Jump to content

INqolobane Yesikhungo

Kubuya ku Wikipedia

INqolobane Yesikhungo ingumqogelelo wokuqoqa, ukulondoloza, nokusabalalisa izifaniselo zezezibhangqiwe eziyiziphumo zobulumuko besikhungo, ikakhulukazi isikhungo socwaningo. [1] AbakwaNgqondonkulu nabo basebenzisa izinqolobane zesikhungo ukuqogelela imibhalo eshicilelwe ukuze bandise ukubonakala kwazo kanye nokusebenzisana nabanye ongoti. [2] Kodwa-ke, iningi lalezi ziphumo ezikhiqizwa amanyuvesi azifinyeleleki futhi zabelwe abacwaningi kanye nababambiqhaza. [3] Ngenxa yalokho abakwangondonkulu kufanele baandakanywe ekugunundenu nasekuthuthukisweni komklamo wenqolobane yesikhungo ukuze bafunde izinzuzo kanye nebomu lokwakha inqolobane yesikhungo. [4]

  1. Crow, Raym (2002). "The Case for Institutional Repositories: A SPARC Position Paper". ARL (in i-English) (223): 1–4.
  2. Ukwoma, Scholastica C. (2017). "Academics' Attitudes toward the Utilization of Institutional Repositories in Nigerian Universities". Portal: Libraries and the Academy (1): 17–32.
  3. Safdar, Muhammad (2021-01-01). "Students' Perception about Institutional Repository and Impact of Electronic Contents on their Research: A Pakistani Perspective". Library Philosophy and Practice (E-journal).
  4. Patowari, Sewali (2023-05-15). "Development of information repository(IR) in academic institutions - a study". Library Philosophy and Practice (E-journal).