Jump to content

ISilo uShaka kaSenzangakhona

Kubuya ku Wikipedia
ISilo uShaka kaSenzangakhona
ISilo Samabandla Onke

Umdwebo wabelungu we-1824 weNgonyma uShaka iphethe umkhonto nesihlangu.
Uhlu lamakhosi akwaZulu
Wabusa 1816 - 1828
Umandulli Senzangakhona kaJama
Umelami Dingane kaSenzangakhona
UYise Senzangakhona kaJama
UMama Nandi kaBhebhe
Wazalwa July 1787
UMbuso wakwaMthethwa eduze naseMelmoth, IKwaZulu-Natali, INingizimu Afrika)
Wakhothama 24 September 1828 (age 41)[1]
KwaDukuza
ILiba KwaDukuza
INkolo Inkolo yendabuko yamaZulu

UShaka kaSenzangakhona (1787}} – 24 Septemba 1828), owaziwa nangokuthi uMlilwana , nokuthi uSigidi kaSenzangakhona, wayeyingonyama yamaZulu kusukela ngowe-1816 kuya kowe-1828. Wayeyinkosi yamaZulu eyaba nethonya elikhulu, walehta izinguquko ezinkulu ezahlela kabusha amabutho futhi aphenduka amandla asabekayo.

ISilo uShaka sazalwa ngenyanga kaNtulikazi (July) ngowe-1787, eMthonjaneni, IKwaZulu-Natali, INingizimu Afrika. Uyindodana yenkosi yamaZulu uSenzangakhona kaJama, futhi wayehlanjalazwa ngokuthi ivezandlebehe. Wakhulela kabonina, eLangeni, lapho abuthelwa khona impi okokuqala, ekhonza njengeqhawe leNgonyama uDingiswayo.[2]

UShaka wayicolisa indlela yokuhlelwa kwebutho, esekwa ubukhosi akwaMthethwa. Wakha umbimbi neminye imilibo engomakhelwane ukuze bamelane nabaphangi bakwaNdwandwe abaqhamuka enyakatho. Imivivo yakwaZulu yakuqala kwakungeyokuzivikela, njengoba ayefuna ukucindezela isitha ngocebediso, ukubulala kuyinqhingasu elingavamile. Izinguquko zakhe zomphakathi wasendaweni zakhela phezu kwezinhlaka ezikhona. Nakuba ayethanda izindlelasu zezombusazwe ezingokwenhlalo nemfethezo, futhi wayezibambela mathupha empini.

Ukubusa kukaShaka kwaqala ngasikhathi sinye nenkathi ebizwa iMfecane, okwakuyinkathi egubuzelwe yizimpi nesiyaluyalu eAfrika eseningizimu kusukela ngowe-1815 nowe-1840 neyabalekisa abantu abaningi esifundeni. Kuyaphikiswana ngeqhaza lakhe kuyo leMfecane. Ngonyaka we-1828, wasocongwa umfowabo uDingane nomntwanenkosi uMhlangana bekanye nensila yakhe uMbopha kaSithayi.

Ukufa kukashaka

[hlela | Hlela umthombo]

Inkosi uShaka kaSenzangakhona kaJama waye yinkosi yesizwe samaZulu. UmntakaNdaba wathatha isihlalo sobukhosi mhla kukhothama uyise ingonyama uSenzangakhona kaJama. Umlando (kaNodumehlezi kaMenzi uphinde udungwe amanga nezinganekwane, kodwa-ke lana sizame ukukukhethela umlando okuyiwona ocwengekile). uShaka uzalwa indlovukazi uNandi kaBhebhe nenkosi uSenzangakhona kaJama. mhla efika emhlabeni uShaka, uyise wayesevele esiphikile isisu sika nina, wathi akakhulelwe uphethwe isishaka, isifo samathumbu esiqumbisa isisu. Ngenxa yokuphikwa nguyise, uShaka noNandi babehambe behlala, behlukumezeka, behlekwa. Kuthiwa ulaka lukaShaka lwatshaleka ngaso lesisikhathi behlukumezeka benonina nodadewabo omncane uNomcebo kaSenzangakhona.

Kwa-Mthethwa

[hlela | Hlela umthombo]

uShaka wayesezikhandele ugazi nenkosi yakwaMthethwa uDingiswayo wakhonza ngaphansi kaDingiswayo njengomholi webutho. Kulapha uShaka akhombisa ubuhlakani bakhe ngokukhanda izindlela ezintsha zokulwa, nokuguqula izikhali. Wabona ukuthi amabutho agijima kancane uma embathe izingxabulelo, wathi zingasagqokwa. Kanti futhi nesihlangu (ihawu) siyasinda futhi umkhonto mude kakhulu futhi ethi kukhombisa ubugwala ukugwazela kude. Ubuhlakani bukaShaka bamenza umuntu ohlonishwa kakhulu futhi bemsaba kaMthethwa.

Ukuthatha kweLembe ubukhosi

[hlela | Hlela umthombo]

Zulu, INkosi uZwide kaLanga ibongwa kuthiwe "Izibuko elimadwala abushelelezi, lashelela uMalusi waseNgoleleni, lashelela uDingiswayo waseluYengweni.". Le misho, iyakufakazela ukuthi, iNkosi uDingiswayo yakhothama emva kokubulawa kukaMalusi kaManukuza Nxumalo eNgoleleni. Lesi senzo seNkosi uZwide, "uNonkonkela abantu bahlatshwe", sayiphatha kabi iNkosi uDingiswayo. Nokho yayisi libekile iLembe ebukhosini bakwaZulu. Phela, iLembe neNkosi uDingiswayo kanye noNgwadi kaGendeyana, bathi bezwa kwesakwaMthethwa ukuthi ithe itshalwa iNkosi uSenzangakhona, uMntwana uMudli kaNkwelo kaNdaba noMntwana uMkabayi kaJama kaNdaba, babeka iNkosi uSigujana kaSenzangakhona ukuba abuse uZulu.

Lokhu kwamdina kakhulu okaJobe, wayesethi kufanele kuhambe uNgwadi kaGendeyana Qwabe umfowabo weLembe, ukuba ayongena kwaZulu afike aqambe amanga athi, iNkosi uDingiswayo ilibulele iLembe, acele nokuhlala khona kwaNobamba. Nangempela wamukelwa uNgwadi wasondela kakhulu eNkosini uSigujana, yacela nokuba afundise isizwe ukulwa, ngoba wayebuya esizweni esasilwa sakwaMthethwa. Kwathi ehla eyogeza emfuleni okaSenzangakhona, noNgwadi wehla naye, wafika wamcwilisa wagwiliza waze wakhothama okaSenzangakhona. Wase ebaleka uNgwadi ephindela kwaMthethwa eseyotshela iNkosi uDingiswayo ukuthi, useyibulele iNkosi uSigujana. INkosi uDingiswayo yase ikhipha ibutho leZichwe elalihlala eMangweni, wakhipha neNhlangano beholwa nguNgomane kaMqomboli kaTshana kaSode kaNgubo Mdletshe.

Bafika iLembe lithukuthele kwaZulu, bangena kwaNobamba obambe amadoda. Kwathi uMntwana uMudli kaNkwelo walibona kuqala, kwazise phela uMntwana uMkabayi wayeligcine liselincane, liselusa izinkomo zeNkosi uSenzangakhona, lahamba seliyeke izinja zadla imvu. Lafika iLembe labanemibuzo eyayibheke kuMntwana uMudli kaNkwelo, eyaholela ekubulaweni kwakhe uMntwana uMudli wacela ukuhamba ngeJozi enqaba iwisa. Lase libuthatha ubukhosi iLembe, kuthe selibusa. INkosi uZwide yase ibulala uMalusi kaManukuza Nxumalo, kuthe iNkosi uDingiswayo engayobuza kwaNongoma ngokubulawa kwakhe nayo yanqunywa. INkosi uZwide yase icela ukuganiselana nalo iLembe. Lenqaba, lathi ngeke liganiselane nomthakathi uNtombazi. Lokhu kwamdina kakhulu okaLanga. ILembe lase liqedile ngeNkosi uMondisa kaJobe Mthethwa owathatha ubukhosi emva kokukhothama kweNkosi uDingiswayo. INkosi uMondisa iLembe liyigasela nje, yingoba, yayibulala iziNduna ezazifuna ubukhosi buthathwe zingane zeNkosi uDingiswayo esikhundleni sakhe. Wase ebaleka uNgomane kaMqomboli Mdletshe, elibhekisa kwaZulu.

Lapho wafika wabikela iLembe ngesenzo seNkosi uMondisa kaJobe, iLembe lase liyiphaka, iholwa nguNdlela kaSompisi Ntuli, iNtontela, lafika lachitha okaJobe, latha oNdlunkulu bakhe oSogidi noNompiva, iLembe labanikeza uNdlela kaSompisi Ntuli, uNompiva wazala uMavumengwana kaNdlela, uSogidi wazala uMpumela kaNdlela. UMpumela kaNdlela, uyena owathatha ubukhosi emva kokukhothama kukamfowabo oNdini kuhlasela uMntwana uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa Zulu, lapho kwasala iqhawe uNobiya kaSotobe kaMphangalala Sibiya, uMntwana uHayiyana kaMaphitha Zulu, uGodide kaNdlela Ntuli namanye amaqhawe ayevimbe impi esangweni oNdini. ILembe lase lithatha amabutho akwaMthethwa liwafaka kulawa akwaZulu, okubalwa kuwo iSifazane esasiholwa nguNohaya kaNgabha kaNsindana Mwandla, iNingizimu iholwa nguMalanda kaVeyana Mkhwanazi, iMini iholwa nguNomadidi kaGugushi Mthembu namanye mabutho akwaMthethwa. Angeza kulawa akwaZulu okubalwa kuwo uDlambedlu liholwa nguZaviyana kaNdlongo Ncwane, uMgumanqa liholwa nguMkhehlengana kaNkomfiya kaNongandaya Ncwane noNdwabili kaGwala kaManyala, iSiphezi liholwa nguNtintinti kaSompisi Ntuli namanye. ILembe lalikhule nezinsizwa ezazizalwa nguNgomane kaMqomboli Mdletshe, oMudwa kaNgomane webutho iHlaba, uMagidi kaNgomane webutho iNdlondlo, uKhazana kaNgomane webutho iHlaba, maningi amanye amaqahwe ayekhule nawo okaSenzangakhona, nab'oMapholoba kaNgomane webutho iZinyosi. ILembe alikaze lihlangane noDonda weziZiba mhla kukhotheme iNkosi uSenzangakhona, akuwona umlando oqondile osho lokho.

Ngoba lowo mlando, uthi, iLembe lathatha ubukhosi iNkosi uDingiswayo isikhotheme kwaMthethwa, futhi uyakucisha ukuthi iNkosi uSigujana yakhothama ngezwi leNkosi uDingiswayo. Awucacisi kahle lowo mlando ukuthi iLembe lalingayo lila kanjani kwaZulu ngokukhothama kweNkosi uSenzangakhona ngoba, lalingamuthandi uyise. Futhi kuhlanganiswa isu lokudlisa iNkosi uSenzangakhona oYengweni lali vele lingenayo inkinga nalokho. Yilona nayo iNyanga uHubhu kaBhejane Mpanza kanye neNkosi uDingiswayo noNgwadi kaGebdeyana abahalanganisa lelosu. Kuthe ingakhothama iNkosi uDingiswayo, iNkosi uZwide yase iqala umshikashika neLembe. Kwabazinkani zababili. ILembe lase liwaphethe amaqhawe, kodwa amaningi asala empini yakwaNomvemve okubalwa kuwo iqhawe uHlathi kaNcindi kaNtopho Ntshangase, iLembe libhekene neNkosi uZwide esiwombeni sesibili, lapho iLembe lagwaza kwazwela kwaNongoma.

Amakhosi akwaZulu
Umanduleli- :
Senzangakhona
Isikhathi
1816–1828
Umelami- :
Dingane
  1. Morris 1994, p. 107.
  2. "History of Shaka (Tshaka), King of the Zulu". bulawayo1872.com. Kulandwe ngomhlaka 15 September 2014.