UDiébédo Francis Kéré

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Diébédo Francis Kéré)
Francis Kere, 2019 (cropped)
Diébédo Francis Kéré

UDiébédo Francis Kéré wazalelwa edolobheni elincane laseGando eBurkina Faso ngomhla ka-10 ku-Apreli ngonyaka ka-1965. Ungumdwebi wezakhiwo wodumo obehlala eBerlin, eJalimane kusukela ngo-1985.

Waziwa ngezindlela zakhe ezisha futhi ngezakhiwo zakhe ezihambisana nesimo sezulu sendawo ezakhiwe kuyo. Emisebenzini yakhe usebenzisa izinto zokwakha zendawo njengokhuni futhi uyaqinisekisa ukuthi izakhiwo zakhe azichithi amandla amaningi futhi zisimeme. Ucinga izindawo ezinelanga nomoya ukuze kugwenywe imishini yomoya.

UKéré waqala imfundo yakhe yamabanga aphansi eBurkina Faso waqhubeka nayo eJalimane lapho wathola khona umfundaze evela kwa-Carl-Duisberg-Gesellschaft. Ngo-1995 waqala ukufundela ubunjiniyela bezokwakha eNyuvesi yezoBuchwepheshe yaseBerlin. Ngesikhathi efunda wanquma ukusungula isisekelo ngoba wayefuna ukuthuthukisa ulwazi lwakhe phakathi kwezizukulwane ezilandelayo wase wakha isikhole sokuqala endaweni yangakubo. Wabambisana nabantu bendawo abanikela amandla nezinto zokwakha kwesikhole. UKéré walokhu wabelana ngolwazi lwakhe lobuchwepheshe nentsha ethakazelayo.

UKéré wenze amaphrojekthi emazweni ahlukene njengaseBurkina Faso, eMali, eKenya, eUganda, eMozambiki, eJalimane, eMelika nakwamanye amaningi. Ngaphezu kwalokho wasebenza njengoprofesa oyisivakashi eJalimane, eMelika neSwitzerland.

Ngaphandle kokusebenza njengomakhi waphinda ukunikela isikhathi esiningi ekufundiseni (isibonelo eNyuvesi yaseSvizzera italiana). Ngo-2017 wamenyelwa ukuba nguprofesa “womklamo nokuhlanganyela wezokwakha” eNyuvesi yezoBuchwepheshe yaseBerlin.

Imisebenzi ebalulekile kanye nemibukiso[hlela | Hlela umthombo]

Wawina imiklomelo yamazwe ngamazwe eminingana kuhlanganise

  • Global Award for Sustainable Architecture
  • Aga Khan Award for Architecture
  • Holcim Award for Sustainable Construction
  • Schelling Architecture Award

Ngo-2022 wawina umKlomelo we-Pritzker ohlonishwayo okhishwa emkhakheni wezokwakha. Lo mklomelo wabizwa ngabaningi njengomklomelo weNobel wezokwakha. WayengumAfrika wokuqala ukuthola lo mklomelo odume emhlabeni wonke.