Dassenhoek

From Wikipedia
Jump to navigation Jump to search
Dassenhoek
[[File:
Umgwaqo omkhulu ongenelela endaweni yaseDassenhoek, eMthombeni
|250px|none|alt=|]]
Dassenhoek is located in South Africa
Dassenhoek
Indawo yedolobha eNingizimu Afrika
Coordinates: 29°51′13.33″S 30°48′12.01″E / 29.8537028°S 30.8033361°E / -29.8537028; 30.8033361
Izwe IRiphabliki waseNingizimu Afrika
Isifunda [[KwaZulu-Natal]]
District UMkandlu oMkhulu weTheku
Ubukhulu
 • Jikelele 0.32 km2 (0.12 sq mi)
Area code 704

Dassenhoek Indawo ehlala abantu abangadli izambane likapondo esendaweni yasePinetown ngaphansi kukaMasipala waseThekwini, KwaZulu-Natali eNingizimu Afrika. Igama lalendwawo lisuselwa emagameni esiBhunu, elithi: Dassen- (Zu] | Imbila) kanye nelithi -hoek (Zu | Ijika). Emkhandlini weTheku lendawo iku-ward 14 kanti le-ward ihlanganisa nendwawo yase-Thornwood.

Ukubukeka kwendawo[hlela | Hlela umthombo]

Indawo engamakhilomitha ayi-20 ngaphandle kwedolobha laseThewini,, indaawo engamakhaya kanye nethuthukile. IDassenhoek izungezwe ezinye izindawo okubalwa kuzo, iTshelimnyama (enyakatho), eMpola (empumalanga), Thornwood (ningizimu-mpumalanga), KwaNdengezi (eningizimu) kanye iShongweni (entshonalanga). Indawo yaseDassenhoek iyindawo ephucuzekile, lokhu kubonakala ngokuthi kunemigwaqo enetiyela, abantu banamanzi kanye nogesi. Abantu bayazakhela imizi, abatholi xhaso kuhulumeni ngaphansi kohlelo lokwakhiwa kwzindlu. Umgwaqo omkhulu ubizwa ngokuthi i-Milkyway Road.

Lendawo ayihleliwe ngokwemithetho kaMasipala weTheku yokuhlela idolobha kanye nesifunda, lokhu okudala ukuthi abanye abanye bantu bangazitholi izidingonqangi kulendawo. Kulendawo kudlula ulayini wesitimela obaluleke kakhulu emnothweni waseNingizimu Afrika, ngoba uhlanganisa iTheku kanye neGoli,lolayini wesitimela ubizwa ngokuthi i-New Line. Kulolayini kudlula izitimela ezithwala abagibeli kanye nezithwala izimpahla zakwa-Transnet.

Izikole[hlela | Hlela umthombo]

Endaweni yaseDassenhoek kunezikole ezixhaswe nguhulumeni, zithatha abafundi bakhona endaweni kanye nabakwezinye izindawo ezizungeze i-Dassenhoek. EDassenhoek kukhona izikole ezintathu zamabanga aphansi kanye nesisodwa samabanga aphezulu. Izikole ezisendaweni kubalwa kuzo lezi:

  • Dassenhoek High School (Esamabanga aphezulu).
  • Bhekokuhle Primary School (esamabanga aphansi).
  • Chief Lokothwayo Primary School (samabanga aphansi).
  • Cutshwayo Primary School (samabanga aphansi).

Ezokuthutha[hlela | Hlela umthombo]

Kukhona amateksi asebenzayo ukuthutha abagibeli ebasusa futhi ebabuyisa kulezi zindawo, eThekwini, ePinetown, eChartworth kanye naseHillcrest. Lamatekisei athutha abahlali baseDassenhoek asebenza ngaphansi kwenhlangano yabanikazi bamatekisi ebizwa ngokuthi Dassenhoek Taxi Owners Association. Inhlangano yosomatekisi baseDassenhoek ithatha abagibeli kulezi zindawo eMpola, Thornwood kanye naseMarinnridg, irneki yamatekisei isendaweni yaseMpola.

Abahlali baseDasenhoek babuye bathuthwe yizimoto ezincane ezisebenza khona endaweni, lezimoto zibizwa ngokuthiu izingqoshi. Lezimoto zithuthaa abagibeli zibasusa futhi zibayisa endaweni yakwaMamdekazi, okuyindawo eseNagina. Lezi zinqoshi zinabanikazi bazo abanehlangano emelene nokusebenza ukuthutha abantu bebayisa kwaMamdekakazi.

Ulunye uhlobo lwezokuthutha olukhona endaweni kubalwa izitimela ezisebenza ngogesi ezithutha abagibeli zibayisa ezindawini ezahlukahlukene. Lezi zitimela zilawulwa yinkampani yombuso eyaziwa ngokuthi Passenger Rail Agency of South Afrika (PRASA). Abagibeli bezitimela bathenga amathikithi eziteshini zalenkampani ukuze bakwazi ukugibela izitimela. EDassenhoek kukhona iziteshi ezimbili zakwaPRASA, okubalwa kuso iSithund Hills kanye neDassenhoek.

Izingqinamba[hlela | Hlela umthombo]

Lendawo ikhungethwe izinkinga ezingi ezinomthelela kwisimo senhlalo empahakathini waseDassenhoek. Izinkinga kubalwa izinga lobugebengu eliphezulu. Kuphinde kube khona inkinga yezidakamizwa okubalwa kuzo esaziwa ngewunga, esesiqede intsha eningi endaweni. Intsha eningi kulendaow ingene shiqi ophuzweni oludakayo.

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

Izihlanganisi ezingaphandle[hlela | Hlela umthombo]