ISiqiwu Esequmngcele SaseRichtersveld/ǀAi-ǀAis

ISiqiwu Esequmngcele saseRichtersveld/ǀAi-ǀAis siyisiqiwu sokuthula esigudla umngcele weNingizimu Afrika neNamibia. Sakhiwa ngowezi-2003 ngokuhlanganisa iSiqiwu Sezinyamazane Semithombeshushu-saseNamibia/ǀAi-ǀAis kanye neSiqiwu Sikazwelonke saseRichtersveld esiseNingizimu Afrika. Ingxenye enkulu yesiqiwu saseNingizimu Afrika iyingxenye yesivimbelo seSiza Sefagugu Lomhlaba esiyiSindlalozwe Sezimila Nesiko sase-Richtersveld, esilinganiswa ngamakhilomitha skwele- ayizi-5,920 (2,290 sq . Umgwila Womfula Wenhlanzi (Fish River Canyon), ongumgwila omkhulu kunayo yonke e-Afrika, utholakala kulesu siqiwu.[1] Isivumelwano sokuqondisisa sacikicwa mhla zili-17 August 2003 ngumongameli waseNingizimu Afrika nowaseNamibia, esagunyaza ukusungulwa kwesiqiwu kube semthethweni.[1] Elithi ǀAi-ǀAis yigama kolimi laBathwa isiKhoekhoe, futhi lisho umlilo, okusho ukuthi 'umlilo oshisayo' noma 'umlilo ohangulayo, laqanjwa ngemithombo eshisayo enegama elifanayo.[2]
Amalungiselelo ezivakashi e-Sendelingsdrift avulwa ngowezi-2007 ukuze avumele izivakashi kanye sendawo ukuba zihambe phakathi kweNamibia neNingizimu Afrika ngaphakathi kwemingcele yesiqiwu. Amahhovisi okufuduka amiswa ezinhlangothi zombili zoMfula i-Orange. Saziwa nangokuthi siyindawo yenkithinkithi yeziphili, okusho ukuthi isongelwa njalo ngokuhlaselwa abantu.[1]
AmaNama
[hlela | Hlela umthombo]AmaNama angabantu abasatholakala esifundeni. Bangabantu abaziwa ngokwalusa imihlambi Izindawo ngezindawo, ngalokho indlela yabo yokuphila isifanelo indawo. Abelusi nemihlambi yabo bahlezi bebonakala behamba amabanga amade ukuyofunda amadlelo namanzi njengoba imvula inqabile endaweni. Ulimi lesiNama nalo luyalondolozwa kulendawo njengoba imiphakathi yamaNama ibumbene kulendawo ukwedlula ezinye.[1]
Isimo sezulu
[hlela | Hlela umthombo]Lesi siqiwu esibizwa |Ai-|Ais/Richtersveld sinezimisi ezimbili zesimo sezulu. Sinesifunda semvula yasebusika ekahle equkethe umsakamo womoya ophezulu, okuphambana namazibgakushisa aphezuluezimvula zasehlono Kodwa ezinomsakwama ngaphakathi ezweni.[3] Lesi simo sezulu esiphambanayo sinendawo yoguquko ebgamakhilomitha angama-20.[3]

Isindlalozwe
[hlela | Hlela umthombo]Indawo jikelele iqukethe imifunda emagoxigoxi nezintaba eziphakeme. Umhlaba uqinile, kuyilapho amanzi elivela kancane, umoya ugcinwa uswakeme yinkungu yasekuseni. AmaNama ahlala endaweni abizwa inkunfi evela kulwandlekazi Atlantikhi ngokuthi ‘Ihuries’ nona ‘Malmokkies’.[4] Isiqiwu sibhekwa njengohlelomoiliswano olukhulu noluyingqayizivele emhlabeni. Endaweni eyikhilomitha skwele- elilodwa kungatholakala imiqhinqa yezitshalo ezihlukene ezingama-360 kuleyondawana zonke ezithola imvula encane ngokwesilinganiso samamilimitha angama-68 ngonyaka.[3] Izimila zeSiqiwu Esequmngcele se- |Ai-|Ais/Richtersveld sinezitshalo ezingatholakali kwesinye Izindawo.[4] [1]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- 1 2 3 4 5 "ǀAi-ǀAis/Richtersveld Transfrontier Park". South African National Parks. Kulandwe ngomhlaka 12 September 2026.
- ↑ Raper, Peter E. (1987). Dictionary of Southern African Place Names. Internet Archive. p. 54. Kulandwe ngomhlaka 18 November 2024.
- 1 2 3 South African National Parks. Accessed: 15 October 2018[dead link]
- 1 2 SA Places. Accessed: 15 October 2018[dead link]