Jump to content

I-Mangosuthu University of Technology

Mayelana Wikipedia

IMangosuthu University of Technology (MUT) inyuvesi yezobuchwepheshe etholakala eMlazi eduze kwedolobha laseThekwini, eNingizimu Afrika, esizeni esibheke Ulwandle lwaseNdiya. I-MUT isendaweni yezemfundo kumasipala weTheku. Kuyinyuvesi esendaweni yokuhlala.

Njengamanje ilokishi lesine ngobukhulu eNingizimu Afrika, uMlazi uthole igama ngokwenganekwane, kusukela ngesikhathi iNkosi uShaka edludla ngaso kule ndawo. Ngokusobala wanqaba ukuphuza emfudlaneni wendawo, ethi amanzi anambitheka njengo mlaza - ukunambitheka kwe-asidi obisini olubilile.

Eyayaziwa ngeleMlazi Mission Reserve futhi ingaphansi kweBandla lamaSheshi, yaqokwa uhulumeni ngo-1940 njengendawo yokuthuthela yabahlali baseMkhumbane . Lokhu kwaba umbango futhi kwaba ngesinye sezimbangela zezibhelu zaseMkhumbane zango-1959. Ngo-1967 uMlazi wamenyezelwa njengelokishi, wahlukaniswa ngezigaba ezingu -26 eziqanjwe ngezinhlamvu zamagama. Yilona lodwa ilokishi eNingizimu Afrika elinenombolo yalo yokubhalisa imoto: NUZ.

Ngo-1974 uNgqongqoshe Omkhulu waKwaZulu, uDkt Mangosuthu Buthelezi, waqala ukukhuluma ngombono wesikhungo semfundo ephakeme esizinikele nesigxile ezifundweni zobuchwepheshe zabafundi bebala elimnyama, ukuze kuhlangatshezwane isidingo esiphuthumayo nesikhulayo sobungcweti kulezi zifundo.

Abakwa-Anglo American kanye nabakwa De Beers Consolidated Mines bafunga ngezigidi ezinhlanu zamaRandi ukuthi kuqale ukwakhiwa kwalesi sikhungo. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi bajoyinwa yiMobil Oil, AECI, SA Sugar Millers' Association, Rembrandt and Distillers Corporation, LTA Limited, Sasol kanye nabanye abaxhasi, abafunga ngenye imali yokusungula Izikole zobunjiniyela Bamakhemikhali, Ubunjiniyela Bemishini, Ubunjiniyela Bagesi, Ubunjiniyela Bomphakathi Nokwakha, nezifundo zamabhizinisi nonobhala.