Jump to content

I-Alo

Kubuya ku Wikipedia

Le iDraft yami yesikhombisa


I-Alo

I-Alo iyisitshalo esiwusizo esisetshenziswa kakhulu ekunakekeleni isikhumba, iyenza inzuzo enkulu emzimbeni womuntu. Inhlaba inamaqabunga amade kanti futhi ikuhlaza ngokwebala iphinde isebenze kumuntu onomkhuhlane ekutheni abencono uma ezoyingaya eyikhiphe amanzi ayo aphuze noma ayichathe, uyalulama. Lesi isitshalo sikhula kahle ezindaweni ezomile ngoba sidinga amanzi amancane.[1]

Inhlaba yaseNingizimu Africa

Kukhona ijeli etholakala ngaphakathi kwamaqabunga enhlaba isetshenziswa kakhulu ekunakekeleni isikhumba. Abanye abantu bayisebenzisa ekusizeni ukuthambisa isikhumba esomile kanye nokupholisa isikhumba esilimele.Inhlaba iphinde itholakale neminye imikhiqizo yokunakekela umzimba. Kulula ukutshala inhlaba ekhaya ngoba ayidingi ukunakekelwa kakhulu. Idinga ukukhanya okwanele, inhlabathi ekhipha amanzi kahle kanye nokuniselwa okulinganiselwe. Uma iniselwa kakhulu, izimpande zayo zingabola.[2]

Ngamafuphi, ihlaba iyisitshalo esiwusizo futhi esilula ukusinakekela. Isetshenziswa kakhulu ngenxa yezinzuzo zayo ekunakekeleni isikhumba, futhi ingaba isitshalo esihle ukuba naso ekhaya noma engadini. Kubalulekile nokho ukusebenzisa imikhiqizo ye-nhlaba ngendlela efanele.[3]

Imithombo Yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ 37 Types of Aloe Plants With Names and Pictures
  2. ↑ Aloe Vera:18 Benefits, Side Effects and How to Use It
  3. ↑ Aloe Vera Plant Care Guide: Tips for Thriving Succulents | The Old Farmer's Almanac