ISilo uDingane kaSenzangakhona
| Dingane kaSenzangakhona | |
|---|---|
| uDingane ehlobe ngezokugiya | |
ISilo samaZulu | |
| Wabusa | 1828–1840 |
| Wabekwa | 1828 |
| Umandulli | ISilo uShaka kaSenzangakhona |
| Umelami | Mpande |
| Umlingani | akaziwa |
| UYise | Senzangakhona kaJama |
| UMama | Mpikase kaMlilela Ngobese[1] |
| Wazalwa | 1795 |
| Wakhothama | 18401/ eHlatikhulu, IKwaZulu-Natali |
ISilo uDingane KaSenzangakhona Zulu (1795–29 January 1840), kwakungumtwanenkosi yamaZulu eyaba iNkosi embusweni wakwaZulu ngowe-1828, emuva kokusoconga umfowabo uShaka.[2] Wamisa isigodlo sakhe sobukhosi, uMgungundlovu.[3] Waphinde wakha izinkambu zamabutho eziningana eSigodini saseMakhosini eNingizimu noMfolozi Omhlophe, eduze nomthambeko obizwa Singonyama.
Ukuqhwakela esihlalweni
[hlela | Hlela umthombo]UDingane waqhwakela esihlalweni ngowe-1828 ngemuva kokusoconga umfowabo ISilo uShaka ngosizo lomfowabo, Umhlangana, kanye noMbopha insila yenkosi. Ngemuva kokufa kukanina uNandi, Following the death of Nandi, ukucondoza kukaShaka kwaqhubeka nokudlumluka futhi amanye amalunga omndeni ayemsola ngokugodusa umama wakhe.[4] Ungqondongqondo wokubulawa kukaShaka kwakunguNinalume wakhe uMkabayi kaJama, owaqaohela ukuthi uDingane uyena ozofaneleka ukuba iNkosi yamaZulu emva kwakhe. Ukusocongwa kwakhe kwenzeka KwaDukuza.[5] Ngemuva kokukhothama kulweSilo uShaka, ISilo esisha uDingane noMkabayi bsbopha ugobe lokubulala uMbopha Kanye noMhlangana, ukuze uDingane angabi nezimbangi lapho ebusa.
Ukuketulwa nokukhothama kwakhe
[hlela | Hlela umthombo]Ngo January we-1840, uPretorius wayenebutho lamabhunu angama-400 elalekelela uMpande ukuba avukele umfowabo ISilo uDingane, nokwaholela ekuletulweni kombuso kaDingane nokukhothama kwakhe. UMpande welama uDingane kwesobukhosi. Empini eyayise Maqongqo, iningi lamabutho kaDingane lahlubukela kwelikaMpande. Umkhuzi wamabutho akhe, uNdlela kaSompisi, wasocongwa, futhi iNkosi nedlanzana labalandeli bayo, babaleke bayobhaca kwaNyawo ezintabeni zaseLubombo. Kodwa iqeqebana lakwaNyawo namaSwati lamsoconga ehlathini iHlathikhulu.[6]
Ingcwaba likaDingane liseduze neNgwavuma khona eHlatikulu.
| Amakhosi akwaZulu | ||
| Umanduleli- : undefined |
Isikhathi undefined |
Umelami- : undefined |
Izithombe
[hlela | Hlela umthombo]- uDingane ehlobe ngezokugiya, umfanekiso odwetshwe nguAllen Francis Gardiner
- uDingane ecikica isivumelwano noPiet Retief, beboniswe eSikhumbuzweni samaVoortrekke
- Isichuse sikaDingane eMaropeng, embukiswaneni we- Long March to Freedom
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Okoye, Felix (1969). "Dingane: A reappraisal". The Journal of African History. 10 (2): 221–235. doi:10.1017/S002185370000949X. Unknown parameter
|s2cid=ignored (help) - ↑ Okoye, Felix N. C., "Dingane: a reappraisal", Cambridge University Press, April 1969. Retrieved 17 March 2011.
- ↑ Shalo Mbatha, Zulu Empire Decolonised: The Epic Story of the Zulu from Precolonial Times to the 21st Century, iZigi Publishing, 2021
- ↑ Shalo Mbatha, Zulu Empire Decolonised: The Epic Story of the Zulu from Precolonial Times to the 21st Century, iZigi Publishing, 2021
- ↑ A history of King Shaka Archived 5 June 2012 at the Wayback Machine., accessed 5 May 2012
- ↑ John Laband, Historical Dictionary of the Zulu Wars, Scarecrow Press, 2009, p. 62