Jump to content

ILondo

Kubuya ku Wikipedia

Ilondo, isilondo noma ilondolozo liwukulondeka, noma ukumelana nokulimala okungenzeka (noma okunye ukuphoqelelwa okungafunwa). Abazuzayo ekulondweni kungaba abantu namaqembu omphakathi, izinto nezikhungo, uhlelo lwempiliswano, noma yimuphi omunye umenzo noma isimongotho esisengozini yoshintsho olungafuneki.

Ababaleki ababalekela impi nokungalondeki e-Iraq naseSyria bafika esiQhingini saseLesbos, besekelwa amavolontiya aseSpain, 2015

Ilondolozo ngokuyinhloko libhekisela ekulondweni emandleni anobutha, kodwa lineminye imiqondo ehlukahlukene: ngokwesibonelo, njengokungabikho kokulimala (isib, inkululeko ekufuneni); njengokuba khona kwento ebalulekile (isib. ukulondeka kokudla); njengokukhuthazela ekulimaleni okungenzeka noma ukulimala (isisib. izisekelo eziphephile); njengokuyimfihlo (isib: umugqa wezingcingo olondekile); njengokuqukatha (isib., igumbi noma isitokisi esilondekile), futhi njengesimo sengqondo (isib. ilondo ngokomzwelo).

ILondo liyikho kokubili umuzwa kanye nesimo sengempela. Umuntu angase azizwe elondekile noma umuntu kungenjalo empeleni; noma angase azizwe engalondekile naphezu kokuphepha.

Leli gama liphinde lisetshenziselwe ukubhekisela ezenzweni nasezinhlelweni ezinenjongo yokunikeza ukulondeka ( njengelondosicikizi). Ilondo lingaba ngokoqobo noma kuxhakaxholo.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi ilondo livela esenzweni -londa esisho ukukhweza, ukuphephisa noma ukuvukela. Ibizomvama elithi Ilondo, noma isilondo lisho isimo sokuphepha nokuvikelela engozini. Elithi ilondolozo noma isilondolozo livela esenzweni ukulondoloza elinomqondo ofanayo, obuye uhlanganise nokukhweza ngokugqiba into. Amanye amagama ahlobene nelondo athi: umlondi - okungumuntu olondayo (lifana nelithi umlindi). Umlondi angabizwa nangokuthi umlondolozi. Ubulundolozi isimo sokulondolozeka, bese isilondolondo yinto eyigugu okufanele ilondolozwe.