Jump to content

INhlangano Yokuthuthukisa i-Afrika eseNingizimu

Kubuya ku Wikipedia

INhlangano Yokuthuthukisa i-Afrika eseNingizimu (SADC ) iyinhlangano yohulumeni enendlunkulu eGaborone, eBotswana.

Izimpokophelo

[hlela | Hlela umthombo]

Impokophelo ye-SADC ukuqhubekisela phambili ukubambisana kwezenhlalo nezomnotho kanye nokuhlanganiswa kwesifunda kanye nokubambisana kwezombusazwe kanye nokuvikeleka phakathi kwamazwe ayi-16 ase-Afrika eseNingizimu. [1] Nakuba izinhloso zayo eziyinhloko kuyintuthuko, ukukhula komnotho, kanye nokunciphisa ubumpofu, ukugcina ukuthula sekubaluleke kakhulu kwi-SADC. [2]

UMlando wenhlangano iSADC waqala eminyakeni yowe-1960-1970s, lapho abaholi amazwe abuswa ngentamno yeningi nabemibutho yenkululeko bexumanisa imizabalazo yabo kwezombusazwe, kwezocebediso nakwezempi ukuze baphelise ubuqoneli nokubusa kwabelungu eAfrika eseningizimu.[citation needed] Isandulela sobambiswano lwezombangazwe nezokulonda olukhomba namuhla kuSADC lwaqala ngokungemthetho ngeqembu Lamazwe Asekhaleni (Frontline States -FLS). Le nhlangano yasungulwa ngowe-1980.[citation needed]

ibhayi leSADCC (1980–1992)

Inkomfa Exhumanisa Intuthuko eNingizimu Afrika (Southern African Development Coordination Conference -SADCC) kwakuyisandulela sobambiswano lwezenhlalo-mnotho lweSADC yanamuhla. Ukwamukelwa kwesimemezelo saseLusaka ngamazwe alithoba aseAfrika eseningizimu abuswa ngentando yeningi, ngo-April 1980 kwendlalela ukusubgulwa kweNkomfa Exhumanisayo ngo-April 1980.[citation needed]

Amalungu Amazwe Asekhaleni awafani namazwe namazwe eNkomfa Exhamanisayo.

Inkomfa Exhumanisayo (SADCC) yaguqulwa kwaba iNhlangano Yentuthuko (SADC) mhla zili-17 August 1992, ngokwamukelwa kwesimemezelo saseWindhoek ngamalunga asungule iNkomfa Exhumanisayo nezwe elisanda kuzimela iNamibiya Kanye nokucikicwa kwesivumelwano esisungula iSADC. Ngowe-1992 le nhlangano yayihlinzeka amazwe Ayo ngobambiswano lwezenhlalomnotho emkhakheni yezombusazwe nakwezelondo. Empeleni Amazwe Asekhaleni ahlakaze bgowe-1994 lapho iNingizimu Afrika ibamba ukhetho lokuqala lombusosobala.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Schenoni, Luis L. (3 April 2018). "The Southern African unipolarity". Journal of Contemporary African Studies. 36 (2): 207–228. doi:10.1080/02589001.2017.1364355 – via Taylor and Francis+NEJM.
  2. ↑ Shinn, David H.; Eisenman, Joshua (2023). China's Relations with Africa: a New Era of Strategic Engagement. New York: Columbia University Press. ISBN 978-0-231-21001-0.