INhlangano Yebhola Lesigaba Esiphezulu
INhlangano Yebhola Lesigaba Esiphezulu (PSL) ingumlawuli wezemidlalo ophethe imiqhidelwano nezindebe zikanobhutshuzwayo wezingcwepheshi eNingizimu Afrika. Amahhovisi ayo ase eGoli, futhi yasungulwa ngowe-1996 kulandela isivumelwano phakathi kwe-National Soccer League nezinsalela ze-National Professional Soccer League (NPSL).
Njengengxenye yeNhlangano Kanobhutshuzwayo yaseNingzimu Afrka, iNhlangano Yebhola Lesigaba Esiphezulu ihlela izigaba ezimbili zezingcwepheshi zeSigaba Esikhokhelayo saseNingizimu Afrika neseSigaba Sokuqala Sezwe, kanye nemincintiswano yendebe yomkhumulajezi yeNdebe yeNedbank nesiPhohlongo seMTN. Amaqembu akhishwa ehlathini leSigaba Sokuqal Sezwe ancintisana eSigabeni Sesibili seSAFA. Le nhlangano iphinde ihlele iSigaba seNtsha noma iSigaba Esiwumfakela wePSL DStv Diski Challenge.
Ukuhlelemba
[hlela | Hlela umthombo]INhlangano Yebhole Lesigaba Esiphezulu ithengisa amalungelo wokwetha imincintiswano yayo, kulabo abazoxhasa isicoco.
Ngaphambilini yakwazi ukuhlela iNdebe Yomusa (Charity Cup), umncintiswano wosuku olulodwa, wamaqembu amane, wokuvula umdumbu owaqala ngowe-1986 kuya kowe-2010. INdebe yakwaBaymed take yadlalwa amaqembu eSigaba Sokuqala, Kodwa yayekwa emva kohlelo lokuqala ngowezi-2006.