ISweetwaters
ISweetwaters yindawo etholakala entshonalanga bude buduze nesidlavela uMgungundlovu engaphansi kukaMasipala uMsunduzi.
Ukuqanjwa kwayo
[hlela | Hlela umthombo]Kuningi okushiwoyo mayelana nokuqambeka kwegama Lake ndawo. Abanye bathi kungenxa yokuthi amanzi akulendawo ayemnandi ngendlela ongajwayelekile abamhlophe abafika owokuqala kulendawo bezisikela amaplazi bayiqamba ngokuthi iSweetwaters.
Omunye umlando oxoxwa yizazi zasendaweni uveza ukuthi umuntu owaqamba lendawo ngaleli gama kwabe kunguFata wamaRoma uHenley Bond. Lomlungu kuthiwa wayezalwa emndenini owabe unamapulazi amaningi ayeqanjwa ngokuthi 'Sweetwaters' ngisho naseNtshona-Kapa likhona ipulazi elibizwa ngaleli gama. Kuthiwa wathi angaba nesabelo sakhe naye sepulazi wasiqamba ngokuthi 'Sweetwaters' elondoloza ifagugu legama lamapulazi omndeni wakubo.
Ngaphambi Kokufika kwabamhlophe
[hlela | Hlela umthombo]Ngaphambi kwesikhathi esaziwa ngokuthi iMfecane, zindawo eziningi esezingaphansi kwaMasipala wesiFunda UMgundundlovu,okubandakanya nayo iSweetwaters zabe zingaphansi kwezizwana eziningi eziyamaniswa namaDebe. Kuyavela emlandweni ukuthi lezi zindawo zazakhelwe amaWushe, amaZotsha, abaThwa njalo njalo.
Ngasekuqaleni kwesikhathi seMfecane indawo osekuyisidlavela uMgundundlovu namuhla kuyavela ukuthi babe ingaphansi kweNkosazane yakwaZondi uMachibise owabe enobudlelwano obuthile neNkosi uMadzikane wamaBhaca. Akunasiqiniseko ukuthi indawo eyabe ibuswa yileNkosazane have ifinyelela yini la osekuyiSweetwaters khona.
Ngenkathi ziya ngokudlonga izimpi zombango wezwe izizwana eziningi zafudukela eningizimu izindawo zazo bagcina sezidliwa wubukhosi baseNhlangwini buholwa uNombewu kaGansa. Ingxenye enkulu yeSweetwaters uNombewu wayinika abantu bakwaMbanjwa ababebalekela izimpi zikaZulu. Kukhona umlando othi intaba iMbubu yaqanjwa ngendlu yakwaMbanjwa ayayiqanjwe ngesehlo sabo sokubhubuzwa yizimpi zikaZulu.
Ngesikhathi sokubusa kukaFodo kaNombewu eNhlangwini ingxenye enye yeSweetwaters yanikezwa abantu amaMpumuza ayeholwa yiNkosi uNobanda ozala uTetelegu. INkosi uTetelegu yaduma kakhulu kangangokuba iSweetwaters take umabizwa ngaye, kuthiwa kuKwaTetelegu.