ILuvumbulunga

ILuvumbulunga ubuhalalazi bomoyambulunga woMhlaba ngaphezu kweshambulunga nangaphansi kwamalambulunga. Ngaphakathi kwalobu buhalalazi bomoyambulunga, imiyonzi kazukhwithi ibangela ukuhonyozibane kwamizwayi, idale izihonyo; ngakho-ke ingxenye enkulu yesihonyombulunga ikhona ngaphakathi kweluvumbulunga. Igama elithi iluvumbulumba lakhiwe ibizongxube elixuba elithi ilovu (ukushisa, ikhoza) + mbulunga (indilinga) kwaphuma elithi ilovumbulunga elisho indilinga eshisayo, eqala cishe kumakhilomitha angama-80 ngaphezu komhlaba. Kulezi zindawo eziphakeme, uhowo lomoyambulunga olusele luhlukaniswa lube yizigaba ngokuya ngesisindo semizwayi (bheka i-turbosphere ). Amazingakushisa eluvumbulunga ayanda uma impakamo iyaphezulu ngenxa yokumuncwa yimisebe yelanga enamandla kakhulu. Amazingakushisa ancike kakhulu emsebenzini welanga, futhi angakhuphuka afike kuzi-2000 noma ngaphezulu. Imiyonzi ibangela ukuthi izinhlayiya zomoyambulunga ezikulobuhalalazi zileleswe ngamazuba, okwenza amaza omsakazo agwincizeke futhi ngaleyo ndlela amukelwe ngale komkhathi. Kumalambulunga, eqala cishe kumakhilomitha angama-600 amakhilomitha ngaphezu kolwandle, umoyambulunga uphenduka umkhathinga, yize, ngokwemigomo yokwahlulela ebekwe encazelweni yomugqa weKármán (100 km), iningi loluvumbulunga luyingxenye yomkhathinga. Umngcele ophakathi koluvumbulunga namalambulunga waziwa ngokuthi -thermopause .