IRiphabhuliki wephalamende

Mayelana Wikipedia
Amazwe alawulwa ngendlela yamaphalamende atshengiswe ngokubomvu nokuphuzi. Okubovu yimikhosi elawulwa ngomthethosisekelo. Okuphuzi iriphabhuliki yephalamende. Okuhlaza ilapho iphalamende lilekelela ababusi bezwe, kodwa abaqokwa yibo.

IRiphabhuliki yephalamende igama lohlobo lukahulumeni. Lendlela yokwenza isetshenziswa emazweni amaningi.

Ukwakheka[hlela | Hlela umthombo]

Kwindlela yasephalamende, izishayamthetho inxenye kahulumeni ebeka imithetho. Izishayamthetho ziphinde zinikezele ngamandla kwi-executive (inxenye kahulumeni eyenza isiqiniseko sokuba imithetho iyalandelwa). Lokhu kungukwakheka okulula kweriphabhuliki yephalamende. Umehluko indlela izishayamthetho ezithola ngayo amandla. Izishayamthetho kaziqokwa ngobusayo noma kusukela ekuzalweni njengamakhosi. Abahlali balelozwe ibona abakhetha izishayamthetho ngokuvota. Lokhu kusho ukuthi i-executive ithola amandla wayo kwizishayamthetho, kodwa izishayamthetho zona zithola amandla wazo kubantu.

Isebenza kanjani na?[hlela | Hlela umthombo]

Abantu baqoka izishayamthetho. Baningi abantu abakwizishayamthetho. Labobantu babe sebehlanganyela baqoke oyedwa ozoba ngumholi wabo. Umholi ujwayele ukuba ilunga lezishayamthetho. Igama la lesisikhundla nguPrime Minister emazweni amaningi. U-Prime Minister ngumholi kahulumeni. Lomuntu nguyena ohola izwe. Ngalendlela, abantu banamandla ngemuva kweriphabhuliki yephalamende. Ibona abakhetha imikhakha ezokwenza uhulumeni asebenze ngendlela efanele.

Lendlela yokwenza ihlukile kwezinye izindlela zasemaphalamende ngoba izishayamthetho ziqokwa ngendlela ehlukile. Kwezinye izindlela zasemaphalamende, amalunga aqokwa ngumholi wezwe, abaholi bomdabu, noma ngokuzalwa. Kwiriphabhuliki yephalamende, ngabantu abaqoka amalunga. Abantu bakwenza lokhu ngokuvota. Kwezinye izikhathi bavotela wonke umuntu osephalamende. Kwezinye izikhathi bavotela abantu bangakubo. Osopolitiki ababavotelile bayahamba beye ephalamende beyobeka imithetho baphinde baqoke umholi wezwe. Lokhu kunikeza abantu amandla okukhetha ukuba ngubani ozongena kuhulumeni.


Umzekelo[hlela | Hlela umthombo]

Izwe Ukuqala kweriphabhuliki yephalamende
Albania 1991
Bangladesh 1991
Bosnia and Herzegovina 1991
Botswana 1966
Bulgaria 1989
Cape Verde 1990
Croatia 2000
Czech Republic 1993
Dominica 1978
East Timor 1999
Estonia 1991
Ethiopia 1991
Finland 1919
Germany 1949
Greece 1975
Hungary 1990
Iceland 1944
India 1950
Iraq 2005
Ireland 1949
Israel 1948
Italy 1946
Kiribati 1979
Kyrgyzstan 2010
Latvia 1991
Lebanon 1941
Libya 2012
Lithuania 1991
Macedonia 1991
Malta 1974
Marshall Islands 1979
Mauritius 1992
Federated States of Micronesia 1986
Moldova 1994
Mongolia 1949
Montenegro 1992
Nauru 1968
Nepal 2008
Pakistan 2010[1][2]
Poland 1990
Samoa 2007
San Marino 0301
Serbia 1991
Singapore 1995
Slovakia 1993
Slovenia 1991
Somalia 2012
South Africa 1961
Trinidad and Tobago 1976
Turkey 1946
Vanuatu 1980

Izinkomba[hlela | Hlela umthombo]

  1. By Kiran Khalid, CNN (2010-04-09). "Pakistan lawmakers approve weakening of presidential powers". CNN.com. Kulandwe ngomhlaka 2010-04-14.
  2. "'18th Amendment to restore Constitution' | Pakistan | News | Newspaper | Daily | English | Online". Nation.com.pk. Archived from the original on 2010-04-14. Kulandwe ngomhlaka 2010-04-14.