Jump to content

Ibheshu

Kubuya ku Wikipedia

Ibheshu liyimvunulo eyakhiwe ngesikhumba senkomo kumbe esembuzi,sibhingcwa abantu besilisa(obaba kanye nezinsizwa) ngokwesiko lesiZulu.

Libaluleke ngani KwaZulu?

[hlela | Hlela umthombo]

Endulo zingakafiki izimpahla esezigqokwa manje KwaZulu kwakusetshenziswa kakhulu izikhumba ukuze abantu bagqoke bafihle imizimba yabo.Omama bona babebhingca izidwaba,izintombi zibhingca izigege kanti izinsizwa nobaba babebhinca wona phela amabheshu.Yayithi uma isibhincile insizwa yakwabo izigqaje ngobuzwe bayo phela le mvunulo iwuphawu lwesithunzi,ubudoda kanye nokuzigqaja ngamasiko.

Lesi sithombe sikhombisa abantu besilisa ababhince okuthi akufane nebheshu

Kwahamba kwahamba-ke izinto zashintsha emihleni esiphila kuyo nje abantu besilisa abasaligqoki uma bezihlalele nje ibheshu baligqoka uma kunemigubho ethile noma kwenziwa amasiko[1].Njengokuthi nje uma kuhlatshiwe noma uma umuntu wesilisa eshadelwa njll.Uma sebewabhingcile lamabheshu bayaye basine, bagiye,batshakadule kuhle kwamathole.Ibheshu aliyona into abayigqokayo nje iwuphawu olwenza amadoda akwaZulu ahluke kwezinye izizwe.

Usuyaye ubone ngisho ikhehla elidala elidindolozelayo ligxatha kabili kathathu ligiya phela lisuke liziqhenya ngobuzwe balo uma sebewabhincile amabheshu kuvuka usinga.

Imithombo Yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ AMASIKO NOBUNGCALI BAKWANTU. Mwanaka Media and Publishing Pvt Ltd. 2024-01-23. pp. 9–11. ISBN 978-1-77933-174-8.