Jump to content

Ibele nesibele

Kubuya ku Wikipedia
Ibele nesibele

Isakhiwo samabele somuntu wesifazane, ingono, ingungangono eblni elikwesokudla

Izibele zomuntu wesilisa
Details
Umnqonqo Umnqonqo ophakathi kogaga
Umthambo Umthambo ophakathi kogaga
Amagama omhlakahlo

Amabele nezibele ayizimpawu ezimbili ezivelele ezitholakala esifundeni esingaphezulu sesisu somzimba kubantu nakwezinye izilwane ezincelisayo. Abesifazane bakhula amabele, abesilisa bakhula izibele, okuyizicubu ezifanayo zombungu . Ubungako kanye nokukhula kwamabele nezibele kuyisici esibalulekile sokuhlukanisa ubulili phakathi kwabesifazane nabesilisa. Kukhona futhi ukwehluka okukhulu ngobungako phakathi kwabantu ngabanye. Ukukhula kwamabele nezibele okuhlala njalo ngesikhathi sokuthomba noma sevuka kubangelwa ama-estrogen kanye namachichowyokukhula . Abantu besifazane yibo kuphela izilwane ezincelisayo ezikhula unomphela amabele ngesikhathi sokuthomba; zonke ezinye izilwane ezincelisayo zikhula izicubu zazo zokuncelisa ngesikhathi sokugcina sokukhulelwa .