Jump to content

I-Cathedra

Kubuya ku Wikipedia
i-Cathedra yeBhasilika Nkulu kaNgcwele Johane Laterani eRoma

i-Cathedra iyisihlalo sobuKhrestu umbhishobhi ethula imfundiso kuyo. eSontweni lamaKatolika, uma umbhishobhi waseRoma ethula imfundiso ngenkolo esihlalweni semfundiso esiseBhasilika Nkulu yakaNgcwele Johane Laterani, leyomfundiso isuke ingasoleki ngokwenkolo yamaKatolika. Amabandla wamaKhrestu anawo ama-cathedra kusuke kuyilawo anohlaka lokuphathwa ngamabhishobhi, njengamaLuthere, ama-Anglikeni, kanye nama-Orthodox aseBhizintini.

Umsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Ibizo lika-cathedra lisuka olwimini lwesiLatini, ulwimi olwalusemthethweni futhi olwalusetshenziswa ngabantu bombusokazi wamaRoma iminyaka eyimikhulu eyandlule eyasetshenziswa njengolwimi leminqubo kanye nemibhalo esemthethweni kanye nekhethekile esontweni lamaRoma. Nakuba amanye amasonto azalwe ngokuhlukana neSonto lamaRoma angavamile ukusebenzisa isiLatini eminqubeni nasemibhalweni yawo, lamasonto agcinile igama lika-cathedra ukuchaza isihlalo semfundiso. IsiLatini siboleke leligama olwimini lwesiGreki: καθέδρα, okuchaza “lapho kuhlalwa khona”.

Izindikimba eziqondane naleligama

[hlela | Hlela umthombo]
  • Cathedrae apostolorum: Lichaza igunya lokufundisa nokuphatha amaKhrestu eqhamuka kumapostoli. Leligama lisuka emibhalweni yaseqalweni kwobuKhrestu.
  • Ex cathedra: iSonto lamaKatolika likholwa ukuba izimfundiso zikaPapa ezethulwe ngokusemthethweni esihlalweni semfundiso seBhasilika Nkulu ngaNgcwele Johane Laterani, ayisoleki futhi kufanelwe ilandelwe ngoba iyisiqondiso solwazi mayelana ukukholwa okufanele ukuthi abakholwa abaqotho. Leligama lichaza “okuphuma esihlalweni” ngolwimi lwesiLatini.
  • Cathedral: Leligama lechaza isakhiwo lapho lesihlalo sikuso. Umbhali ohloniphekile wezenkolo obuya esifundazweni sase-Africa sombusokazi wamaRoma edolobheni lase-Carthage, uQuintus Septimius Florens Tertullianus wayewokuqala owaziwayo owasebenzisa leligama, lokho kusho ukusebenzisa i-cathedra ukuchaza isihlalo, isifundzwe kanye nobungakho begunya lombhishobhi. Ibizomfakelwa likakhathedrali esiZulwini siqhamuka kulegama.