Jump to content

Ibhola likanobhutshuzwayo

Kubuya ku Wikipedia
Umgadli (Isikibha esibomvu) ulungela ukubhubuza ibhola liyongena phakathi kwezinti, ubhekwe abavili nonozinti
Ebholeni, inhloso ebalulekile yabalandeli ukukhuthaza iqembu labo phakathi nomdlalo

Ibhola likanobhutshuzwayo (noma ibhola elibhutshuzwayo) elaziwa nangokuthi ibhola lezinyawo liwumdlalo weqembu odlalwa amaqembu amabili anabadlali abayi-11 ngalinye abasebenzisa izinyawo zabo ukuze baphokozise ibhola enkundleni.

Impokophelo yalomdlalo ukufaka amanqaku amaningi kunaweqembu okudlalwa nalo ngokuthi ibhola likhahlelwe lize liyokweqa emgqeni wezinti zeqembu elizama ukuzivikela. Ngokwenjwayelo, umdlalo udlalwa imizuzu engama-45 isiqephu ngasinye kwezimbili, eziba umdlalo wemizuzu engama-90 usuphelele. Kunabadlali abangaba yizigidi ezingama-250 emazweni angama-200, futhi lona ngumdlalo onesibunge uMhlaba wonke.

Ibhola likanobhutshuzwayo lidlalwa ngokwemithetho yomdlalo, okuyiqoqo lemithetho esetshenziswayo kusuka ngonyaka we-1863 futhi inakekelwa iBhodi Lenhlangano Yebhola Lezinyawo Yamazwe (IFAB) kusukela ngowe-1886. Lo mdlalo udlalwa ngebhola eliyindingilizi. Lapho kudlalwa ngebhola, abadlali basebenzisa izinyawo zabo ngokuyinhloko, kodwa nezinye izingxenye zomzimba ziyasebenza, ngaphandle kwezandla nezingalo, ukuze balawule noma badukluze ibhola, noma balidlulise; ikhanda, isifuba; amathanga nawo avame ukusetshenziswa. Unozinti kuphela okufanele asebenzise izandla nezingalo, kodwa kuphela endaweni yenjezo yakhe.

INhlangano yamazwe elawula lomdlalo olibizwa FIFA. Ngaphansi kweFIFA, kunezinhlangano eziyisithupha zamazwekazi: iNhkangano Yebhola Yase-Ashiyan (AFC), iNhlangano Yebhola yase-Afrika (CAF), kanye i-CONCACAF, i-CONMEBOL, iNhkangano Yebhola Yaseziqhingini (OFC), neNhlangano Yebhola yaseYurophu (UEFA). Izwe ngalinye libuye libe neNhlangano ephatha umdlalo kanobhutshuzwayo kulelo zwe, kokubili kwabayizingcwepheshi namavukane, futhi iyona egqugquzela imincintiswano ngokuvumelana nemithetho yomdlalo. ENingizimu Afrika, iNhlangano elawulwa ibhola likanobhutshuzwayo ibizwa SAFA. Umncintiswano wamazwe omkhulu ubizwa Indebe Yomhlaba yeFIFA. Futhi Indebe Yomhlaba yabesilisa iwumqhudelwano obukwa ukwedlula eminye emhlabeni, wedlula ngisho nemidlalo yama-Olimphikhi.[1]

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi ibhola likanobhutshuzwayo lisho ukuthi ibhola elibhutshuzwayo, Isenzo sokubhubuza yisona esenziwa ebholeni. Ngokwesichazamazwi sikaVilakazi elithi bhubuza livela kusenzukuthi esithi bhubu, esinezincazelo ezihlanganisa 'ukuhlwitha' njengalapho Uklebe luhlwitha ichwane. Okwesibili lisho ukweba, ngokuhlwitha noma ngenye indlela.[2] Ngakho ukubhubuza kusho ukuthatha into komunye ngokushesha. Emdlalweni webhola lezinyawo, ibhola ilona elibangwayo, yilona elibhutshuzwayo. Amaqembu ayaqhudelana ngokulilawula, elinye lifuna ukulihlwitwa noma ukubhubuza ibhola kwelinye, lisebenzisa izinyawo, ukuze likwazi ukuyoleqisa umugqa wezinti, bese lithola inqaku.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "2002 FIFA World Cup TV Coverage". FIFA. 5 December 2006. Archived from the original on 14 March 2005. Kulandwe ngomhlaka 6 January 2008. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 48.