ikakhulukazi ezindaweni zase-Andes emazweni afana ne-Peru nase-Bolivia.Abahlali bomdabu base lezi zindawo baqala ukuwakhulisa eminyakeni engaphezu kuka-7,000 eyedlule.[1]

Amazambane alethwa eYurophu ngekhulu le-16 ngabahloli baseSpain. Kamuva aba ukudla okubalulekile emazweni amaningi aseYurophu ngenxa yokuthi akhula kalula futhi anikeza isivuno esiningi. Eningizimu Afrika amazambane aba yingxenye ebalulekile yokudla kwansuku zonke futhi asetshenziswa ezitsheni eziningi.Ukukhuliswa kwawo amazambane akhula kahle ezindaweni ezinomhlabathi ocebile nowunomswakama.Zidinga izinga lokushisa eliphakathi nendawo kanye nokunakekelwa okuhle ukuze kugwemeke izifo nezilokazane.Zivunwa ngokumba phansi emhlabathini lapho izimpande sezikhule zaba namazambane avuthiwe.Amazambane aqukethe:Ama-carbohydrate amaningi anikeza amandla.I-vitamin C esiza ukuqinisa amasosha omzimba.I-potassium ebalulekile ekusebenzeni kahle kwemisipha nenhliziyo.Ifayibha esiza ekugayeni ukudla.[2]

Ukusetshenziswa kwamazambane angaphekwa ngezindlela eziningi: angabiliswa, angathoswa, angabhakwa noma enziwe ama-chips. Asetshenziswa nasekukhiqizeni ufulawa namanye amafutha okudla.Ngako kr amazambane ayisitshalo esibalulekile emhlabeni wonke ngenxa yenani lawo lokudla, umlando wawo omude, kanye nokuba lula ukuwakhulisa. Aqhubeka nokuba yingxenye ebalulekile yokudla kwabantu abaningi.[3]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.fao.org/faostat/en/
  2. Potato - International Potato Center
  3. Potato | Definition, Plant, Origin, & Facts | Britannica