ISiqiwu Sexhaphozi iSimangaliso
| ISiqiwu Sexhaphozi iSimangaliso | |
|---|---|
|
Amaxhaphozi aseSt. Lucia | |
| Indawo | KwaZulu-Natal, South Africa |
| Isidlavela esiseduze | Durban, South Africa |
| Izinkombandawo | 27°39′S 32°34′E / 27.650°S 32.567°ECoordinates: 27°39′S 32°34′E / 27.650°S 32.567°E |
| Ibangandawo | 3,280 km2 (1,270 sq mi) |
| Isungulwe | 1895 |
| Indikimba ebusayo | Isiphathimandla saseSimangaliso |
| Uhlobo | Natural: (x)(vii), (ix), (x) |
| Amaphatho | 914 |
| Ukwamukelwa | 1999 (Template:Ordinal Session) |
| Isizindalwebu | http://www.isimangaliso.com/ |
Isiqiwu Sexhaphozi iSimangaliso sitholakala othungulu olusempumalanga yeKwaZulu--Natali, eNingizimu Afrika, siqhele ngamakhilomitha angama-235 enyakatho yeTheku ngomgwaqo. Yindawo yesithathu ngobukhulu evikelwe eNingizimu Afrika, ehlanganisa amakhilomitha angama-235 othungulu lolwandle, kusukela emngceleni waseMozambique enyakatho kuya eMapelane eningizimu yechibi i-St. Lucia, futhi yakhiwa amakhilomitha ayizi-3,280 yezindawo ozhlelompiliswano lwemvelo, ephethwe yiSiphathimandla saseSimangaliso.
Lesi siqiwu ngaphambilini sasibizwa ngokuthi iGreater St. Lucia Wetland Park, kodwa saqanjwa kabusha mhla zilu-1 kuNovemba 2007. Igama elithi isimangaliso lisho "isimanga" noma "into emangalisayo" ngesiZulu . Leli gama lavela ngenxa yokuthi isikhonzi sikaShaka sathunyelwa ezweni lamaTsonga. Lapho ebuya wachaza ubuhle abubona njengesimangaliso.
Isiqiwu sihlanganisa:
- Ichibi iSt. Lucia
- Isiqiwu sase-St. Lucia
- Isiqiwu seChweba iFalse Bay
- Ichweba i-Kosi Bay
- Isiqiwu Sokulondoloza Imvelo seChibi Eteza
- IChibi Sibhayi
- Isiqiwu solwandle iSt. Lucia
- Indawo evikelwe yasolwandle i-St. Lucia
- Isiqiwu Sikazwelonke seChweba iSodwana Bay
- Isiqiwu semvelo saseMapelane
- Indawo Evikelwe Yasolwandle YaseMaputaland
- ICape Vidal
- Ozabeni
- eMfabeni
- Indawo Yasehlane YaseTewate
- Isiqiwu saseMkuze
Iziqiwu ezingaphandle
[hlela | Hlela umthombo]Lezi ziqiwu ziyingxenye yesiqiwu sasolwandle esinqamula umngcele, iPonta do Ouro-Kosi Bay Transfrontier Conservation Area, enqamula iNingizimu Afrika, iMozambique, kanye ne -Eswatini . [1] Indawo yokulondolozwa kolwandle ifakiwe eGreater Lubombo Transfrontier Conservation Area . [2] [3] [4] [5]
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]
Kuze kube ngowe-1895, leli chweba laliyikhaya labantu abangamaTsonga kanye nesibaya sabo sezinhlanzi samaTsonga. Leli kwakuyikhaya lokuqala nelemvelo labantu abangamaTsonga abahlala lapha iminyaka engaphezu kwe-1000. Umlando ovela kumatilosi okuqala asePutukezi akhomba kahle le ndawo kanye nezindawo eziseningizimu ezazihlalwa ngabantu abangamaTsonga. Le ndawo yayaziwa nangokuthi iTembeland noma iThongaland kodwa igama layeka ukusetshenziswa cishe ekuqaleni kwawo-1900. Indawo yayibuswa yigatsha lamaTsonga lamaVahlangananu (abakwaTembe). Isithunywa sevangeli saseSwitzerland, uMfundisi uHenri-Alexandre Junod (owaziwa ngokuthi u-HA Junod), wenza ucwaningo lwenzululwazi nolwe-ethnographic lwabantu bamaTsonga ekuqaleni kwawo-1890 futhi wakhiqiza ibalazwe eliningiliziwe, elikhombisa ukuhlala kwabantu abangamaTsonga bakwaTembe kuleli chweba. UJunod wabonisa ebalazweni lakhe ukuthi le ndawo yaziwa ngokuthi iTembeland nokuthi isiqongo sakwaTembe sayitholakala echwebeni laseSt Lucia, nokuthi ngowe-1906, abantu bamaTsonga bahlala ezweni kusukela eSt Lucia kuya eValdezia esifundeni saseSpelenkon esifundazweni saseTransvaal, esaziwa namuhla ngokuthi iSifundazwe saseLimpopo . I-St Lucia bay kanye ne-Maputo Bay kuyindawo eyodwa futhi kungokwesizwe samaTsonga, imizi yamaTsonga yakhiwa kusukela e-St Lucia bay kuze kube se-Maputo futhi yayingahlukaniswanga yinoma yiluphi uhla lwemvelo. Eduze neSt Lucia, induna ebusayo kwakungumndeni wasebukhosini wakwaTembe, kanti eduze neMaputo, isigaba esibusayo kwakungumndeni wasebukhosini waseMaputo, bonke abangabegatsha lamaVahlanganu labantu bamaTsonga. EMaputo nasezindaweni ezizungezile kanye nase-St Lucia bay (Tembeland), ulimi olukhulunywayo isiRonga, okusho ngokweSithunywa Sevangeli saseSwitzerland, uMfu HA Junod, okungelona ulimi oluzimele kodwa ulimi lwesigodi lwesiTsonga ngenxa yokufana kwalo.

ISt. Lucia yaqanjwa okokuqala ngowe-1554 ngokuthi Rio dos Medos do Ouro (okungenjalo Rio dos Médãos do Ouro — UMfula Wezindunduma Zegolide ) [6] [7] ngabasindile emkhunjini wasePortugal iSaint Benedict. Kulesi sigaba, umlomo woMfula uThukela kuphela owawaziwa ngokuthi iSt. Lucia. Kamuva, ngowe-1575, uMfula uThukela waqanjwa ngokuthi uThukela. Ngomhlaka-13 Disemba 1575, usuku lomkhosi kaSanta Lucy, uManuel Peresterello waqamba kabusha indawo yomlomo womfula yaba yiSanta Lucia.
- Ngowe-1822, iSt. Lucia yamenyezelwa ngabaseBrithani njengenxuluma.
- Ngowe-1895, iSt. Lucia Game Reserve, engamakhilomitha angam30 enyakatho yesidlidli yamenyezelwa.
- Ngowe-1971, iLake St. Lucia kanye nothungulu lofudu kanye neMiyangi kamangijane easeMaputaland kufakwe ohlwini yi-Convention on Wetlands of International Importance ( Ramsar Convention ).
NgoDisemba 1999, lesi siqiwu samenyezelwa njengeSiza Sefagugu Lomhlaba ye-UNESCO emcimbini wokwembulwa kwaso, lapho uNelson Mandela ayeyisimenywa esihloniphekile. Ngowe-2025, indawo engaphansi kwegama lefagugu yandiswa ukuze ifake iSiqiwu Sikazwelonke saseMaputo saseMozambique engumakhelwane. [8]
Inkithinkithi yeziphili
[hlela | Hlela umthombo]
Isiqiwu samenyezelwa njengesiza Sefagugu Lomhlaba ngenxa yokunotha nenkithinkithi yempilo, nohlelomoiliswano oluyingqayizivele nobuhle bemvdlo obusendaweni encane. Isizathu sobuhle nenkithinkithi yezitshalo nezilwane okwehlukahluka kohlelompiliswano olusesiqiwini, kusuka kwimiyambi yomangijane nezihlabathi zothungulu bamahlathi ezindunduma namaxhaphozi.
Isiqiwu siyikhaya lezingwenya ezili-1,200 nezimvubu ezingama- 800.
NgoDisemba wezi-2013, ngemuva kweminyaka engama-44 engekho, amabhubesi aseAfrika abuyiselwa esiqiwini iSimangaliso.[9]
Kukhona nemiqhinqa engama-24 yamantombazane eqoshiwe eChibi iSt. Lucia, eziyingxenye enkulu yesiqiwu.[10]


Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Cole, Barbara (21 Oct 2009). "Transfrontier marine park a first". Independent on line (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2020-04-06.
- ↑ "Lubombo". Peace Parks Foundation (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2020-04-07.
- ↑ South African Department of Environmental Affairs. "Agreement on Lubombo Transfrontier Conservation Areas". Archived from the original on 8 August 2020. Kulandwe ngomhlaka 7 April 2020. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "Conservation Grant Flows to Africa's 'Miracle,' iSimangaliso Wetland Park". www.ens-newswire.com. 5 April 2010. Kulandwe ngomhlaka 2020-04-07.
- ↑ "Transfrontier Conservation Areas - Swaziland National Trust Commission". www.sntc.org.sz. Archived from the original on 11 August 2020. Kulandwe ngomhlaka 2020-04-07. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Gomes de Brito, Bernanrdo (1735). HISTORIA TRAGICO-MARITIMA Em que se escrevem chronologicamente os Naufragios que tiveraõ as Naos de Portugal, depois que se poz em exercicio a Navegação da India, Volume 1 (PDF) (in isi-Portuguese). Lisbon: Officina da Congregação do Oratorio. p. 109. Archived from the original (PDF) on 11 November 2014. Kulandwe ngomhlaka 11 November 2014. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Xavier Botelho, Sebastião (1835). Memoria estatistica sobre os dominios portuguezes na Africa Oriental, Volume 1 (in isi-Portuguese). Lisbon: Typ. de José Baptista Morando. p. 77. Kulandwe ngomhlaka 11 November 2014.
- ↑ "Maputo National Park in Mozambique has been named a World Heritage site". The Macao News (in i-English). 2025-07-15. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-16.
- ↑ "Lions return to iSimangaliso in memory of Mandela". africageographic. Kulandwe ngomhlaka 2 December 2023.
- ↑ Nel, H. A., Perissinotto, R. & Taylor, R. H. 2012. Diversity of bivalve molluscs in the St. Lucia Estuary, with an annotated and illustrated checklist. African Invertebrates 53 (2): 503-525.[https:/http://www.africaninvertebrates.org.za/Nel_etal_2012_53_2_569.aspx "Bivalvia from St Lucia Estuary"] Check
|url=value (help). Kulandwe ngomhlaka 2012-11-14.