Jump to content

Hajj

Kubuya ku Wikipedia
Abantu bezungeze iKaaba eMasjid al-Haram eMekha enkathini ye-Hajj

iHajj (ngesi-Arabhu: حَجّ, ngezinhlamvu zesiLathini: Ḥajj, ngokwe-IPA: [ħaddʒ]) iyinkambo ehleliwe enzeka kanye ngonyaka eyiyinye yezinsika ezinhlanu zenkolo yobuSulumane lapho amakholwa baya edolobheni elingcwele enkolweni yobuSulumane: eMekha. Bonke abakhonayo okwemali nangokomzimba kufanele bayenze lenkambo ingenani kanye ezimpilwe zabo.

NgokobuSulumane, lenkambo yenziwa ngokuya endlini kaNkulunkulu, iKaaba eMasjid al-Haram, eMekha (isiqondiso somkhuleko ngokobuSulumane esibizwa iQibla). iHajj iveza ukuzithoba kuNkulunkulu kanye nokuqinisa ubuzalwane ngaphakathi kwamaSulumane. Lenkonzo iqhutshwa ngamaSulumane ngenhloso yokuhlanjululwa ezonweni, futhi ikhomba esenzweni esisobala senkambo enzekalayo emuva kokushona kanye nesenzo sangaphakathi emntwini sezinhloso ezinhle. Amasiko enkambo enziwa kuqala ngomhla wesi-8 kufika kwese-12 noma 13 wenyanga kaDhu’l-Hijja wohlelonyaka welanga nenyanga wamaSulumane. Ngokuba iminyaka yohlelonyaka wobuSulumane awuqondani nqo nelikaGregory, izinsuku zeHajj ziyatshintsha iminyaka yonke ngokwabangasingamaSulumane. Nge-2027 AD (1448 AH), Dhu'l-Hijja iqala ngo mhla 8 kaNhlaba kufika 5 kaNhlangulana.

Amasiko ekufanelwe agcinwe yilawa: umlisa kufanele egqoke indwangu eyodwa engathungangwa ebizwa i-Ihram, bonke abantu bazungeza iKaaba ngasesinxele, bacabuze itshe elimnyama leKaaba (ngenxa yobuningi babahambi kusuke kuyinhlanhla ukuyithinta nesandla nje), ukuhamba kayisikhombisa ngaphakathi kwamagquma kaSafa noMarwah, ukuphuza emthonjeni kaZamzam, ukuma eqaphile emthafeni wentaba ka-Arafat, ukuchitha ubusuku obubodwa ezithafeni zikaMuzdalifah, kanye nokujikija uSathane ngamatshe ngokujula amatshe ezinsikeni ezintathu. Ngasemuva kokwenza umnikelo okuhlaba nkomo (ongafezwa ngokuthenga ivoucher), abesilisa kufanele bagunde izinwele bese besifazane kufanele besike ekugcineni kwezinwele zabo. Emuva kweHajj, kunomkhosi we-Eid al Adha ogujwa izinsuku ezine ongumvalo kwamazwe athile njengaseNdiya, nasePakistani. Nakuba abantu bangayenza lenkambo nanini onyakeni ebizwa i-Umrah, lokhu akugcalisi isikhala seHajj.

Ngokwezibalo ezisemthethweni, ngaphakathi ka-2001 no-2019, kujwayelekile ukuthi ngonyaka owodwa iHajj yenziwe ngabantu abayi-2,269,145 (abayi-1,564,710 bangasemazweni kodwa abayi-671,983 bangabase-Sawudi Arabhiya).