iHagia Sophia

iHagia Sofiya (ngesiZulu: uNgcwele Sofiya) iyi-masjid (isakhiwo senkolo sobuSulumane) e-Istanbul, eTheki eyisizinda esinqayiveli futhi esiqhakanjisiwe esiyigugu sesiko kanye nomlando wabantu. uNgcwele Sofiya wayisonto kusukela 360 kufika kwi-1453 kanye nemuziyamu kusukela 1935 kufika ku 1935 kwama-2020. Wawuyimasjid kusuka 1435 kwi-1935 kanye kusuka kwama-2020 kufika namuhla. Kulesizinda wakhiwe kulo, kwakwakhiwe izakhiwo ezintathu enkathini yoMbusokazi waseMpumalanga wamaRoma kodwa isakhiwo esikhona namuhla sakhiwe ngama-360, laqedwa ngama-537. Ngalesosikhathi, ingaphakathi yalesakhiwo sasikhulu ukundlula izingaphakathi zezinye izakhiwe emhlabeni wonke. Inegumbi elikhulu elifulelwe ngophahla oluyisigamu sembulunga elakhiwe phezu kwegumbi elinamahlangothi amane -- inhlobo yophahla yokuqala emhlabeni. Iyisifanekiso esiqhakanjisiwe sesiko lomklamo wezakhiwo zamaBhizintini. Kusukula ukunikezelwa kwayo kwubuKristu kufika kwi-1453, yayiyindlunkulu yombhishibhi wase-Constantinople (igama i-Istanbul yayibizwa ngalo ngaphambi kokuthi inqotshwe ngama-Usmani). Nge-1204 kufika kwi-1261, imiKhankaso yamaKatolika ikhiphe umbhishobhi wesonto lamaBhizintini, kwafakwa umbhishobhi wamaKatolika we-Constantinople. AmaBhizintini abuyise umbhishobhi wabo (uYise Jikelele waseConstantinople) nge-1261.
Isakhiwo sanamuhla sakhiwe nguMbusi wamaBhizintini uJustinian I. Siklanywe ngamangcweti wamaGreki u-Isidor waseMiletus kanye no-Anthemius waseTralles. Ma inikelwa ebuKristini, yayibizwa iThempeli lobuHlakani obuNgcwele bukaNkulunkulu. Ngasemuva kwalesakhiwo esikhona namuhla, kwakunesakhiwo esiqothulwe emizabalazweni kaNika. Ngaphambi kokwakhiwa kwesonto laseCluny eFulansi, uNgcwele Sofiya wayisonto elindlula amanye amasonto ngobukhulu. Lesakhiwo sangumhlahlandlela womklamo wamasonto wamaBhizintini futhi amamasjid wama-Usmani aklanywe ngohlelo lukaNgcwele Sofiya. Umklamo kaNgcwele Sofiya wayinethonya kwamanye amathempeli: uNgcwele Sofiya eThesalonika, iMasjid yaseŞehzade neyakaSüleymaniye.