Ezokucondoza
Appearance
Ezokucondoza ziyisifundo senjulalwazi esihlola izindaba zokuhle nokubi ekuziphatheni kwabantu. Leli gama lisuselwa esenzweni esithi ukucóndoza, okusho ukuhamba ngokucophelela ukuze kugwenywe ukuwela engozini.[1] Ngokomfanekiso, ezokucondoza zisho ukuhola impilo ngokucophelela nangokuqondiswa yizimiso ukuze kugwenywe ukwenza okungalungile.
Ezokucondoza ziphenya imibuzo enjengokuthi: abantu kufanele benzeni? Yikuphi ukuziphatha okufanele kubhekwe njengokulungile noma okungalungile? Futhi izinqumo zomuntu kufanele zisekelwe kuphi — emiphumeleni, emthethweni, noma esimilweni sakhe?
Njengesigaba senjulalwazi, ezokucondoza zibizwa nangokuthi injulalwazi yokuziphatha noma injulalwazi yesimilo.
- ↑ Mpumelelo Mbatha. Isichazamazwi SesiZulu. 2006. Publisher: Isikhungo Sesichazamazwi SesiZulu (official isiZulu monolingual dictionary of the Government of the Republic of South Africa). ISBN 978-0-99222-870-5.