Jump to content

Conservative Party (uMbuso oHlangeneyo)

Kubuya ku Wikipedia
Uphawu weQembu yoMyamuva

iConservative and Unionist Party (ngesiZulu: iQembu yoMyamuva nobuBumbano) eyaziwa ngokujwayelekile ngelikaConservative Party (iQembu yoMyamuva) okanye Conservatives (aboMyamuva) kanye nelika Tories, iyiqembu yombusazwe eMbusweni oHlangeneyo. Inkolelombono yayo yesimanje iqukatha umyamuva okwenhlalo kanye nokuxhasa INdayi ekhululekile, umnotho owemishumanqa esisulu kanye nokuncipha inhlalanhle ngenjongo okuthi abantu bazexhase ngokwabo. Ngokwezombusazwe zoMbuso oHlangeneyo, kuthiwa aboMyamuva bangasempakathi-kwasesokudla kufika ophikweni wasesokudla somabhadubhadu wezombusazwe owasesinxele kufika kwasesokudla. Emuva kokuthi yohlulwe yiQembu yabaSebenzi okhethweni jikelele wama-2024, iyiqembu yesibili ngobukhulu benani lamavoti kanye nezihlalo eNdlini yeZakhamuzi, kanjalo iqhaza layo kwezoshayamthetho ibizwa iQembu ePhikisayo eThembekile kaKhulu yaYena oPhakemeyo. Yequkatha amaqenjana ambalwa wezinkolelombono njengabomyamuva bozwe-munye, abobuThatcher kanye nabomyamuva bomgcinasiko. Emlandweni woMbuso oHlangeneyo kubenaboNdunankulu boMbuso oHlangeneyo abangama-20.

iQembu yoMyamuva isungulwe nge-1834 eqenjini yamaTory futhi yayinye yamaqembu amabili anethonya elikhulu kwezombusazwe ekhuluminyaka eyi-19 kanye neQembu labaKhululekile. Ngaphansi kaBenjamin Disraeli ifeze iqhaza elikhulu kwezombusazwe esicongweni soMbusakazi wamaBhulithani.Nge-1912, ihlangane neLiberal Unionist Party (iQembu yobuBumbano eKhululekile). Umqhudelwano wayo neQembu labaSebenzi ubumbe ezombusazwe zesimanje zaseBhulithani kusukela 1922 ekuholele ekutheni empeleni kubenohlelo lwamaqembu amabili. Leqembu ikholwa ekutheni akufanele amazwe oMbuso oHlangeneyo ahlukane, kungakho okhethweni wobuzimela waseSikotilandi we-2014, leqembu yayingakuxhasi ukwehlukana kweSikotilandi noMbuso oHlangeneyo. Futhi, iningi labaholi baleliqembu bebakuxhasa ukuphuma kwoMbuso oHlanegenyo oBumbanweni waseYurophu.