I-Dawn Thandeka King
U-Dawn Thandeka King (owazalwa mhla lu- 1 kuNcwaba wezi-1977) ungumculi,isikhulumi esikhuthazayo kanti ungumuntu othandwayo emphakathini udabuka eNingizimu Afrika,KwaZulu-Natal,Eshowe.U-Dawn Thandeka King waziwa kakhulu ngendima yakhe yangaphambilini elingisa njengoMaNgcobo kumdlalo kamabonakude waseNingizimu Afrika Uzalo..U-King wadlala lendima kaMaNgcobo cishe iminyaka eyi-7.
UDawn Thandeka King wazalelwa Eshowe, KwaZulu-Natal. [1] Emva kokuqeda umatikuletsheni wakhe, waqhubeka nokwenza izifundo zakhe zedrama eTechnikon Natal (manje eyaziwa ngokuthi i-DUT ). [2]
Ngaphambi kokuba uKing aphumelele embonini yokulingisa, wayesebenza embonini yezokuvakasha ezungeze iTheku engena ngehora le-09:00 aphume ngehora le-17:00.Wagcina ewuyeka umsebenzi wakhe embonini yezokuvakasha ukuze aqhubeke nomsebenzi wokulingisa.Waqala ukulingisa ngonyaka wezi-2012 lapho athola khona indima kumdlalo weshashalazi -Inkaba ohlelweni lukamabonakude lwe-Mzansi Magic. Emva kweminyaka embalwa wadlala indima kaLindiwe Xulu (Mangcobo) ohlelweni lwethelevishini lwe-SABC1 Uzalo kusukela ngo-2015 kuya ku-2021. [3] Ukulingisa kwakhe kwamukelwa kahle ababukeli kanti u-King wathola udumo ngamakhono akhe okulingisa. [4] Udlale kumdlalo weshashalazi i-Lockdown ohlelweni lukamabonakude i-Mzansi Magic lapho ayaziwa khona ngo-Mazet.Ubonakala nasedrameni yesiZulu emfushane ye-Mzansi Bioskop ekholisa umsebenzi wakhe wamaphupho.
Ifilimu
[hlela | Hlela umthombo]| Unyaka | Ifilimu | Indima |
|---|---|---|
| 2012-2014 | I-Inkaba | Umama Ngcobo |
| 2014-
2022 |
Uzalo | ULindiwe "MaNgcobo"
Xulu/Mhlongo |
| 2015 | i-Lockdown | 2016-2022 |
| 2022-2023 | i-DiepCity | UThandiwe MaShenge Jele |
| 2023 | i-I Am All Girls | UZama |
| i-King Shaka | UMkabayi(umlandi) | |
| 2023-2024 | Isitha:The Enemy | Nomcebo Ngwenya |
| 2023 | i-Miseducation | Uthishanhloko |
| 2023–Okwamanje | i-Shaka iLembe | UMkabayi kaJama |
| 2024 | I-Queendom | INdlovukazi uMaNdlovu Khahlamba |
| 2024–Okwamanje | i-Blood Legacy | ULiyana Vezi |
| 2025 | i-Go | U-Elsbeth |
| i-Black Gold | U-Florence Zungu |
Izinkomba
[hlela | Hlela umthombo]Page Template:Reflist/styles.css has no content.
- ↑ "Dawn thandeka did not let her depression get her down". News24.com. Kulandwe ngomhlaka 2020-01-31.
- ↑ "Dawn thandeka king". Afternoonexpress.co.za. Archived from the original on 31 January 2020. Kulandwe ngomhlaka 2020-01-31. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "Dawn Thandeka King on leaving Uzalo: "We will meet again" | Truelove". News24. South Africa. March 25, 2021.
- ↑ "Dawn Thandeka King shines as Lindiwe Xulu". tvsa.co.za. Kulandwe ngomhlaka 2020-01-31.