Category:Iziphicaphicwano

Mayelana Wikipedia

Iziphicaphicwano umdlalo owawudlalwa omkhulu nokhokho bethu besakhula, ngpba ngalezo zikhathi yayingekho lemidlalo yesimanje. Lemidlalo ibisebenza njengendlela yokufundisa abantwana nokubenza bacabange ngokushesha. Kwezinye zezindawo zasemakhaya basayisebenzisa, ngoba bengenayo lemidlalo yesimanje. Kesinye isikhathi Iziphicaphicwano zingaebenza njengendlela yokuzijabulisa nokulolonga umqondo

IZIBONELO ZEZIPHICAPHICWANO:

1.Ngikuphicaphica ngesitimela sentaba.

  Impendulo: ishongololo

2.Ngikuphicaphica ngesambulela sentaba

 Impendulo: ikhowe

3.Ngikuphicaphica ngomlilo ongahlalwa mpukane

Impendulo: umlilo

4.Ngikuphicaphica ngo nangu ube la

 Impendulo: izeze

5.Ngikuphicaphica ngezimbambo zikaSathane

 Impendulo: isiginci 

6.Ngikuphicaphica ngo mama uyasuza izingane ziyabaleka

 Impendulo: isibhamu

Amakhasi akuleqoqo "Iziphicaphicwano"

This category contains only the following page.