IQembu Lesizwe Lebhola laseFulansi
Iqembu lesizwe lebhola laseFulansi limele izwe laseFulansi ebholeni labesilisa lamazwe omhlaba. Lilawulwa yiNhlangano Kanobhutshuzwayo yaseFulansi (FFF; Fédération française de football ), inhlangano ebusayo yebhola eFulansi . Liyilungu le -UEFA eYurophu kanye ne-FIFA emiqhudelwaneni yomhlaba wonke. Imibala nezithombe zeqembu zibhekisela ezimpawini ezimbili zesizwe: umbalathathu olundwa-mhlophe-bomvu waseFulansi kanye nesikhukhukazi sase-Gali ( coq gaulois ). Leli qembu laziwa ngolimi lwasekhaya ngokuthi i-Les Bleus (Ezilundwa). Lidlala imidlalo yasekhaya eStade de France eSaint -Denis futhi liziqeqesha eCentre National du Football eClairefontaine-en-Yvelines .
Lasungulwa ngowe-1904, leli qembu selinqobe iziNdebe Zomhlaba ezmbili zeFIFA, izindebe zomqhudelwano waseYurophu we-UEFA ezimbili, umqhudelwano weNdebe-yeCONMEBOL–neUEFA owodwa, iziNdebe zeziNhlangano zeFIFA ezimbili kanye nesicoco somqhudelwano Wamazwe eUEFA esisodwa. IFulansi yayingelinye lamaqembu amane aseYurophu abambe iqhaza kwiNdebe Yomhlaba yokuqala ngowe- 1930. Eminyakeni engamashumi amabili nesishiyagalombili kamuva, iqembu elaliholwa nguRaymond Kopa noJust Fontaine laqeda endaweni yesithathu kwiNdebe Yomhlaba yowe-1958. IFulansi yathola impumelelo enkulu ezinkathini ezintathu ezahlukene: ngawo-1980, ngasekupheleni kwawo-1990 kuya ekuqaleni kwawo-2000, kanye ekupheleni kwawo-2010 kuya ekuqaleni kwawo-2020.