Clements Kadalie

Mayelana Wikipedia

Clements Kadalie (Mbasa 1896 - 1951) wayengumholi wokuqala omnyama wenyonyana eNingizimu Afrika.

UClement Kadalie uzalwe ngoMbasa ku1896 esiFundeni saseNkatha Bay edolobheni eliseChifira eduze nesiteyishini seBandawe esise Nyasaland[1]. Beka yindondana yesibili ebantwaneni bakaMnu. noNkk. uMusa Kadalie Muwasa. UClement bekawumzukulu kaChiweyu obekayinkosi yamaTonga eNyasaland. Ufundiswe abafundisi abavela eScotland, ngo 1913 bekaqeda ukulolongelwa ukuba nguthisha ,uthole izindondo zakhe zokufunda eLivingstonia. [2]Ufundise isikhathi esincane esikoleni sesisekelo ,uKadalie uhambe namaNyasa ukuyofuna umsebenzi eNingizimu Africa[3] ngo1915.

Ngo1918, uKadalie uyelewahlala eDolobheni elikhulu laseKapa .[4]Wathola umngani onguArthur F.Batty obeka wumququzeli wezenyonyani nomshisimlilo wezepolotiki .UKadalie uqambe ikhampani i-Industrial and Commercial Union [5]okuthiwa yi(ICU) eyashintsha emva kwesikhashana yabizwa ngokuthi yi- Industrial and Commercial workers Union of Africa, uyayivikela amalungelo wabaqashi nabasebenzi .[6]

Ngo1920 abantu baqala lapho ukwazi lubanzi nge ICU ukufika ngo1927, wonke umuntu bekafuna ukuzibona akuku ICU ngakho lokho yabayiyunya yabasebenzi abanengi .UKadalie uhlale kilekhampani yakhe i-ICU ukuqala ngo1919 ukufika ngo1929 lapho bekasengu mabhalane wesizwe .

Ngo1919 uKadalie waziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe wokuvikela imithwalo engekho emthethweni ehlangana nabasebenzi. Lesisiteleka sabasebenzi abasebenza elwandle sathatha amalanga amashumi nane ,abasebenzi ababekhona kulesisiteleka bebangange zinkulungwane ezimbili.

Ngamalanga ama-24 kuNovemba ngo 1924 waboshwa wanikezwa nencwadi yokuthi fanele ahambe ngaphambi kwamalanga amathathu la eNingizimu Afrika. NgoMeyi 1927 uKadalie uyele wamela i-ICU eGeneva[7]

Ngo Meyi 1928 uKadalie nabanye abomshoshimlilo bezepolotiki baboshwe ngaphansi kweNative Administration Act .UKadalie azange asabuyele eMalawi ,wahlala e-East London nonkosikazi wakhe uMolly Davidson . Unamadodana amathathu nendondakazi yinye yena noMolly . UKadalie uthathe umfazi wesibili okungu-Emma ,banendodana yinye .

ukufa[hlela | Hlela umthombo]

uKadalie ushone ngo1951

ifa[hlela | Hlela umthombo]

URhode Kadalie oyindodakazi kaKadalie ungusomapolotiki osaziwako nekhomanisi elaziwayo.

amareferensi[hlela | Hlela umthombo]

  1. Nyasaland
  2. .https://en.wikipedia.org/wiki/Livingstonia,_Malawi
  3. Ningizimu Africa
  4. Kapa .
  5. https://www.sahistory.org.za/article/industrial-and-commercial-union-timeline-1919-1989
  6. Industrial and Commercial workers Union of Africa
  7. https://en.wikipedia.org/wiki/Geneva