IQembu Lebhola Lesizwe laseNingizimu Afrika
| Shirt badge/Association crest | |||
| Isifenqo | Bafana Bafana | ||
|---|---|---|---|
| INhlangano | SAFA | ||
| INhlangano yezwekazi | CAF | ||
| Sub-confederation | Cosafa | ||
| Umqeqeshi oyinhloko | Hugo Bross | ||
| Induna | Ronwen Williams | ||
| Ovele kakhulu | Aaron Mokeona (107) | ||
| Umgadli ophezulu | Benni McCarthy (31) | ||
| Inkundla yasekhaya | Ezihlukahlukene | ||
| Uphawu kuFIFA | RSA | ||
| |||
| Umdlalo wokuqala wamazwe | |||
|
| |||
| Ukunqoba okukhulu | |||
|
| |||

Iqembu lesizwe lebhola laseNingizimu Afrika liyiqembu labesilisa elimele iNingizimu Afrika emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo lamazwe omhlaba futhi ligunundwa iSAFA , okuyindikimba elawula unobhutshuzwayo eNingizimu Afrika. Igama eliyisifenqo noma isiteketiso laleli qembu lithi iBafana Bafana. Leli qembu lidlala ezinkundleni ezihlukahlukene eMhlabeni wonke. Leli qembu liyilunga lezinhlangano iFIFA kanye neNhlangano Kanobhutshuzwayo yase-Afrika CAF, futhi liyiqembu lesizwe elixhaswa kahle kakhulu e-Afrika,[1] futhi laziwa ngonfaniswano walo wemibala ophuzi noluhlaza.
Ladlala umdlalo walo wokuqala ngowe-1906, futhi labuyela esigabeni somhlaba ngowe-1992, ngemuva kweminyaka eli-16 livinjelwe kuFIFA, kanye neminyaka engama-40 yokumiswa ngempumelelo ngenxa yohlelo lobandlululo.[2] INingizimu Afrika yafanelaka ukudlala kuNdebe YoMhlaba yeFIFA izikhathi ezintathu: iNdebe YoMhlaba yowe-1998, iNdebe YoMhlaba yowezi-2002 neNdebe YoMhlaba yowezi-2006, futhi yafanelaka lapho isingethe umqhudelwano wezi-2010, yaba yisizwe sokuqala sase-Afrika ukwenza njalo. Nakuba yaguqisa elaseFransi ngamanqaku ama-2-1 emdlalweni wabo wokugcina wesigaba samaqembu, lahluleka ukudlulela phambili kusukela emzuliswaneni wokuqala walo mqhudelwano, laba yiqembu lesizwe lokuqala elisingethe iNdebe Yomhlaba yeFIFA kodwa laphuma esigabeni samaqembu emlandweni, lalandelwa elaseQatar ngowezi-2022.[3] NgoJanuary wezi-2026, leli zwe likleliswe njengelama-60 kuFIFA.
Impumelelo enkulu eyafezwa ilelizwe kwaba ukusingatha nokunqoba iNdebe Yamazwe ase-Afrika ngowe-1996 (AFCON). Lafika kwelamanqamu ngonyaka we-1998 kodwa lahlulwa elaseGibhithe.
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]Phambi kowe-1992
[hlela | Hlela umthombo]Umldalo kanobhutshuzwayo wafika eNingizimu Afrika ngobuqonela ekupheleni kwekhulu le-19, njengoba wawunesibunge phakathi kwamagumgedlela aseBrithani.[4] Kusuka ezinsukwini zokuqala zalomdlalo eNingizimu Afrika kuze kube sekupheleni kobandlululo, unobhutshuzwayo ohlelekile wakhinyabezwa uhlelo lezwe lokubandlulula ngokobuhlanga. INhlangano yabamhlophe yebhola (FASA) yabunjwa ngowe-1892, kuyilapho amaNdiya abumba iNhlangano YamaNdiya yebhola (SAIFA), bese kuba neNhlangano yebhola yaBantu (SABFA) ekugcineni kube neNhlangano yebhola YabaNsundu (SACFA) zonke ezabunjwa ngowe-1903, 1933 nowe-1936 ngokulandelana.

Ngowe-1903 iSAFA yazihlanganisa neNhlangano kanobhutshuzwayo yaseNgilandi ngemva kweMpi YamaNgisi namaBhunu Yesibili. Kwakunezinhlelo zokuthi iqembu lidlale emqhudelwaneni owawuse-Argentina, phakathi kweNingizimu Afrika neFullham F.C. ezazivakashile, kodwa akunzekanga. Nkho, elaseNingizimu Afrika labheka eMelika eseningizimu ngowe-1906 ukuze liyodlala uchungechunge lwemidlalo yesihle lapho.[5]
LaseNingizimu Afrika ladlala imiqhatho eli-12 kulelo zwekazi, lanqoba eli-11 ngamanqaku angama-60 ashayiwe lingenelwe ayisikhombisa kuphela. Amaqhwamelala ayihanganisa Belgrano A.C., iqembu lebhola lesizwe sase-Argentina, iLiga Rosarina, iEstudiantes (BA) kanye neQuilmes.[6] Iqembu elahlula iNingizimu Afrika kwaku elase-Argentina elibizwa Alumni ngenqaku eli-1– eqandeni 0 enkundleni iSociedad Sportiva eseBuenos Aires, mhla zingama-24 kuJune, nakuba iNingizimu Afrika yakwazi ukuziphindeselela mhla zingama-22 kuJulayi, lapho elanqoba ngamanqaku ama-2–0.[7] Abadlali baleli qembu kwakungbelungu bodwa, abayizisebenzi zikahulumeni, amakhwezi, nabangcikishi bengqalasizinda. Kubadlali abayi-15 abayisikhombisa bzalelwa eNingizimu Afrika, abayisiphohlongo babevela eNgilandi naseSkotilandi.
INingizimu Afrika kwakungelinya lamazwe amane ase-Afrika abamba iqhaza emhlanganweni weFIFA ngonyaka we-1953, lapho enza khona angqekelela, futhi anqoba, ukuba amelelwe esigungwini esiphezulu seFIFA.[8] Ngaleyondlela, lamazwe womane, iNingizimu Afrika, elaseTopiya, elaseGibhithe nelaseSudani abumba iNhlangano Kanobhutshuzwayo yase-Afrika gowe-1956, futhi umeleli weNingizimu Afrika uFred Fell, waba ilungu lokuqala ukuba ahlale kule nhlangano.
1992–2000
[hlela | Hlela umthombo]Ngemva kokuqeda amashumiminyaka amabili liqhingwe amanye amazwe, izwe laseNingizimu Afrika ladlala umdlalo walo wokuqala mhla zisikhonbisa kuJulayi 1992 lapho e-Ashiya khona elaseKamerooni ngeli-1-0 enkundleni yaseKings Park eThekwini.[9]
Leli zwe langenela imidlalo yokuhlungelwa iNdebe Yamazwe ase-Afrika yowe-1994 futhi laba kuqembu 5 kanye neMaurishiyasi, iZambiya, neZimbakwe. Lawunqoba umdlalo wokuqala, bevakashele iZambiya, badlala ngokulingana neMaurishiuasi neZimbakwe ekhaya. Leli zwe laqeda isithathu lahluleka ukufaneleka kuya phambili.
Emidlalweni yokuhlungela iNdebe YoMhlaba yowezi-1994 iNingizimu Afrika yabekwa kuqembu D, kanye neKhongo, iLibiya, neNayijeriya. ILibiya yahoxa kulemidlalo. INingizimu Afrika yaphuma isibili eqenjini D iodwa yahluleka ukufaneleka kuya phambili.
Ngowe-1996, emva kweminyaka emihlanu llyamukelwe emhlabeni, izwe laseNingizimu Afrika lafeza okukhulu ngokusingatha futhi linqobe iNdebe Yamazwe ase-Afrika yowe-1996, futhi laba yizwe le-16 kuqhiwu lakwaFIFA.[10]
Ukuxoshwa kukaClive Barker okuthuse abantu akuwehlisanga umfutho njengoba laqeda isibili kuNdebe Yamazwe ase-Afrika yowe-1998 lilandela elaseGibhithe ngaphansi komqeqeshi uJomo Sono]. Leli zwe lavela ukokuqala elkuNdebe YoMhlaba, lafaneleka ukudlala kuNdebe YoMhlaba yowezi-1998. Ngaphansi komqeqeshi uPhilippe Troussier, iNingizimu Afrika yashywa bgamanqaku ama-3-0 elseFransi, emidlalweni wokuvula umqhudelwano, lalinganisa neDenmaki Kanye neSaudi Arabia ngamanqaku 1-1 namanqaku 2-2 ngokulandelana futhi laphuma kanjalo.
Kweyezi-2000
[hlela | Hlela umthombo]Ngaphansi komqeqehi omusha uTrott Moloto, iNingizimu Afrika yaqala ishumiminyaka ngamandla, futhi laphuma isithathu kumqhudelwano weNdebe Yamazwe ase-Afrika yowezi-2000; ngale kwalokhu, kwadingeka ukuba kutholwe omunye umqeqeshi. Kwaqashwa uCarlos Queiroz wasePhothugali ukuze ayise lelizwe kuNdebe YoMhlaba yowezi-2002. Leli zwe lafaneleka ukudlala kuNdebe Yamazwe ase-Afrika ngowe-2002 futhi lakhishwa emzuliswaneni wesiPhohlongo esisele lapho lishaywa abasingathi okuyiMali. Emidlalweni yokuhlungelwa iNdebe YoMhlaba, lapho elafaneleka khona kalula ukuyodlala kuyo, uQueiroz washiya isikhundla sakhe njengomqeqeshi ngenxa yokulwisana okwakuphakathi kwakhe nabaphathi.
Owayeyinkakha kwezikanobhuthsuzwayo uJomo Sono wabuyiswa ukuza azobamaba okwesikhashana alungiselele iqembu ukuya eKoriya naseJaphani. Leli zwe lafakwa eqenjini B leNdebe YoMhlaba kanye nelaseSpeyini, Paragweyi neliyisileke elaseSloveniya, lapho eladlala ngokulingana ngamanqaku 2-2 neParagweyi emqhathweni wokuvula lisizwa ukubhubuza emlotheni okwenziwe uQuinton Fortune futhi lalandela ngokunqoba kwalo kokuqala ngenqaku eli-1-0 ngokumelene neSloveniya. Laqhubeka ladlala neSpeyini linamaphuzu amathathu. Kulo mqhatho obubhekwe ngabomvu, nokwashywa kuwo amanqaku amahlanu ngehora lokuqala, iNingizimu Afrika yazama ukulinganisa kodwa yahlulwa ngamanqaku ama-3-2. Komunye umdlalo, owawudlalwa ngesikhathi esifanayo, iParagweyi yaguqisa iSloveniya ngama-3-1, nokwenza iParagweyi idlule iNingizimu Afrika ngamanqaku futhi idlulele phambili.
INingizimu Afrika yadlula kubaqeqeshi abane phakathi kweziNdebe ZoMhlaba yowezi2002 neyowezi-2006: uEphraim Mashaba (2002–2004), uApril Phumo (2004), uStuart Baxter (2004–2005), uTed Dumitru]] (2005–2006) nowayebambe isikhashana uPitso Mosimane (2006). Akekho kubo owakwazi ukuletha impumelelo eyayifana neyangaphambili ngrminyaka yowe-1990 nasekuqaleni kowezi-2000, leli zwe lahluleka ukuqombola ledlule izigaba zamaqembu eNdebeni Yamazwe ase-Afrika yowezi-2004 neyowezi-2006, lapho elahluleka nokushaya inqaku elilodwa, futhi lahluleka nokufaneleka ukuya kuNdebe YoMhlaba.

Kwalandwa owake wanqoba iNdebe YoMhlaba yowezi-1994 nomqeqeshi wezwe laseBrazili uCarlos Alberto Parreira ukuba azolekelela, naye wavuma. Wacikica isivumelwano seigidi ezilikhulu seminyaka emine. Waqala mhla zili-1 kuJanuwari 2007 kulungiselwla iNdebe YoMhlaba yowezi-2010, eyayizosingathwa iNingizimu Afrika. Washiya phansi njengomqeqeshi ngo-April wezi-2008 ngezizathu zomndeni. UJoel Santana owakhethwa nguye uParreira wamelaama esikhundleni futhi isivuelwano sakhe sasizophela ngowezi-2010.[11]
Abasingathi beNdebe YoMhlaba yowezi-2010 bahluleka ukufaneleka iNdebe Yamazwe ase-Afrika yowezi-2010, futhi uParreira wabuya kusenesikhathi sokudlala kuNdebe Yezinhlangano zeFIFA yowezi-2009 – nayo eyayidlalelwa kuleli. Leli zwe lakwazi ukuphefukisa ukuqhogoya kwalo, futhi lamelana nelaseSpeyini ompetha nealseBrazili, okwadingeka ukuba lishaye inqaku lemizuzu engama-88 ukuze linqobe umdlalo liye kwelamanqamu. ELakulelei laphuma isine ekugcineni, lishaywa iSpeyini ngamanqaku ama-3-2.

Njengabasingathi beNdebe YoMhlaba, leli zwe labekwa eqenjini A, kanye nelaseMekisko, Urugweyi, neFransi. Leli zwe ladala umdlalo walo wokuqala wokuvula iNdebe YoMhlaba nelaseMekisiko futhi adlala ngokulingana (1-1-) ngenqaku elashywa uSiphiwe Tshabalala. Lehlulwa kanzima ngamqaku ama-3-0 elaseUrugweyi futhi ukunqoba kwelaseMekisko lishaya iFransi kwanciphisa amathemba abadlali. Nakuba lakwazi ukushaya elaseFransi, kodwa lahluleka ukuya emzuliswaneni wesibili, futhi kwaba iqembu lokuqala elisingethe ukuba lingadluli emzulisanwneni wokuqala.
Iziqoshwa
[hlela | Hlela umthombo]- Abadlali in abagqanyisiwe basasekhona eqenjini.
Abadlale kakhulu
[hlela | Hlela umthombo]| Uqhiwu | Umdlali | Caps | Amanqaku | Iminyaka |
|---|---|---|---|---|
| 1 | Aaron Mokoena | 107 | 1 | 1999–2010 |
| 2 | Itumeleng Khune | 91 | 0 | 2008–2020 |
| 3 | Siphiwe Tshabalala | 90 | 12 | 2006–2017 |
| 4 | Siyabonga Nomvethe | 82 | 16 | 1999–2012 |
| 5 | Benni McCarthy | 81 | 31 | 1997–2012 |
| 6 | Shaun Bartlett | 74 | 29 | 1995–2005 |
| 7 | John Moshoeu | 73 | 8 | 1992–2004 |
| Bernard Parker | 73 | 23 | 2007–2015 | |
| 9 | Delron Buckley | 72 | 10 | 1999–2008 |
| 10 | Lucas Radebe | 70 | 2 | 1992–2003 |
Top goalscorers
[hlela | Hlela umthombo]
| Uqhiwu | Umdlali | Amanqaku | Caps | Isiqhathaniso | Iminyaka |
|---|---|---|---|---|---|
| 1 | Benni McCarthy | 31 | 81 | 0.39 | 1997–2012 |
| 2 | Shaun Bartlett | 29 | 74 | 0.38 | 1995–2005 |
| 3 | Katlego Mphela | 23 | 53 | 0.43 | 2005–2013 |
| Bernard Parker | 23 | 73 | 0.32 | 2007–2015 | |
| 5 | Phil Masinga | 18 | 58 | 0.33 | 1992–2001 |
| 6 | Percy Tau | 16 | 52 | 0.31 | 2015–present |
| Siyabonga Nomvethe | 16 | 82 | 0.2 | 1999–2012 | |
| 8 | Tokelo Rantie | 13 | 41 | 0.32 | 2012–2017 |
| Sibusiso Zuma | 13 | 67 | 0.19 | 1998–2008 | |
| 10 | Themba Zwane | 12 | 51 | 0.24 | 2014–present |
| Siphiwe Tshabalala | 12 | 89 | 0.13 | 2006–2017 | |
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Mahlangu, H. B.; Dlodlo, N.; Mokoena, B. A. (June 2013). "Supporters' perceived brand equity of the Bafana Bafana National Football Team of South Africa | African Journal for Physical Health Education, Recreation and Dance". African Journal for Physical Health Education, Recreation and Dance 19 (2): 324–335. https://journals.co.za/doi/abs/10.10520/EJC137202. Retrieved 23 December 2024.
- ↑ "From apartheid to the World Cup – four decades in the sporting life of South Africa". FIFA. 27 October 2004. Archived from the original on 10 February 2017. Kulandwe ngomhlaka 1 September 2017. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "England slip to worst Cup ranking". BBC News. 13 July 2010. Archived from the original on 29 December 2018. Kulandwe ngomhlaka 1 December 2011. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Goldblatt, David (2007). The Ball is Round: A Global History of Football. London: Penguin. pp. 90–91. ISBN 978-0-14-101582-8.
- ↑ Before The 'D'...Association Football around the world, 1863–1937 Archived 1 January 2018 at the Wayback Machine., page 4
- ↑ Gira Sudamericana de Sudáfrica 1906 Archived 21 November 2021 at the Wayback Machine. on Fútbol Nostalgia website
- ↑ Historia del Fútbol Amateur en la Argentina by Jorge Iwanczuk. Publisher: Autores Editores (1992) – ISBN 9504343848
- ↑ Goldblatt, The Ball is Round: A Global History of Football, p493
- ↑ "South Africa marks 30 years since return from footballing wilderness". BBC Sport. 7 July 2022.
- ↑ Hawkey, Ian (24 June 2019). "'Mandela brought extra pressure': The story of South Africa's Afcon triumph". The Guardian.
- ↑ CNN[dead link]
- ↑ Passo Alpuin, Luis Fernando. "South Africa – International Appearances". RSSSF. Archived from the original on 5 November 2013. Kulandwe ngomhlaka 2 February 2023. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "South Africa". National Football Teams.
- Pages using infobox national football team with unknown parameters
- Pages containing cite templates with deprecated parameters
- Pages with citations using unsupported parameters
- Webarchive template wayback links
- All articles with dead external links
- Articles with dead external links from June 2010
- Pages with broken file links