Economic Freedom Fighters

i-Economic Freedom Fighters (Abalwi Nkululeko Yezomnotho) iyiqembu lezombusazwe yocosulelwano kanye nobuziqhenya ngokobuzwe obunsundu yaseNingizimu Afrika. iSungulwe ngomhla wama-23 kaNtulikazi ngama-2013 nguyena owayenguMengameli wePhiko leNtsha le-African National Congress (ANC) uJulius Malema kanye nabafelandawonye bakhe. Isakho esingqangi ohlakweni lokuphatha lwalenhlangano uyiThimba eliNgqangi loLawulo. uMalema usangumengameli waleliqembu. Ngaphambi kokuthi ukusungulwa kweQembi loMkhonto weSizwe ngama-2023 ekwaholela ekutheni i-EFF ibeyiqembu lesine ngobukhule ngenani lamavoti esiGungweni sikaZwelonke, i-EFF yayiqembu lesithathu ngobukhulu emuva kwe-Democratic Alliance (i-DA) ne-ANC.
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]
Ngomhla wama-23 kaNtulikazi wonyaka 2013, uMalema ubize isambulelo samaphephandaba enxulumeni yaseSoweto esifundazweni saseGoli lapho wamemeza ukuba leliqembu lalithole amalungu ayinkulungwane, inani elindlula amakhulu amahlanu wamalungu adingekayo ukuba iqembu libhaliseke kwiKhomishana eziMele yoKhetho (i-IEC) Nakuba iqembu le-Freedom Front Plus (i-FF+) liphakamise umkhonondo okuvimba ukusungulwa kwaleliqembu ngoMandula wama-2013, i-IEC icithe isicelo seFF+.
Ngama-2015, iqembu limise ngokwesikhashana ubulungu bwelungu lasePhalamendeni uLucky Thwala futhi laxhosha uMpho Ramakatsa, u-Andile Mgxitama, kanye noMkhuzi waseLwandle uKhanyisile Litchfield-Tshabalala. uMngxitama ubumbe iqembu lakhe le-Black First Land First, bese uLitchfield-Tshabalala ungene kwi-United Democratic Movement (UDM).
NgoNcwaba wama-2015, i-EFF imemeze ukuba isicelo sayo sokuvulela owayenguMengameli uJacob Zuma icala lamkwelwe eNkantolweni yoMthethosisekelo njengenxenye yomkhankaso waye ka-Pay Back the Money yokuphoqa uZuma ukuthi akhokhele ehulumeni imali eyasetshenziswa ukushinstha umuzi wakhe eNkandla kwaZulu-Natali. iNkantolo ilalale icala leli ngoNhlolanja wama-2016. uMehluleli oMkhulu waseNingizimu Afrika, uMogoeng Mogoeng waye usihlalo senkantolo ngenkathi ilalele lelicala lapho yathola ukuba uZuma kanye nowaye uSomlomo wesiGunga sikaZwelonke uBaleka Mbete baphule umthethosisekelo. Phezu kwalokho inkantolo igwebe ukuba uZuma wayenezinsuku ezingama-60 okufeza izimfuneko zikaMvikela Mphakathi uThuli Madonsela.
NgoNhlolanja wama-2018, i-EFF iphakamise umnyakaziso eGungweni likaZwelonke ukuchibiyela umthethosisekelo ukuvumela umbuso uphuce umhlaba ngaphandle kwokukhokhela. Lesiphakamiso samkwelwa yiningi lamalungu angama-241 wesiGunga. Amaqembu awodwa awunqabile wayi-DA, i-FF+, i-Congress of the People (i-COPE) kanye ne-African Democratic Christian Party (i-ACDP).
Ngama-2018, uMlawulo wabaFundi, uphiko lwabafundi nentsha, uthole iningi lamavoti okhethweni wamanyuvesi amaningi ukudlula i-South African Student Congress (i-SASCO) (esondelene ne-ANC) kanye ne-DA emikhandlwini yabameli babafundi eNyuvesini yobuChwepheshe yaseThekwini, iNyuvesi yakwaZulu, iNyuvesi yobuChwepheshe kaMangosuthu, iNyuvesi yobuChwepheshe yeNhlonhlo yaseKapa, kanye neNyuvesi yaseKapa.
NgoNhlangulana wama-2024, i-EFF inqabile ukubandakanywa ebumbanweni yoHulumeni woBumbano kaZwelonke owawuholwa yi-ANC. Kuleyonyaka, owayenguNobhala we-EFF uFloyd Shivambe uhambile wangena kwi-MKP. Futhi kwahamba noNgcithabuchopho uMbuyiseni Ndlovu.
Imibononkolo kanye neminqubomgomo
[hlela | Hlela umthombo]
Imibononkolo emqoka
[hlela | Hlela umthombo]Ngokomthethosisekelo waleliqembumu, i-EFF ihambelana nombononkolo wocosulelwano njengoba ubunjwe ngumcabangi wezombusazwe waseJalimani uKarl Marx kanye noYise woBumbano wamaSoviyethi uVladimir Lenin. Futhi ilandela isikole socabango sikaFranz Fanon, umcabangi wezombangazwe wase-Martinique mayelana inhlaziyo yayo okwezombuso, izigaba zenhlalo, nohlanga. i-EFF ikhomba owayenguMengameli waseBurkina Faso uThomas Sankara njengomunye walabo abanethonya encatshangweni yaleliqembu. Nakuba ikhomba indlela kuLeon Trosky waseRashiya mayelana ulawulo lwombuso wabasebenzi ngokwentandoyeningi, iphika umbononkolo wobuTrosky.
Izinsika ezimqoka
[hlela | Hlela umthombo]Izinsika ezimqoka eziyisikhombisa ze-EFF ziyilezi:
- Umphuco womhlaba ngaphandle kwenkokhelo
- Ukwefakwa kwamamayini, amabhange kanye nemiboni emqoka yomnotho ngaphansi kwehulumeni yentandoyeningi
- Ukuqinisa ukhono lwohulumeni lokufeza izinhloso zayo
- Imfundo, izinkonzo zokwelapha, kanye nezinkonzo ezimqoka zezinga eliphezulu ezimahala
- Ukuthuthukiswa kwemiboni okukhulu okukhuseliwe emqhudelwaneni nakwezizwe
- Uhulumeni ovulekile, othembekile, onganankolakalo
Iminqubomgomo yazangasekhaya
[hlela | Hlela umthombo]i-EFF iqhuba leminqubomgomo
- Kufuneka ukhetho lwabantu mayelana ukubulawa gwabagwetshwe ngokomthethonje ngesijeziso sobugebengu (kodwa uMalema uhlehlemuva mayelana lokhu)
- Izinkokhelo zenhlalahle kufanele zandiswe
- Umholo oyisisekela kufanele ukhutshulwe
- Umhlaba wabalungu kufanele uphucwe ngaphandle kwenkokhelo
- Intelo yemigwaqo ephakeme yaseGoli kufanele ichithwe
- Ubumnini bamamayini ngabansundu kufanele bukhutshulwe
- Izinkampani zombuso kufanele zikhulisa indima yazo emnothweni
Iminqubomgomo yazangaphesheya
[hlela | Hlela umthombo]- i-Afrika kufanele isebenzele ukuwisa imingcele ekuholela ekusungulweni kwelizwe elilodwa lweZizwe eziBumbene zase-Afrika
- Izizinda zamabutho aHlomileyo aseMelika kufanele zingabikho e-Afrika
- iNtshonalanga Sahara (iRiphabhuliki yeNtandoyeningi yamaSahrawi) kufanele ubuzwe obuzimele kwiMorokho
- Kufanele kube nezinguquko zokwethula intandoyeningi eSwazini
- Izizinda zamabutho ahlomileyo waseFulansi kanye nethonya leFulansi kwezemnotho nezombangazwe e-Afrika (isib. kwi-Central ne-West African franc) kufanele iphele
- Ixhasa ukuzimela kwePalestina nokubhubhiswa kwohlelo lobandlululo, amabutho ahlomileyo nezikhungo zencindezelo ze-Isirayeli ezimelene nenkululekho yamaPalestina
- Ivumelana nesikhalo seRashiya ukuba iNhlangano Yemvumelwano yaseNyakatho Atlantiki (i-NATO) ichaphaza iRashiya ngokwamukela i-Ukraine njengelungu layo.
- Ixhasa isilandulelo seShayina ukuba isiqhingi saseTaiwani siwele ngaphansi kwaso njengesifundazwe sama-23 kanye nokuthi iRiphabhuliki yaBantu yaseShayina yiyona yodwa uhulumeni osemthethweni weShayina jikelele.
- Igxeka ukuhlukunyezwa kwabantu bothingo kakhulu e-Afrika.
Imiphumela okhethweni
[hlela | Hlela umthombo]iGunga likaZwelonke
[hlela | Hlela umthombo]| Unyaka | Amavoti (%) | Amavoti (inani) | Izihlalo | Ihlangothi |
|---|---|---|---|---|
| 2014 | 6.35 | 1,169,259 | 25/400 | Lokuphikisana |
| 2019 | 10.79 | 1,881,521 | 44/400 | Lokuphikisana |
| 2014 | 9.52 | 1,529,961 | 39/400 | Lokuphikisana |
uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe
[hlela | Hlela umthombo]| Unyaka | Izihlalo | Ihlangothi |
|---|---|---|
| 2014 | 7/90 | Lokuphikisana |
| 2019 | 11/90 | Lokuphikisana |
| 2024 | 10/90 | Lokuphikisana |
uMasipala
[hlela | Hlela umthombo]| Unyaka | Amavoti (inani) | Amavoti (%) |
|---|---|---|
| 2016 | 3,202,679 | 8.31 |
| 2021 | 3,223,828 | 10.54 |