Jump to content

INhlangano Kanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika

Kubuya ku Wikipedia

INhlangano Kanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika (noma iSAFA) izindikimba ebusayo kazwelonke elawula yonke imidlalo yebhola lezinyawo eNingizimu Afrika, eyingxenye yeNhlangano Kanobhutshuzwayo e-Afrika (CAF). ISAFA yasungulwa ngowe-1991. INhlangano Kanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika iyinhlangano yesibili kanobhutshuzwayo ukuba ibizwe ngokuthi iNhlangano kanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika futhi iyinhlangano yesibili yaseNingizimu Afrika exhumaniswa neFIFA. INhlangano Kanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika yanamuhla, ngokuphambene neziyandulelayo zangesikhathi sobandlululo, ovumela ukuba kube neqembu lesizwe elixube izinhlanga.

ISAFA yabhaliswa kuFIFA ngowe-1992 futhi iqembu lesizwe laqala ukudlala kuNdebe Yamazwe ase-Afrika nakuNdebe YoMhlaba.[1] Ngenkathi liyinhlangano eyingxenye yeFIFA, iNingizimu Afrika yakwazi ukusingatha umqhudelwano embalwa yeNdebe yeCOSAFA, iNdebe Yamazwe ase-Afrika yowe-1996, iNdebe YoMhlaba yeFIFA yowezi-2010, neNdebe Yamazwe ase-Afrika yowezi-2013.

INhlangano Kanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika inesibopho sokulawula amaqembu esizwe kanobhutshuzwayo aseNingizimu Afrika (kokubili elabesilisa nabesifazane), neSigaba Sesibili nezingaphansi zezinhlelo zemiqhidelwano kanobhutshuzwayo. Umqhudelwano Wesigaba esiphezulu ulawula izigaba ezimbili ezingaphansi kwawo neminye imincinriswano yezindebe.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Auf der Heyde, Peter (25 November 2009). "South Africa in international football". Independent Online. South Africa. Kulandwe ngomhlaka 30 May 2012.