Jump to content

Hector Pieterson

Kubuya ku Wikipedia
Hector Pieterson

UPieterson uthwelwe nguMbuyisa Makhubo. Udadewabo, uAntoinette Sithole, ugijima eceleni kwabo
Wazalwa ngoNcwaba 19, 1963(1963-08-19)
Soweto, eGoli, eNingizimu Afrika
Washona ngoNhlangula 16, 1976(1976-06-16) (iminyaka ama-12)
Soweto, eGoli, Ningizimu Afrika
Imbangela yokushona Inxeba lokudutshulwa
Ingcwaba Amathuna aseAvaloni, eGoli, eNingizimu Afrika
Adume ngakho Umfundi owabulawa kunezibhelu eSoweto
Izihlobo Antoinette Sithole (udadewabo

UZolile Hector Pieterson (18 Ungcwaba 1963 - 16 June 1976) wayelibhungu elifunda isikole lasINingizimu Afrika eladutshulwa futhi labulawa lineminyaka eli-12 ngesikhathi sezibhelu nokubulawa kwabantu eSoweto ngowe-1976, lapho amaphoyisa aqala ukudubula abafundi abansundu ababebhikisha ngokumelene nokufundiswa ngesibhunu ngempoqo, esasikhulunywa ngabantu abamhlophe namalawu eNingizimu Afrika, njengolimu lokufundisa kuzo zonke izifundo zesikole.

Abafundi babefuna ukufunda ngezilimi zabo zomdabu, IsiXhosa nesiZulu.[1] Isithombe sebezindaba esathwetshulwa uSam Nzima sikaPieterson olimele kakhulu ethwelwe esinye isakhamuzi saseSoweto ngenkathi udadewabo egijima eduze kwabo sashicilelwa emhlabeni wonke. USuku lwesikhumbuzo sokufa kwakhe sibizwa ngokuthi uSuku Lentsha eNingizimu Afrika.

Ukuvukela kweSoweto

[hlela | Hlela umthombo]
Isiza lapho kuthiwa uHector Pieterson eladutshulwa khona ngamaphoyisa. Namuhla sekuyindawo yesikhumbuzo.

Mhla zili-16 kuNhlangulana we-1976, abafundi besikole babhikisha ngokumelene ngokufundiswa ,kokusetshenziswa kolimu lwe sibhunu nesiNgisi njengezilimi ezimbili lokufundisa ezikoleni zamabanga aphezulu ngokulinganayo (50:50 ngesisekelo). Lokhu kwakuzogunundwa ezweni lonke laseNingizimu Afrika kungakhathaliseki ukuthi kukhulunywa liphi ulimi endaweni futhi izivivinyo nazo zazizobhalwa ngesibhunu.[2] Abafundi besikole samabangaphansi namabangaphezulu abalinganiselwa kwabayizi-10,000, babuthana ukuze batoyitoye, kodwa isixulu sabo saphazanyiswa ukufika kwamaphoyisa adedela izinja ukuba zilume ababhikishi, kodwa bajikijela amatshe kuwo.[3][4][5][6]

Amaphoyisa asabela ngokudubula ngesisi esikhalisunyembezi ukuze ahlakaze isixuku. Kunemibiko ephikisanayo ngokuthi ubani owakhipha umyalelo wokuthi kudutshulwe, nokwenza abafundi babaleke bahlakazeke, nokwashiya abanye belele phansi belimele.

Nakuba abezindaba babethi uPieterson ungowokuqala ukushona, likhona elinye ibhungu, elibizwa Hastings Ndlovu, okwakuyilona eladutshulwa kuqala.[citation needed] kodwa Indaba kaHastings, yayingenazo izithombe noma abathwebuli eduze, ingakho igama lakhe kwathatha isikhathi ukuba laziwe.

Lapho uPieterson edutshulwa, wawela phansi egubini lemigwaqo kaMoema noVilakazi. Waphakanyiswa nguMbuyisa Makhubo, owagijimela emotweni kaSam Nzima emthwele, ekanye nodadewabo kaPieterson uAntoinette (owayeneminyaka eli-17 ubudala). Bamgxisha emotweni, futhi intatheli ebizwa Sophie Tema yashayela baze bayofika emtholampilo oseduze lapho kwathiwa khona ushonile.[7] UMbuyisa noNzima bahlukunyezwa amaphoyisa ngemva kwesigameko futhi kwadingeka bayobhaca. UNina kaMbuyisa watshela Ikhomishana Yoxolo Nokubuyisana ukuthi wathola incwadi evela kuMbuyisa ngowe-1978 ebuya eNigeria Kodwa akaphindanga waxhumana naye futhi.[8] UPieterson benoHastings Ndlovu bangcwatshwa emathuneni ase-Avaloni, eSoweto. Kwafa abantu alishumi futhi kwalimala abangama-250 ngalolo suku.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Hawkins, Stan (2020). "Personas in Rock: "We Will, We Will Rock You"". The Bloomsbury Handbook of Rock Music Research: 239–254. doi:10.5040/9781501330483.ch-016. ISBN 9781501330483.
  2. Boddy-Evans, Alistair (March 1, 2019). "The Afrikaans Medium Decree". ThoughtCo. Archived from the original on 13 May 2009. Kulandwe ngomhlaka February 20, 2021. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. "Inquiry must be held into Soweto Riot". World. 17 June 1976.
  4. "Riot – Kruger speaks". World. 17 June 1976.
  5. "SAPA - 23 Jul 96 - POLICEMEN INVOLVED IN JUNE 16 SHOOTINGS HAVE TO". www.justice.gov.za. Kulandwe ngomhlaka 2025-08-16.
  6. "::RED PAVING MARKS 16 JUNE 1976 ROUTE::". www.joburg.org.za. Archived from the original on 2006-10-07. Kulandwe ngomhlaka 2025-08-16.
  7. Davie, Lucille (9 June 2005). "Museum gathers memories of '76". News Update. City of Johannesburg. Archived from the original on 24 September 2006. Kulandwe ngomhlaka 27 May 2007. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  8. "Transcript of a Human Rights Violation Hearing, CASE: GO/O133, 30 April 1996, Day 3". Johannesburg: Truth and Reconciliation Commission. 1996.