IYerusalem
iYerusalema liyidolobha elisezintabeni zakwaJudeya ngaphakathi kweLwandle Meditariyamu neLwandle eliFileyo eNingizimu Levanti. Izizwe zakwa-Israyeli nakwaPalestina azivumelani ngobunikazi balelidolobha. Lokhu kungavumelani kwenza ukuthi nezinye izizwe ezinganamalunga Wenhlangano Yezizwe Ezihlangeneyo ukuthi zingabonani ngasolinye ngobunikazi balelidolobha.
Lelidolibha lingcwele ezinkolweni ezintatu eziqhamuka ku-Abrahamu: Ubukristu, Ubusulemani, nobuJuda. Ebhayibhelini kulotshiwe ukuthi lelidolobha lwaluyisiqonga soMbuso wase-Israyeli noMbuso waseJudeya lapho khona uDavide, inkosi yokuqala yamaJuda nomsunguli woMbuso wabo wakha umuzi wakhe nethempeli likaNkulunkulu, uYahweh. Abakhristu bakholelwa ekutheni lelidolobha lingcwele ngokuba uJesu Kristu, umsunguli wenkolelo yabo wayenzwa isihlatshelo sezono zabantu ngokubulawa ngokubethelewa esiphambanweni. Amasulemani akholwa ukuthi lelidolobha lilandela izidolobha zaseMedina naseMekha ngobungcwela ngenxa yokuthi umProfethi uMuhamed (ukuthula makube kuyena) wenyukela ezulwini ukukhuluma noNkulunkulu u-Allah uqobo.
Osolwazi besimanje bezomlando bathi lelidolobha lalakhiwe izizwe zabalusi abazulayo bamaKhanani ababehlala kulendawo, lawela ezandleni zama-Israyeli (elinye lezizwe zamaKhanani) abaziwa ngokuhamba kwesikhathi njengamaJuda. Ekuhlaleni kwabo kulelidolobha, bebahlaselwa yizizwe ezahlukene njengama-Asyriya, amaBhabiloni, namaRoma. Emuva kwokuhlukana kombuso wamaRoma, lelidolobha lawela ezandleni zamaSulemani, kuqala ngama-Umayadi kuyela ama-Usimane. AmaNgisi wabahlula amaUsimane, lelidolobha (noMhlaba Wonne waseDuze Mpumalanga) lwalungaphantsi kwoMbuso Ohlangeneyo ngemvumo yeLeague of Nations (Umfelandawonye yeZizwe).
Ngenxa kokubulawa ngobuningi kwamaJuda eJalimani nezinye izizwe eYurophi lelidolobha lanikezwa ngamaNgisi njengendawo lapho amaSulemani namaJuda angahlala kuwo. Ngenxa yezimpi, kakhulu Impi Yezintsuku Eziyisithupha, i-Israyeli yakhona ukubusa indawo yonke yaseYerusalema noma amaPalestina balifuna nabo. Izikhungo zombusazwe zakwa-Israyeli zihleli eYerusalemi njengoMengameli, uNdunankulu, isishayamthetho esibizwa iKhenesethi, neNkantolo ePhakeme. Futhi ezinye izikhungo ezibalulekile ku-Israyeli njengeNyuvesi yamaHebheru, neMuziyamu yaseIsrayeli zilana. Futhi, izindawo ezingcwele kwezinkolweni ezintatu zaka-Abrahamu zilana: iQhugwane leDwala ne-Al Aqsa Mosque (kumaSulemani), iDonga laseNtshonalanga (futhi laziwa njengeDonga Lesililo, kumaJuda) neSonto leThuna eliNgcwele (kumaKristu).
Kunenani labantu abacishe babeyisigidi kulelidolobha: iningi elindlula amaphesenti amashumi ayisithupha ngamaJuda, amaphesenti angamashumi amane ngamaSulemani, kubekhona imiphakathi emincane yamaKristu. Ngenxa yokuthi izinkolelo ezinkulu ezintatu zikholelwa ebungcweleni balelidolobha, laziwa njengeDolobha Elingcwele.