Jump to content

iNsimi yoMchazazilo kaZwelonke yaseNingizimu Afrika

Kubuya ku Wikipedia

Insimi yoMchazazilo kaZwelonke yaseNingizimu Afrika (ngesiNgisi ibizwa National Zoological Garden of South Africa) noma i-Pretoria Zoo, iyindikimba yensimi yocwaningo okwezomchazazilo, yokulondoloza izilo ezisongelwe kanye nokululamisa izilo ezilimele ukuze zibuyele ngasendle. Lensimi ingaphansi kwesiKhungo sikaZwelonke seNkithinkithi yeMpilo saseNingizimu Afrika. Isungulwe ngu-John Gunning nge-1899. Lensimi yezilo ingenye yezishiyagalombili emhlabeni ngobukhulu.

Umengameli wekoloni yamabhunu eyayibizwa iRiphabhuliki eseNingizimu Afrika uStephanus Schoeman wayenesizinda sezolimo esasiqukatha umhlaba owawutshontshiwe kwabomdabu. Lesizinda sezolimo sasibizwa iKlein Schoemansdal. Udayise lesizinda sezolimo kuJohannes Francois Celliers. uCelliers usiqambele igama elintsha: Rus in Urbe. Nge-1895, uhulumeni wamabhunu uthenge lesizinda sezolimo. Insimi yomchazazilo isungulwe kuso ngenkathi kuqala iMpi yesiBili yamaBhunu namaNgisi nge-1899. Nge-1916, iqokwe insimi yomchazazilo kazwelonke ngokomthetho. Yayiphethwe yisiSekelo soCwaningo sikaZwelonke saseNingizimu Afrika. Inikezwe isiKhungo sikaZwelonke seNkithinkithi yeMpilo kaZwelonke saseNingizimu Afrika.

Isimomhlaba

[hlela | Hlela umthombo]

Ingxenye yesibili yensimi isendaweni eyithafa, kanti enye ingxenye isehlangothini legquma. Lezi zindawo ezimbili zihlukaniswe uMfula Apies ogeleza kuwo. Amabhuloho amabili anikeza indlela yokwenqa umfula.

Izilwane

[hlela | Hlela umthombo]
Inhlobo yezilwane Ubalo wezinhlobo Inani lezilwane
Izilwane ezincelisayo 209 3117
Izinyoni 202 1358
Izinhlanzi 190 3871
Izilwane ezingenamgogodla 4 388
Izilwane ezihuquzelayo 93 309
Izilwane eziphila emanzini nasezweni 7 44
Ubalo luhlangene 705 9087

Izithombe

[hlela | Hlela umthombo]